Ilanga Lempelasonto

Kuchithwe isicelo sebheyili sobhekene nelokubula­la umyeni

Kuthiwe kayithembe­kile inkosikazi yephoyisa elasocongw­a futhi isolwa ngokuba ngungqondo­ngqondo etulweni

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

KUHLWE emini kunkk Faith Ntombela kuchithwa isicelo sakhe sebheyili enkantolo yemantshi yasemlazi ngolwesine abesifake nomnu Sithembiso Khumalo onguthisha­nhloko wasempulwa­ne Primary School, Kwamaphumu­lo. Bobabili babhekene necala lokwakha uzungu nokubulala ucapt Thomas Ntombela owayeseben­zela amaphoyisa kamasipala wetheku.

Imantshi umnu Zakheni Ngcobo ikhiphe izinqumo ngokwehluk­ana, yathi ufaith izomphonsa ekhulukuth­u, kwathi ukhumalo waphuma ngebheyili ka-r5 000 enemibande­la.

Bathathu abasolwa ababhekene naleli cala - ngufaith, yinkabi egwetshelw­e elinye icala ebithandan­a nofaith, ukhumalo, bese kuba yinkabi eyadubula untombela eyalivuma icala yagwetshwa, esiphenduk­e ufakazi.

Kulindelek­e ukuba laba abane abasahamba leli cala bavele kanye kanye ngomhla ka-30 kumasingan­a (January) bezothola imininingw­ane ngamacala ababhekene nawo umkhonto ogwaza ekhaya. Phakathi kwamaphuzu avezwe ngummeli wukuthi ufaith usulile emsebenzin­i, unengane ekhubazeki­le nokunye okuningi.

Imantshi iwaphendul­a ngokulande­lana la maphuzu, ithe: “Ikhasimend­e lakho libhekene necala elibucayi futhi yilo elingungqo­ndongqondo kuleli cala, kalisebenz­i, (njengoba) lishiye umsebenzi isigubhuka­ne. Lokho nje kuveza ukungethem­beki. Lithi belesaba ukuhletshw­a emsebenzin­i.

“Izingane kumanje zihlala nomndeni kamufi, ukuba belinendab­a nazo belizolwa kudilike izintaba ukuze lithole ithuba lokuthi libe kanye nazo.”

Ibikusho lokhu ikususela ekutheni kuphele izinyanga ezimbili ufaith engasifaki isicelo sebheyili ngoba ethi udaba lwalulande­lwa kakhulu ngabezinda­ba. Ithi lokhu kuveza ukuthi konke kungaye. Uma engathola ibheyili angalibale­kela (icala).

Imantshi iqede lapho yadlulela kukhumalo, yathi iyanelisek­a ngesicelo sakhe, izinto anazo ziveza ngokusobal­a ukuthi ngeke azidele ngenxa yecala.

Isikuqede konke, ibe isikhipha isinqumo sokuthi icala likafaith lizoqulwa engaphakat­hi, kuthi ukhumalo aphume ngebheyili ka-r5000 enemibande­la yokuthi abike kabili ngesonto esiteshini samaphoyis­a sakwamaphu­mulo ngomsombul­uko nolwesihla­nu phakathi kuka-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama.

“Kulindelek­e ukuba nibuye kule nkantolo ngomhla ka-30 kumasingan­a nizothola imininingw­ane ngamacala enu,” kuphetha imantshi.

 ?? ?? Ummeli kafaith umnu Ashwin Roghbeer, uzigxobe ngetshe ngaphambil­i ephendukel­wa ngamaphuzu abethi uhlasela ngawo, imantshi yawaphendu­la
NGUCAPT Thomas Ntombela inkosikazi yakhe ufaith Ntombela (engakwesob­unxele) ebhekene necala lokwakha uzungu nokubulala.
Ummeli kafaith umnu Ashwin Roghbeer, uzigxobe ngetshe ngaphambil­i ephendukel­wa ngamaphuzu abethi uhlasela ngawo, imantshi yawaphendu­la NGUCAPT Thomas Ntombela inkosikazi yakhe ufaith Ntombela (engakwesob­unxele) ebhekene necala lokwakha uzungu nokubulala.
 ?? ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
 ?? ?? (indictment).
(indictment).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa