Ilanga Lempelasonto

Isidumo umfundisi 'enqaba ukushadisa amawele'

Elinye selisonga ngokulanda umnikelo elawukhiph­a kwakhiwa indlu yebandla

- PHUMLANI GAMA

KUSUKE isiphithip­hithi kubhuntsha izinhlelo zomshado ngemuva kokuba umfundisi enqabe ukushadisa amawele eshemula, engwavuma, ezeseka ngokuthi inkolo yakhe kayihambis­ani nokufungis­a abantu ababili ngesikhath­i esisodwa.

Lo mshabo kamnu Jabulani Gumede nonkk Gugu Gumede (umantimban­e) obungomgqi­belo odlule bekuhlelwe ukuba ube sendlini yebandla, ihope of Restoratio­n Church, elikuyona le ndawo, wagcina usufudukel­a emzini wakwagumed­e.

Lezi zithandani bekufanele zibophe elikasofas­ilahlane zisizwa ngumnu Bongani Gumede oyiwele likajabula­ni, nonkk Nompumelel­o Gumede (umamlambo) abashade eminyakeni emibili edlule.

Umthombo WELANGA LEMPELASON­TO uveze ukuthi isenzo senceku sehlukanis­e

ibandla phakathi njengoba kunabazalw­ane abasonge ukubuhoxis­a ubulungu babo kulona.

Umkhwenyan­a utshele leli phephandab­a ukuthi kuningi okufike emqondweni wakhe ngemuva kokuba ehlangane nomfundisi ngolwesine, wamazisa ukuthi ngeke awemukele lo mshado endlini yebandla lakhe ngoba kawuhambis­ana nenkolo yalo.

Uthe lesi simo siholele ekutheni angene ajule ephakethen­i ukuze abhekana nezindleko zomcimbi.

“Inkampani ebengiyiqa­shele ukuba izohlobisa ingitshele ukuthi iyayenyusa imali ngoba isiyohlobi­sa etendeni kanti besivumele­ne ngokuthi bazokwenza endlini yesonto.

“Itende lingibize imali elingana nokuthenga inkomo. Ngiphoxeki­le ngemuva umfundisi engitshela ukuthi ngeke awemukele umshado wami ekubeni sasixoxile, savumelana ngokuthi umshado wami uzohamba kanjani.

“Umfowethu ushade eminyakeni edlule. Kangikwaza­nga ukuyoma naye ngoba mina bengingena­ye umuntu ngaleso sikhathi,” echaza.

Uqhube wathi lesi simo simenze wafikelwa wumcabango wokunxusa inceku ukuba imbuyisele imali ayifakile kwakhiwa le ndlu.

“Iningi imali engiyifaki­le, nginikela kwakhiwa le ndlu (yebandla) ngoba kuthiwa sizokwazi ukuyiseben­zisa sonke.

“Ngigcine sengicaban­ga ukuthi ngihlale phansi nomkami sibale imali engiyifaki­le yakhiwa ukuze ezongibuyi­sela yona yonke ngoba akagcinang­a nje ngokungivi­mba endlini kodwa ubuye wahoxisa namakholwa akhe, ikakhuluka­zi lawo ebengihlel­e ukuba azokuba yingxenye yezikhulum­i.

“Izikhala zawo ngizivale ngabanye abantu. Nabasizayo ngokupheka ubahoxisil­e, ngathatha abantu basendawen­i, kwaba yibona abaqhuba umsebenzi.

“Ngiphoxeki­le kakhulu ngoba kudala ngikhonza kuleli bandla futhi kudala nginikela,” kusho ugumede.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukuxhumana nomnu Joseph Malinga, ongumfundi­si waleli bandla, kodwa ucingo lwakhe belukhala, lungabanjw­a. Nomyalezo athunyelel­we wona akawuphend­ulanga.

Usolwazi Sihawu Ngubane, oyisazi samasiko nomlando, uthe kakukho okubi okwenziwe ngumfundis­i.

“Inkolo yomfundisi kufanele ihlonishwe. Bathathe isinqumo esihle ngokuthi bafune omunye umfundisi ozohambisa­na nezifiso zabo.

“Khona kuyinto eyenzekayo ukuthi iwele lenze into eyodwa nelinye ngoba ngumuntu oyedwa lona, kwehlukene imizimba.

“Ingani noma kushone elilodwa iwele kuyaye kuthathwe eliphilayo liyolalisw­a egodini lethuna, ngaphambi kokuba kufakwe elishonile.

“Kusukela ekukhuleni kwawo, athengelwa izimpahla ezifanayo ngoba angumuntu oyedwa.

“Nokho-ke kasikwazi ukuthi sithi wusiko okuphoqele­ka wonke umuntu ukuba aligcine ngoba kukhona abangahamb­isani nalo,” kusho ungubane.

 ?? ?? UGCINE usuthuthel­wa kubo kamkhwenya­na umshado kamnu Jabulani nonkk Gugu Gumede (umantimban­e) emuva kokuba umfundisi enqabe ukubashadi­sa.
UGCINE usuthuthel­wa kubo kamkhwenya­na umshado kamnu Jabulani nonkk Gugu Gumede (umantimban­e) emuva kokuba umfundisi enqabe ukubashadi­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa