SITHOLWE EMAKHAZENI ISIDUMBU SONYAMALALE NEMALI YELOBOLO PHUMLANI GAMA
KUSOLWA ukuthi uqale waphuziswa izidakamizwa owesilisa isidumbu sakhe esitholwe emakhazeni, ngemuva kwezinsuku enyamalale nengxenye yemali obekufanele ayovela ngayo ekhweni lakhe.
Kuthiwa umnu Mphakamiseni Msimango (43) wasezihlabeni, olundi, ubegcine ukubonakala ngomhla ka-22 kuzibandlela (December) edolobheni lasevryheid eyohlangana nesithandwa sakhe sasenquthu beyothenga izibizo nezinye izinto ezidingekayo ekhweni lakhe.
Ngokusho kukamnu Sakhile Msimango ongumfowabo kamufi, umndeni unezinsolo eziqinile zokuthi uphuziswe okuthile ngaphambi kokuba abanjwe inkunzi, abulawe. Umufi ushiye isinqandamathe sakhe sizithwele.
“Umfowethu ubesezinhlelweni zokuvela ekhweni lakhe ngosuku lokuphela konyaka. Ngokusho kwentombi yakhe, ngosuku abagcina ukubonana ngalo wayephethe isaka lemali.
“Ithi yona yagibela ilibangise ngakubo enquthu, umfowethu wathi uzohamba ecela ukugitshezwa ezimotweni ezilibangise olundi. Ingxenye yemali yelobolo ibisivele isilungisiwe, sekulindwe lena abanjwe nayo (engaphezulu kuka-r30 000).
“Kuthe uma sibona ukuthi kuhlangana usuku engakabuyi ekhaya, sanquma ukulubika udaba ezinhlakeni ezifanele, sabhala nasezinkundleni zokuxhumana okuyilapho khona sithintwe ngamaphoyisa asegluckstard, enxusa ukuba sifike sizohlonza isidumbu esigcinwe emakhazeni.
“Okwenza ukuthi sibe nezinsolo zokuthi umfowethu uqale waphuziswa izidakamizwa wukuthi noma ngabe ubedakiwe, ubengeke aze akhiphe izimpahla emzimbeni, agcine esele ngesikhindi sokulala ne-vesti.
“Mina ngihlala naye ewitbank. Unyaka wonke ubesebenzela ukuthi uma uphela ayovela ekhweni lakhe njengoba ubeseke wathumela ngenhloso yokuba beyomzwela ukuthi singakanani isitsha somnumzane wakhona kwasikhakhane,” kuphetha umsimango.
Okhulumela amaphoyisa uconst Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa asegluckstard aphenya ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa eceleni komgwaqo ur34, sinamanxeba okulimala emzimbeni.