Ubuchwepheshe empini yobugebengu bokuweliswa kwezimoto ezebiwe
Ungqongqoshe wamaphoyisa uthi ugculisekile ngokubambisana kwezinhlaka zezokuphepha emngceleni
UZWAKALISE ukugculiseka ngokubambisana kwezinhlaka zezokuphepha ekulweni nenkinga yobugebengu obuhlalise lubhojozi umphakathi wasemkhanyakude ungqongqoshe wamaphoyisa umnu Bheki Cele.
Ucele ubehambele emanguzi, Kwamhlabuyalingana, emngceleni owehlukanisa iningizimu Afrika nemozambique, ekosi Bay, ngolwesine ngenhloso yokuqhuba umkhankaso wezokuphepha emingceleni yakuleli.
Ubehambisana nondunankulu wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube nezinye iziphathimandla zikahulumeni.
Ethula inkulumo ucele, uthe kuzokwethulwa uhlelo lobuchwepheshe ukulwisana nobugebengu kule ndawo.
“Okwamanje sigculisekile ngokubambisana kwezinhlaka ezehlukene zezomthetho ekulweni nobugebengu kule ndawo.
“Ngasekuqaleni konyaka, sifike kule ndawo sizongcwaba abantu abadutshulwa ngoba besekhaleni lempi yokulwisana nobugebengu.
“Ngemuva kwalokho, sibe sesithatha isinqumo sokwandisa isibalo samaphoyisa azozinza kule ndawo. Mkhulu kakhulu umehluko osuwenzekile,” kusho ucele.
Unkk Dube-ncube unxuse umphakathi ukuba ubambisane nezinhlaka zezokuphepha ukuze kuqedwe isihlava sobugebengu.
Imeya yasemkhanyakude, umnu Sphile Mdaka, ithe kuyathokozisa ukubona izigilamkhuba zibhekana nengalo yomthetho.
“Ngikhuthaza umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ekulweni nobugebengu ngoba iningi lezigilamkhuba lihlala emiphakathini.
“Kuyathokozisa ukuthi iningi labantu abayanyaniswa nobugebengu basezitokisini, kufanele bashushiswe.
“Yize busekhona ubugebengu bokwebiwa kwezimoto ziweliswe kodwa likhulu ithemba lokuthi buzophela, ngenxa yokuzinikela kwamaphoyisa atshalwe ezingxenyeni eziningi emkhanyakude,” kusho umdaka.