Ilanga Lempelasonto

Kunxuswa ukuzivikel­a ezimvuleni ezimbi

Sekukhishw­e amathiphu angasiza kulesi simo esesishiye kukhalwa emindenini eminingi

- BHEKI NDLOVANA

UHULUMENI uqwashisa umphakathi ngokuthi uqaphele njengoba siqhubeka isimo sezulu esibi ezifundazw­eni ezahlukene, okubalwa kuzona nekwazulu-natal.

Kugqugquze­lwa ukuba abantu bazivikele, bakugweme okungababe­ka engozini.

Esitatimen­deni, unkk Nomonde Mnukwa obambe esikhundle­ni sokhulumel­a uhulumeni kuzwelonke, uthe isouth African Weather Service (SAWS) isikhiphe izexwayiso zesimo sezulu esibi okubalwa ukuduma kwezulu okunamandl­a, umoya ongadala umonakalo nezimvula ezingadala umonakalo ewestern Cape, e-eastern Cape, enorthern Cape, Kwazulu-natal, enorth West nasefree State.

Unkk Mnukwa uthi uhulumeni unxusa izakhamizi kulezi zifundazwe ukuba zithathe izinyathel­o zokuphepha futhi zilandele imiyalelo evela ezikhungwe­ni eziqaphe izinhlekel­ele ukuze zihlale ziphephile.

Ngaphandle kwalokho, ukhumbuza ngamasu okuphepha okumele aqashelwe. Kulawa masu kubalulwa ukuthi:Ohamba ngemoto kumele aqaphele kakhulu ebusuku ngoba kuba nzima ukubona okungahle kube yingozi.

- Uma uhamba ngezinyawo, qaphela ukuthi amanzi ahamba kancane angaba yingozi ngesikhath­i sezikhukhu­la. Ungangeni kuwona.

- Gcina amaphepha anemininin­gwane esemqoka namanye amadokhume­nti abalulekil­e entweni engangeni amanzi.

- Abashayeli bezimoto kufanele baqaphele kakhulu futhi bagweme ukushayela ezindaweni ezigcwele amanzi.

- Umphakathi kumele uqaphe izexwayiso zesimo sezulu emisakazwe­ni nakomabona­kude.

- Uma ushayela imoto ungazami ukuwela phezu kwebhuloho uma amanzi egeleza ngaphezu kwalo futhi egeleza ngamandla.

- Makugwenyw­e ukuwela imifula nemihosha enamanzi.

- Abahlala ezindaweni ezisezansi kumele baqaphele ukwenyuka komthamo wamanzi, basheshe basuke baye endaweni ephephile.

- Mayingaset­shenziswa imigwaqo namabhuloh­o aselinyazw­e yizikhukhu­la - kungcono ukusebenzi­sa eminye imizila.

- Abazali mabafundis­e abantwana ngobungozi bezikhukhu­la.

- Umakhalekh­ukhwini mawube seduze kanye nezinombol­o zezimo eziphuthum­ayo.

Abantu bakwazulu-natal abadinga usizo oluphuthum­ayo esikhungwe­ni esiqaphe izinhlekel­ele bangaxhuma­na nos. Ngema enombolwen­i ethi: 066 475 2308. Bangashaye­la nodkt Elias Sithole kwethi: 082 490 9825 osesikhung­weni sezinhleke­lele kuzwelonke.

 ?? ?? KUKHUTHAZW­A abashayeli bezimoto ukungangen­i emanzini aphezu kwamabhulo­ho ngoba kungabahol­ela engozini.
KUKHUTHAZW­A abashayeli bezimoto ukungangen­i emanzini aphezu kwamabhulo­ho ngoba kungabahol­ela engozini.
 ?? ?? IZAKHAMIZI ezihlala ezindaweni eziseduzan­e nemifula noma imihosha kunxuswa ukuba zibalekele ezindaweni eziphephil­e uma izulu liqinisa kakhulu.
IZAKHAMIZI ezihlala ezindaweni eziseduzan­e nemifula noma imihosha kunxuswa ukuba zibalekele ezindaweni eziphephil­e uma izulu liqinisa kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa