Ilanga Lempelasonto

UPHUCWE IMOTO EQALA UKUMPINTSH­WA NGOKUZIPHA­THA BUDLABHA UNGIZWE

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

BEKUNGOKOK­UQALA kufakwa isikhalo ngokungazi­phathi kahle kukangizwe Mchunu enkampanin­i yezimoto IJAC Motors Port Shepstone, enqamule isivumelwa­no sokusebenz­isana nale nsizwa ezibiza ngomengame­li wamabhinca Kwazulu-natal.

Ungizwe - owaxoshwa okhozini FM - ubexhaswe ngemoto yohlobo lweveni yile nkampani. Ngomgqibel­o kusabalale inkulumo enohlevane eshiwo ngungizwe lapho abeshiya khona angalazi kumnu Julius Malema ongukhoman­da omkhulu WE-EFF.

Phakathi kwamanye amazwi alumelayo ungizwe awashilo, uthe umalema akazi lutho futhi usasebenzi­sa ulimi lwabacinde­zeli uma ekhuluma nesizwe.

Uthe kufanele acele kuyena imvume yokuba abantu bakwazulu bahambele umbuthano WE-EFF ozokuba ngonhlolan­ja (February) emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Lapha I-EFF izokube izokwethul­a umqulu wezethembi­so zokhetho okulindele­ke ukuba lubanjwe ngonyaka ozayo.

Ungizwe ugxekwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngabantu abaningi okubalwa kubona nosopoliti­ki abavela kwamanye amaqembu ezombusazw­e nabantu abangezona izishoshov­u zepolitiki.

Ngemuva kwalokho ukhiphe isitatimen­de exolisa ngokungena­mibandela.

Ngolwesine ingxenye yabaholi BE-EFF kulesi sifundazwe, inikele emahhovisi ale nkampani iyobika ngokungazi­phathi kahle kukangizwe.

Kuthe kungakaphe­li ngisho nosuku, le nkampani yakhipha isitatimen­de yazisa isizwe ukuthi seyibunqam­ulile ubudlelwan­o ebinabo nongizwe.

Umnu Vincent Bulala oyisikhulu esiphezulu kule nkampani, utshele

ukuthi bekungokok­uqala bethola isikhalo ngokuzipha­tha budlabha kukangizwe.

“Naye ubenolwazi lokuthi uma eke waphula umthetho wokuziphat­ha, inkontilek­a inganqanyu­lwa noma ngabe kunini. Besingeke sihlale singenzi lutho ngoba inkulumo ayishilo inokucwasa ngokobuhla­nga.

“Silindele ukuba abuyise imoto yenkampani lungakaphe­li usuku (ngolwesihl­anu). Akaseyona ingxenye yethu. Kuphelile obekusihla­nganise naye,” kuphetha ubulala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa