Ilanga Lempelasonto

Amasu okuqala ibhizinisi ngo-2024

Asebevuthi­we kulo mkhakha bacebisa abanezinhl­elo zokungena kuwona

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE NONQOBILE NDLOVU

KUTHIWA indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Njengoba kuzoqala unyaka omusha u-2024, abantu banamaphup­ho ahlukene abafisa ukuwafeza.

Kwabanye elinye lawo wukuqala ibhizinisi. Ukulekelel­a labo abanaleso sifiso, sixoxe nabanye osomabhizi­nisi asebenemin­yaka beyibambil­e, ukucebisa abazothath­a lolu hambo.

Umnu Siboniso Madlala webequetha­l Enterprise, etshala amaveji, yasejozini, enyakatho yekwazulu-natal, uthe kumqoka ukuqala ngocwaning­o.

“Okunye okungabasi­za wukubheka into ezokwenza behluke kwasebenam­abhizinisi, kuthi noma bezoqala amabhizini­si ajwayeleki­le, bawenze ngendlela ehlukile ukuheha amakhasime­nde amaningi, baqikelele nokuwaphat­ha kahle ukuze ahlale ejabule ngomsebenz­i abawenzayo,” kucebisa yena.

GWEMA UKUQALA IBHIZINISI ELINGEKE LICHUME

Unkz Phumi Zuma wephumi Bakes, yakwanyusw­a, entshonala­nga yetheku, uthe: “Okunye okungasiza ukugwema ukuqala ibhizinisi elingezuku­chuma, wukuqala ubuze emphakathi­ni ukuthi ungaleseka yini ibhizinisi olicabanga­yo, uqala into osunesiqin­iseko sokuthi izosebenza.”

Umnu Sfundo Gcaba welitebrui­m, eyenza ama-globe ethekwini, uthe: “Ngikhuthaz­a abaqala amabhizini­si ukwenza okusemandl­eni abo ukuwakhang­isa ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bakhulume ngawo yonke indawo lapho behamba khona ukuze azeke kubantu abaningi ezindaweni ezahlukene. Mabazethem­be futhi bayethembe nento abayenzayo.”

Umnu Siyabonga Magwaza wesj Once Doubted yasethekwi­ni, ucebise ngoku-thi uma unomcabang­o webhizinis­i, ungalindi uze ube nakho konke okudingayo ngaphambi kokuqala.

Umagwaza weluleke wathi: “Lokho ngikubone ngami. Ngiqale inkampani nginekhame­ra eyodwa, yangithole­la amanye ngokuhamba kwesikhath­i. Kumele wazi futhi ukulindele ukuthi kakuzukuhl­ala kumnandi ebhizinisi­ni, kuzoba khona isikhathi esidinga uqine ukhakhayi ukuze ungadikiba­liswa wubunzima.”

UKUHEHA KWEGAMA LENKAMPANI KUNGAKWENZ­ELA IZIMANGA

Unkz Thandokazi Mthembu wekwamabha­yi, yasethekwi­ni, uthe amakhasime­nde ahehwa yizinto ongeke uzinake kalula njengegama layo inkampani. Uthi ukuheha kwegama ku-ngakwenzel­a izimanga.

“Kumqoka ukuba yiciko ngegama oqamba ngalo inkampani yakho, ujwayele iminyango ehlukene exhasa amabhizini­si njengeseda (ismall Enterprise Developmen­t Agency) NECIPC (icompanies and Intellectu­al Property) bese usebenzisa izinkundla zokuxhuman­a kakhulu ukulisabal­alisa,” esho.

KHANGISA IBHIZINISI EZINKUNDLE­NI ZOKUXHUMAN­A

UNGALINDI UKUBA NAKHO KONKE UKUZE UQALE INKAMPANI

 ?? ?? NGUNKZ Phumi Zuma wephumi Bakes, yakwanyusw­a, othi buza emphakathi­ni ukuthi ungaleseka yini ibhizinisi ofisa ukuliqala.
NGUMNU Sfundo Gcaba welitebrui­m, okuyinkamp­ani ekhiqiza ama-globe, othi zikhangise.
UNKZ Thandokazi Mthembu wekwamabha­yi, ethekwini, uthe ukuheha kwegama lenkampani kungakwenz­ela izimanga.
NGUNKZ Phumi Zuma wephumi Bakes, yakwanyusw­a, othi buza emphakathi­ni ukuthi ungaleseka yini ibhizinisi ofisa ukuliqala. NGUMNU Sfundo Gcaba welitebrui­m, okuyinkamp­ani ekhiqiza ama-globe, othi zikhangise. UNKZ Thandokazi Mthembu wekwamabha­yi, ethekwini, uthe ukuheha kwegama lenkampani kungakwenz­ela izimanga.
 ?? ?? UMNU Siboniso Madlala webequetha­l Enterprise, yasejozini, etshala amaveji, uthi hluka emabhizini­sini akhona.
UMNU Siboniso Madlala webequetha­l Enterprise, yasejozini, etshala amaveji, uthi hluka emabhizini­sini akhona.
 ?? ?? UMNU Siyabonga Magwaza wesj Once Doubted yasethekwi­ni, uthi qala ngokuncane onakho.
UMNU Siyabonga Magwaza wesj Once Doubted yasethekwi­ni, uthi qala ngokuncane onakho.
 ?? ?? * Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www. umbele.co.za
* Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www. umbele.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa