Ilanga Lempelasonto

Izinkinga zomnotho kubukeka zisazosila­ndela nango-2024

-

NJENGOBA siwugoqa kusasa ngesonto unyaka u-2023, sesilindel­e ngabomvu ukungena konyaka omusha u-2024, ukuze sibone ukuthi usiphathel­eni. Kakungabaz­eki ukuthi sonke silangazel­ela futhi sinesifiso sokuba u-2024 ube wunyaka ongcono kuno2023, njengoba ube nzima ngendlela eyisimanga. Mhlawumbe isifiso esikhulu sawo wonke umuntu ngesokuba kusimame umnotho wezwe ontengante­ngayo, kwehle nomthwalo onzima wezindleko zokuphila ukuze sikwazi ukuphefumu­la nokuphila kangcono.

Nokho iqiniso elibuhlung­u wukuthi izinkomba zohlaziyo lwezomnoth­o kazisitshe­ngisi ukuthi sesingahla­la sinethezek­e, sibe nethemba eliphelele lokuthi sizophila kangcono ku-2024. Ubunzima esibhekene nabo njengamanj­e bubukeka sengathi busazoqhub­eka. Izinga eliphezulu lezindleko zokuphila nentengo yokudla emba eqolo kubukeka kusazoba yizinkinga esizophila nazo naku-2024.

Onyakeni esiwugoqay­o, umnotho waseningiz­imu Afrika ukhahlamez­eke kakhulu ngenxa yezinkinga ezahlukene esingabala kuzo eyokushoda kwamandla kagesi ophehlwa yi-eskom ezweni. Kube nezikhawu eziningi kakhulu zokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

Lo gqamcishi udale umonakalo omkhulu emabhizini­sini njengoba amanye ephoqeleke ukuvale thaqa. Ezinye izinkampan­i zilahlekel­we yinzuzo, zaphoqelek­a ukuthatha izinyathel­o zokunciphi­sa izindleko. Kulezo zinyathelo kubalwa nesinqumo sokudiliza izisebenzi okubhebhet­hekisa izinga eliphezulu labantu abaduve emakhaya ngenxa yokwentule­ka kwamathuba emisebenzi kuleli.

Ngokweziba­lo zakamuva ezishicile­lwe yistats SA emasontwen­i amabili edlule, engxenyeni yesithathu yonyaka beliwu-31,9% izinga lokuswelek­a komsebenzi. Umnotho wezwe uphinde wakhahlany­ezwa nayizinkin­ga enkampanin­i kahulumeni itransnet.

Le nkampani ineqhaza elikhulu emnothweni wezwe njengoba kuyiyona eyengamele ukusebenza emachweben­i awumgomgod­la wezohwebo, kanjalo nemizila yezitimela eneqhaza elikhulu kwezohwebo phakathi kweningizi­mu Afrika namanye amazwe.

Isiphithip­hithi sokungaham­bi komsebenzi ngendlela efanele ikakhuluka­zi echwebeni lasethekwi­ni ngenxa yokuwohlok­a kwengqalas­izinda, kuwushaye kakhulu umnotho.

Enye inkinga enkulu izwe elibhekene nayo yisimo sezepoliti­ki esikhombis­a ukungabi nalo uzinzo. Ukungabikh­ona kozinzo kwezepolit­iki nakuhulume­ni kuyawuphaz­amisa umnotho wezwe njengoba kwenza nabatshali­mali babe manqika ukutshala imali yabo ezweni elinekusas­a elibukeka limfiliba - bese lokho kuholela ekutheni umnotho ungasimami ngendlela efanele, nabantu baqhubeke nokuntula umsebenzi.

Zonke lezi zinkinga ezithinta umnotho, zehlela kubathengi abagcina bebhekana nomthwalo onzima wezindleko eziphezulu zokuphila.

Njengoba iningizimu Afrika ibheke okhethweni lukazwelon­ke ngo-2024, kumele wonke umuntu onelungelo lokuvota asukume abambe iqhaza kulona.

Kumele sikhumbule ukuthi ivoti ngalinye lingawenza umehluko. Indlela esiyovota ngayo mhlawumbe ingalekele­la ekutheni izwe liphume kolunye utaku esibhekene nalo.

Sifisela bonke abafundi bethu unyaka omusha onempumele­lo nezibusiso. Sibonga ukuseseka kwenu ngisho nasezikhat­hini ezinzima. Ningadinwa nangomuso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa