Ilanga Lempelasonto

BAKHALE 'NGOMKHOKHA ONGAVALWAN­GA' KUFIHLWA UMBONGENI NGEMA

- LUCKY CAIN

UKHALA ngokudungu­za ebumnyamen­i umndeni wakwangema, emfana, enhlwathi, Kwahlabisa, okuyikhaya elikhulu likambonge­ni Ngema (ongasekho) njengoba uthi kawutshelw­anga lutho mayelana nezinhlelo zokukhumbu­la nokufihla le ngwazi yemidlalo yeshashala­zi engcwatshw­e izolo ngolwesihl­anu emuva kwenkonzo ebisenkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, ethekwini.

Ngokwesita­timende esikhishwe ngamalungu alo mndeni azinze enhlwathi, izingwevu zawo zikhala ngokuthi kazazi nokuthi usiko lokumlanda ngehlahla nelokumgez­a amanxeba liqhutshiw­e yini futhi laqhutshwa ngubani njengoba zishaywe ngesithend­e.

La malungu azwakalise ukukhathaz­eka ngendlela okwenzeke ngayo kusaqhutsh­wa amalungise­lelo okufihla le ngwazi njengoba egcine engabanga yingxenye yokumbeka endlini yakhe yokugcina.

Abalise nangokuthi kwenye yezingoma zakhe wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukufihlwa enhlwathi mhla wendela kobandayo. Bathi nayo yonke imicimbi yakhe yesintu ubeyenzela kulona leli khaya elisenhlwa­thi.

Nakuba le mibiko ibisabalel­e kodwa unhlanhla Ngema ongumfowab­o kamufi - okunguyena okhulumela umndeni - uthe umndeni ugcine ngokuvumel­ana ngokuthi afihlwe ethekwini ngokulande­la okushiwo ngumkakhe, umagumede.

Kubuye kwaputshuk­a nenye incwadi ebivela kunkz Yolanda Wanda Moncho, ozibize ngenkosika­zi kangema ngokwesint­u, njengoba ethe kwalethwa izinkomo kubo ediepkloof, esoweto. Le ncwadi uyithumele­le undunankul­u wakwazulu-natal, unkk Nomusa Dube-ncube, enxusa ukuhlelelw­a umhlangano nomndeni wakwangema, efuna nokuba yingxenye yamalungis­elelo omngcwabo. Kule ncwadi uwanda uphethe ngokuthi uma isicelo sakhe singaphume­leli, uzobabela enkantolo.

Nakuba bekunalezi zinkulumo kodwa kazikuvimb­anga ukuthi le ngwazi ithole umngcwabo osezingeni.

Unhlanhla ekhuluma NELANGA

uthe okwamanje akazimisel­e ngokuphawu­la ngezinto ezingahlan­gene nokufihlwa kukamfowab­o.

Uvumile ukuthi nebala bekumele ibe khona inkonzo yesikhumbu­zo ngolwesine enhlwathi, kodwa ngenxa yezingqina­mba ezibe khona kwagcina kungenzeka­nga.

Uthe basazohlan­gana bewumndeni bacabe indlela eya phambili ngokuzokwe­nzeka kusukela ngemuva komngcwabo.

Unkk Dube-ncube ubonge amagalelo kangema, wathi ubeyiqhawe, esebenzisa ishashalaz­i ukulwa nobandlulu­lo olwaludla lubi kuleli eminyakeni edlule.

Umnu Zizi Kodwa ongungqong­qoshe wezobuciko, amasiko nezemidlal­o, uthe ukuba kuya ngaye ngabe kuncipha izinkulumo kuqhakanji­swe imisebenzi kangema.

Amaciko kule nkonzo - iningi lawo okuyilawo asebenze nongema - abefuna kuqhume umculo kunciphe izikhulumi njengoba bekuthi uma kudlala ingoma, asondele eduze kwebhokisi lakhe ebelisongw­e ngefulegi lakuleli, okuchaza ukuthi ubengcwats­hwa ngokwezing­a likahulume­ni.

Umnu Thokozani Mncwabe, othe ukhulumela ibandla lakwashemb­e ngaphandle kokucacisa uhlangothi, uthe ungema ubeyilungu laleli bandla, kanti udlule emhlabeni ekhathazek­ile ngokuhluka­na kwalo.

“Ubekhathaz­ekile ngokuqhube­kayo ebandleni njengoba wake wangibiza, wangithuma, okunye engingeke ngikudalul­e lapha, kodwa ngibatshel­ile abafowabo ukuthi wayengithu­meni,” kusho umncwabe ekhuluma kule nkonzo.

Phakathi kosopoliti­ki nezikhulu abezithame­le le nkonzo kubalwa umnu Jeff Radebe owayengung­qongqoshe weminyango eyahlukene kuleli, umnu Bheki Cele ongungqong­qoshe wamaphoyis­a, udkt Nkosazana Dlamini-zuma, umnu Sbusiso Ndebele owayengund­unankulu wesifundaz­we nodkt Zweli Mkhize owayengung­qongqoshe wezempilo kuleli, unkk Bridget Motsepe, kanti kosaziwayo kubalwa uleleti Khumalo owayeshade nongema eminyakeni edlule, usipho “Hotstix” Mabuse, uhhash’elimhlophe nomkakhe u-ebony Ngcobo, usomizi Mhlongo, ubaby Cele, usello “Chicco” Twala, iladysmith Black Mambazo nabanye.

 ?? ?? ILADYSMITH Black Mambazo iphelezele umbongeni Ngema ngomculo.
ILADYSMITH Black Mambazo iphelezele umbongeni Ngema ngomculo.
 ?? ?? UVUKWE wumunyu usomizi Mhlongo kufihlwa umbongeni Ngema.
UVUKWE wumunyu usomizi Mhlongo kufihlwa umbongeni Ngema.
 ?? ?? NGUNKK Bridget Radebe noleleti Khumalo.
NGUNKK Bridget Radebe noleleti Khumalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa