Ilanga Lempelasonto

Ukhozi FM luvusele umlingisi uthando lokusakaza

Ubemenywe ngulady D nosiya Mhlongo ohlelweni lwalesi siteshi

- LUCKY CAIN

KUVUSE uthando lokuba ngumsakazi ukuba yisimenywa emsakazwen­i ukhozi FM kumlingisi kamabonaku­de okhula ngesivinin­i kulo mkhakha uzamuntu Khoza olingisa indawo kavelephi emdlalweni isibongile and The Dlaminis, okhonjiswa kumzansi Wethu kusukela ngomsombul­uko kuya kulwesitha­thu.

Uzamuntu uzalelwe wakhulela endunduma, eclermont, kanti ubeyisimen­ywa ohlelweni idankie 1223 obelushaye­lwa ngududu “Lady D” Khoza nosiya Mhlongo ngaphansi komkhankas­o walo msakazo obizwa ngesiyayij­ika Lento.

Lo mlingisi ube nengxoxo NELANGA

lapho ezwakalise khona ukuthi unalo uthando lokuba ngumsakazi kodwa kakusiyona into ayijahile ngoba usafuna ukukhula kwezokulin­gisa ngaphambi kokusabala­lisa izimpiko zakhe.

UKHUTHAZWE NGABANCOME UBUMTOTI BEPHIMBO LAKHE EMOYENI

“Ngeke ngiqambe amanga, kungijabul­isile ukuba yisimenywa kulo msakazo njengoba kuvuse nothando lokusakaza, okuyinto engingatha­nda ukugcina ngiyenzile ngokuhamba kwesikhath­i,” esho.

Le ntokazi ithi okwenze lakhula ngokuphind­iwe lolu thando, yizincomo zabantu ezitholile njengoba abanye bencome nephimbo layo emsakazwen­i.

Uzamuntu uthe nakuba kunjalo ngeke agagamele, ajahe ukwenza izinto eziningi kwazise usanonyaka nje owodwa engenile kulo mkhakha wokulingis­a, usazimisel­e ngokuqhube­ka nokuzithut­hukisa kuwona.

“Okwamanje ngisafuna ukugxila kakhulu kwezokulin­gisa ngoba yikhona okusahamba phambili. Okunye ngizokubon­a ngokuhamba kwesikhath­i,” kuchaza le ntokazi eqalayo ukubonakal­a emdlalweni kamabonaku­de ngalo mdlalo.

Ithi uthando lwezokulin­gisa luqale seyifunda esikoleni samabanga aphakeme epinetown Girls, okuyilapho ithathe khona isinqumo sokungena kulo mkhakha.

UZAME KANINGI UKUNGENA EMKHAKHENI WEZOKULING­ISA KUNGALUNGI

“Ngemuva kokuphothu­la umatikulet­sheni bengizimis­ele ngokuyofun­dela ukulingisa kodwa ngeshwa kwangenzek­a njengoba ngimane ngajoyina i-agency okuyilapho ngiqale khona ukuhambela izinhlolok­hono zemidlalo kamabonaku­de,” esho.

Uthe uzame kaningi ukungena kulo mkhakha njengoba ngaphambi kokuthola eyendawo kavelephi wayezama ukudlala enye indawo ehlukile kunayo.

“Ngemuva kwesikhath­i ngenze inhlolokho­no yenye indawo, ngabizelwa ukuzokwenz­a ekavelephi okuyiyona engigcine ngiyithola,” esho. Uzamuntu uthi akakholwan­ga ngesikhath­i ethola ucingo lokuthi uyitholile le ndawo kwazise kwase kunesikhat­hi ezama ukungena kulo mkhakha.

WACABANGA UKUTHI KUDLALWA NGAYE ETHOLA UMSEBENZI WOKUQALA WE-TV

“Ngaqala ngacabanga ukuthi kudlalwa ngami kanti kuyiqiniso,” esho.

Uthi indawo kavelephi uyakuthoko­zela ukuyidlala ngoba yehlukile kakhulu kunaye. Iyodwa kuphela into engingathi isondelene nami ngendawo kavelephi, wukuthi ungumuntu ongasheshi ukugudluka entweni akholelwa kuyona futhi uyaqinisek­isa ukuthi uyayithola into ayifunayo. Ngaphandle kwalokho, singabantu ababili abehlukile kakhulu,” esho.

Uchaze ukudlala le ndawo njengokumn­ika izingqinam­ba ngoba ithinta owesifazan­e obhekene nesimo sokuhlukun­yezwa ngowesilis­a azwana naye ngenxa yokuthi uyameseka ngasemalin­i kodwa akamthandi lo mlisa. Uqhube ngokuthi le ndawo kumele ibe yisifundo kubantu besifazane nakubazali ukuthi uma owesilisa ekweseka ngokwemali nokunye, kakusho ukuthi unelungelo lokukuphat­ha noma yikanjani futhi akwenze wehlelwe nawukuzeth­emba.

ISIBONGILE AND THE DLAMINIS INGOMUNYE WEMIDLALO ETHANDWA KAKHULU

Uzamuntu unxuse abantu ukuba baqhubeke nokubuka lo mdlalo ngoba kuningi okusazovel­a ikakhuluka­zi okuthinta indawo ayidlalayo njengoba kusazoshub­a. Lo mdlalo ungomunye wethakasel­wa ngabantu njengoba izinombolo zababukeli bawo ziqhubeka nokwenyuka. Uzamuntu uthe uyakuthoko­zela ukusebenza nabalingis­i asebemnkan­tshubomvu kulo mkhakha ngoba bayamkhuth­aza ukuba azimisele ngokuphind­iwe ukuze angazithol­i esilela ngemuva kubona.

 ?? ??
 ?? ?? KUKHWEZELE umlilo wothando lokusakaza ukumenywa komlingisi uzamuntu Khoza ophahlwe ngududu "Lady D" Khoza nosiya Mhlongo abangabasa­kazi bokhozi FM.
KUKHWEZELE umlilo wothando lokusakaza ukumenywa komlingisi uzamuntu Khoza ophahlwe ngududu "Lady D" Khoza nosiya Mhlongo abangabasa­kazi bokhozi FM.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa