Usegxile ebhizinisini lama-solar 'ovinjwa ngusomnandi kumaskandi'
Uthokozani Langa uthi yilo mculi owanyanyisa abahlela imicimbi ngezenzo zakhe
USOLA ukubangwa kwesitayela umculi kamaskandi okhala ngokuvaleleka ngaphandle ekunandiseni emicimbini yasezingxenyeni zesifunda izululand.
Uzanefa Ngidi utshele leli phephandaba ukuthi sekumhlukumeze kakhulu (ukuvinjwa) kwakhe nguthokozani “Somnandi” Langa - ongomunye wabaculi abadumile ezululand - emicimbini yakulesi sifunda.
Uthi yonke le minyaka ubenezinsolo ngalokhu kodwa manje usenento ephathekayo. Uthi kumfumfu (October) usale ngaphandle emcimbini obewuhlelwa ngumculi kamasikandi ugatsheni, wathola ukuthi unyundelwe ngusomnandi.
“Ugatsheni kunengoma engiyicule naye kule albhamu yami yangonyaka ophelile. Kuthe uma ehlela umcimbi wakhe ngakubo ophongolo, ngabuza ukuthi kwenzeka kanjani engangiqashi ekubeni ngisebenzisana naye, wanginika inombolo yethimba lakhe elimhlelelayo, wathi mangixoxe nalo.
“Ngifonile kuyena lo muntu engixhunyaniswe naye, wangitshela ukuthi ngusomnandi ongivimbile, wathi ngingafakwa. Lo muntu waze wathi kuzofanele ngixolise kusomnandi ngoba imicimbi eminingi eyenzeka ezululand ihlelwa yibona, okusho ukuthi ngisazosala impela ngaphandle kuyona,” esho.
Uthi isono sakhe wukuthi uqondanisa uhala nenalithi kushuni kabhekumuzi Luthuli (ongasekho) abasembangweni ngawo benosomnandi. “Usomnandi ucikwa wukuthi ngiyawuqondanisa ngqo lo shuni, yingakho engivimba kuyona yonke indawo ezululand. Kulo nyaka ngizokhipha i-albhamu ezoveza konke ngaye, ngiqondane ngqo nabo bonke abangivimbayo endimeni kamasikandi,” esho.
Uthi ngenxa yezinkinga zebhizinisi lomculo, usegxile nakakhulu kwelokufaka ama-solar ezinkampanini ezahlukene.
Uthi ngo-2020 uvule inkampani yokufaka ama-solar ebizwa ngerenewable Afrika. Uthe sekunesikhathi eside eyibhalisile inkampani nakuba ebengagxilile kuyona.
“Ngifaka ama-solar enxanxatheleni yezitolo, emabhange nakwezinye izindawo. Ngikwenza lokhu ngoba kangifuni ukubheka into eyodwa njengoba nasemculweni kuvinjwana kuwona. Ngaphansi kwenkampani yami ngiqashe abantu abawu-20 bezinhlanga ezahlukene.
“Lo msebenzi ngiwazi kakhulu ngoba ngiqale ukuwenza ngo-2016 ngiqashwe E-OR Tambo, egoli. Emuva kokubona ukuthi sengikhulile kuwona, ngavula eyami inkampani yalo msebenzi, ngiyazisebenza manje,” kusho uzanefa.
Usomnandi utshele leli phephandaba ukuthi konke okwenzekayo izwe liyakubona.
“Akavalelwa yimina siqu sami, kodwa uvalelwa ngamagama akhe. Wabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi akafuni lutho olumhlanganisa nami noma engafa ngingasizi ngisho ingane yakhe, ngingayi ngisho kubo.
“Ngakho-ke ngisahlezi emagameni akhe. Akavinjwa yimina, kodwa abantu abathanda usomnandi yibona abenyanya izinto azikhuluma ngami emphakathini.
“Lo mfana akangihloniphi sidalo, kangisoze ngiphendulane naye ezingomeni, kawasekho amadoda, uyingane kakhulu kimina.
“Yena makacule, umuntu ukhushulwa yingoma yakhe imfake emicimbini kubantu,” kusho usomnandi.