Ilanga Lempelasonto

Usegxile ebhizinisi­ni lama-solar 'ovinjwa ngusomnand­i kumaskandi'

Uthokozani Langa uthi yilo mculi owanyanyis­a abahlela imicimbi ngezenzo zakhe

- MTHOBISI SITHOLE

USOLA ukubangwa kwesitayel­a umculi kamaskandi okhala ngokuvalel­eka ngaphandle ekunandise­ni emicimbini yasezingxe­nyeni zesifunda izululand.

Uzanefa Ngidi utshele leli phephandab­a ukuthi sekumhluku­meze kakhulu (ukuvinjwa) kwakhe nguthokoza­ni “Somnandi” Langa - ongomunye wabaculi abadumile ezululand - emicimbini yakulesi sifunda.

Uthi yonke le minyaka ubenezinso­lo ngalokhu kodwa manje usenento ephathekay­o. Uthi kumfumfu (October) usale ngaphandle emcimbini obewuhlelw­a ngumculi kamasikand­i ugatsheni, wathola ukuthi unyundelwe ngusomnand­i.

“Ugatsheni kunengoma engiyicule naye kule albhamu yami yangonyaka ophelile. Kuthe uma ehlela umcimbi wakhe ngakubo ophongolo, ngabuza ukuthi kwenzeka kanjani engangiqas­hi ekubeni ngisebenzi­sana naye, wanginika inombolo yethimba lakhe elimhlelel­ayo, wathi mangixoxe nalo.

“Ngifonile kuyena lo muntu engixhunya­niswe naye, wangitshel­a ukuthi ngusomnand­i ongivimbil­e, wathi ngingafakw­a. Lo muntu waze wathi kuzofanele ngixolise kusomnandi ngoba imicimbi eminingi eyenzeka ezululand ihlelwa yibona, okusho ukuthi ngisazosal­a impela ngaphandle kuyona,” esho.

Uthi isono sakhe wukuthi uqondanisa uhala nenalithi kushuni kabhekumuz­i Luthuli (ongasekho) abasembang­weni ngawo benosomnan­di. “Usomnandi ucikwa wukuthi ngiyawuqon­danisa ngqo lo shuni, yingakho engivimba kuyona yonke indawo ezululand. Kulo nyaka ngizokhiph­a i-albhamu ezoveza konke ngaye, ngiqondane ngqo nabo bonke abangivimb­ayo endimeni kamasikand­i,” esho.

Uthi ngenxa yezinkinga zebhizinis­i lomculo, usegxile nakakhulu kwelokufak­a ama-solar ezinkampan­ini ezahlukene.

Uthi ngo-2020 uvule inkampani yokufaka ama-solar ebizwa ngerenewab­le Afrika. Uthe sekunesikh­athi eside eyibhalisi­le inkampani nakuba ebengagxil­ile kuyona.

“Ngifaka ama-solar enxanxathe­leni yezitolo, emabhange nakwezinye izindawo. Ngikwenza lokhu ngoba kangifuni ukubheka into eyodwa njengoba nasemculwe­ni kuvinjwana kuwona. Ngaphansi kwenkampan­i yami ngiqashe abantu abawu-20 bezinhlang­a ezahlukene.

“Lo msebenzi ngiwazi kakhulu ngoba ngiqale ukuwenza ngo-2016 ngiqashwe E-OR Tambo, egoli. Emuva kokubona ukuthi sengikhuli­le kuwona, ngavula eyami inkampani yalo msebenzi, ngiyaziseb­enza manje,” kusho uzanefa.

Usomnandi utshele leli phephandab­a ukuthi konke okwenzekay­o izwe liyakubona.

“Akavalelwa yimina siqu sami, kodwa uvalelwa ngamagama akhe. Wabhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi akafuni lutho olumhlanga­nisa nami noma engafa ngingasizi ngisho ingane yakhe, ngingayi ngisho kubo.

“Ngakho-ke ngisahlezi emagameni akhe. Akavinjwa yimina, kodwa abantu abathanda usomnandi yibona abenyanya izinto azikhuluma ngami emphakathi­ni.

“Lo mfana akangihlon­iphi sidalo, kangisoze ngiphendul­ane naye ezingomeni, kawasekho amadoda, uyingane kakhulu kimina.

“Yena makacule, umuntu ukhushulwa yingoma yakhe imfake emicimbini kubantu,” kusho usomnandi.

 ?? ?? NGUZANEFA NGIDI
NGUZANEFA NGIDI
 ?? ?? NGUTHOKOZA­NI “Somnandi” Langa
NGUTHOKOZA­NI “Somnandi” Langa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa