Umalema ubize ungizwe 'ngomfana omncane'
Uthe kuyishwa ukuthi ukuphaphalaza kwakhe sekumlahlekisele ngemoto
UMHOLI WE-EFF umnu Julius Malema, uphefumule okokuqala emphakathini ngendaba yenkulumo elumelayo kangizwe Mchunu eyamenza wasolwa ngokuthi ucwasa ngokobuhlanga, futhi 'athuka' kuyo umalema.
Leyo nkulumo yamdonsela amanzi ngomsele ungizwe, yaqubula ukukhuluma ezweni, waze waphucwa ngisho imoto abexhaswe ngayo yinkampani IJAC Motors, eport Shepstone.
Ephawula ngaleyo nkulumo umalema, uthe indaba kangizwe akayingeni, akanandaba naye. Uthi yena akamazi ungizwe.
Uthi waqala ukuhlangana naye (ungizwe) komunye umcimbi.
“Ngiqala ukuhlangana naye, walethwa ngunobhala-jikelele kimina, ngazibuza ukuthi ngubani manje lona. Bathi uyiciko okanye into enjalo nje..., ngase ngithi oh, mangehlise umoya.
“Kanginendaba ukuthi ucabangani ngami. Ungumfana omncane kakhulu. Mina ngazi amaciko anamakhono ababazekayo,” esho.
Uqhube wathi ngeke nje aze ayihhoye into eyakhulunywa ngungizwe, yingakho nje wathatha isinqumo sokuthi angaphawuli nangayo. Uthi kwaze kwaba ngamalungu E-EFF, ikakhulukazi awakwazulu-natal, ayisukumela indaba kangizwe.
“Ezinye izinto kakumele uzinake. Uma ungumholi, kumele uzilindele izinto ezinje ukuba zikhulunywe. Yindlela ayezizwa ngayo, wabe esekhuluma. Bamphoqa ukuba axolise, waxolisa. Ngakho kakuyona inkinga kimina,” kusho umalema.
Uqhube wathi kuyishwa nje ukuthi indlela aziphathe ngayo isimlahlekise ngisho nangemoto.
“Kanginanxa naye. Uzama impilo shame (bandla). Manje uzama kabi. Akumele azame kabi. Kumele azame impilo ngenye indlela, hhayi ngale ndlela enza ngayo.
“Manje ekuzameni kwakhe impilo wenza amaphutha, ihambile manje imoto. Usho izinto okungafanele azikhulume kwikhamera. Buka ukuthi uselahlekelwe ngokungakanani,” esho.