Ilanga Lempelasonto

Umalema ubize ungizwe 'ngomfana omncane'

Uthe kuyishwa ukuthi ukuphaphal­aza kwakhe sekumlahle­kisele ngemoto

- BHEKI NDLOVANA

UMHOLI WE-EFF umnu Julius Malema, uphefumule okokuqala emphakathi­ni ngendaba yenkulumo elumelayo kangizwe Mchunu eyamenza wasolwa ngokuthi ucwasa ngokobuhla­nga, futhi 'athuka' kuyo umalema.

Leyo nkulumo yamdonsela amanzi ngomsele ungizwe, yaqubula ukukhuluma ezweni, waze waphucwa ngisho imoto abexhaswe ngayo yinkampani IJAC Motors, eport Shepstone.

Ephawula ngaleyo nkulumo umalema, uthe indaba kangizwe akayingeni, akanandaba naye. Uthi yena akamazi ungizwe.

Uthi waqala ukuhlangan­a naye (ungizwe) komunye umcimbi.

“Ngiqala ukuhlangan­a naye, walethwa ngunobhala-jikelele kimina, ngazibuza ukuthi ngubani manje lona. Bathi uyiciko okanye into enjalo nje..., ngase ngithi oh, mangehlise umoya.

“Kanginenda­ba ukuthi ucabangani ngami. Ungumfana omncane kakhulu. Mina ngazi amaciko anamakhono ababazekay­o,” esho.

Uqhube wathi ngeke nje aze ayihhoye into eyakhuluny­wa ngungizwe, yingakho nje wathatha isinqumo sokuthi angaphawul­i nangayo. Uthi kwaze kwaba ngamalungu E-EFF, ikakhuluka­zi awakwazulu-natal, ayisukumel­a indaba kangizwe.

“Ezinye izinto kakumele uzinake. Uma ungumholi, kumele uzilindele izinto ezinje ukuba zikhulunyw­e. Yindlela ayezizwa ngayo, wabe esekhuluma. Bamphoqa ukuba axolise, waxolisa. Ngakho kakuyona inkinga kimina,” kusho umalema.

Uqhube wathi kuyishwa nje ukuthi indlela aziphathe ngayo isimlahlek­ise ngisho nangemoto.

“Kanginanxa naye. Uzama impilo shame (bandla). Manje uzama kabi. Akumele azame kabi. Kumele azame impilo ngenye indlela, hhayi ngale ndlela enza ngayo.

“Manje ekuzameni kwakhe impilo wenza amaphutha, ihambile manje imoto. Usho izinto okungafane­le azikhulume kwikhamera. Buka ukuthi uselahleke­lwe ngokungaka­nani,” esho.

 ?? ?? NGUNGIZWE Mchunu osolwa ngokuzama kabi udumo.
NGUNGIZWE Mchunu osolwa ngokuzama kabi udumo.
 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UBUHOLI obuphezulu obebuholwa NGUMENGAME­LI WE-EFF, umnu Julius Malema, ngesikhath­i ehambele Kwazulu-natal.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UBUHOLI obuphezulu obebuholwa NGUMENGAME­LI WE-EFF, umnu Julius Malema, ngesikhath­i ehambele Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa