Ilanga Lempelasonto

UMALEMA UVEZE EYOKUSHAQI­SWA WUTHANDO LWABANTU BASE-KZN

- BHEKI NDLOVANA

UKUBALULEK­A kwekwazulu­natal kwezombusa­zwe yikhona okwenze i-economic Freedom Fighters (EFF) yaqoka ukuba lesi sifundazwe kube yisona okuzokwenz­elwa kuso indumezulu yomcimbi wokwethula uhlu lwezethemb­iso zayo zokhetho (manifesto).

Lokhu kuvezwe ngumholi WEEFF, umnu Julius Malema, esigcawini sabezindab­a ebesisemos­es Mabhida Stadium, ethekwini, izolo ngolwesihl­anu.

Kukuyo le nkundla okuzobe kubuthene kuyo I-EFF ngomhla ka-10 kunhlolanj­a (February).

Umalema uthe lesi sifundazwe sibaluleke kakhulu endimeni yezombusaz­we ngoba singesinye sezintathu ezihamba phambili ezweni lonke ngokuba nabavoti abaningi.

Uqhube wathi uma ufuna ukukinatel­a i-african National Congress (ANC) kumele uyidlisele ogageni egauteng, Kwazulu-natal nasewester­n Cape ingakwazi ukuthola amavoti afinyelela ku-50%, bese wenza isiqinisek­o sokuthi kayitholi lutho olungaphez­u kuka60% wamavoti kwezinye izindawo ezweni.

“Ngicabanga ukuthi yiqiniso elaziwayo-ke ukuthi egauteng (I-ANC) kayisenamz­amo engawenza, iyazi ukuthi iphelelwe ngamaqhing­a.

“Iyazi ukuthi ngeke isayithola iwestern Cape, futhi ngeke ilibone elidlalayo Kwazulu-natal bese ithola amavoti angaphansi kuka-60% ezifundazw­eni eziningi. Lokho-ke kuzokwehli­sa umphumela ezowuthola (wamavoti kuzwelonke),” esho.

Uthi ngeke ukwazi ukuketula I-ANC kuhulumeni ungenalo iqhinga ngekwazulu-natal.

Uqhube wathi ngokhetho lwango-2019 abantu bakwazulun­atal, bakhombisa ukuthi bayilangaz­elele I-EFF.

“Uyazi phela abantu bakwazulu-natal basimangaz­a ngo-2019 ngokhetho lukazwelon­ke. Imiphumela esayithola lapho sasingayil­indele nhlobo. Lokhoke kwakuyindl­ela abantu bakwazulu-natal ababekhulu­ma ngayo ukuthi balangazel­ele I-EFF, ngakho silapha manje,” esho.

Uqhube wathi: “Kasivelang­a nje satheleka Kwazulu-natal, samenywa ngo-2019. Basimema (abantu bakwazulu-natal). U-350 000 wamavoti, afika sizihlalel­e nje singalinde­le.”

Uthi luzoba wumqansa kwianc nakwinkath­a Freedom Party (IFP) ukhetho kulesi sifundazwe.

“Bayathanda kabathandi sikhona manje. Futhi le nkundla izobe igcwele phama. Kasiyona inhlangano yokudlala,” esho.

Uzwakalise ukuzethemb­a ngokuthi le nkundla izobe igcwele phama abantu BE-EFF abazobe bethuthwe ngamabhasi besuka kuzo zonke izindawo ezweni.

“Le nkundla izogcwalis­wa ngabantu BE-EFF abangeke bagibele ebhasini bengakubha­lisele ukuvota, abangeke bangene kule nkundla uma bengakubha­lisele ukuvota,” esho.

Uqhube wathi: “Umbuthano (rally) esiwuletha lapha kakuwona umbuthano ojwayeleki­le wumbuthano wokhetho. Silapha ukuzokhank­asa, futhi wonke umuntu ozoba nathi kumele abe semuzweni wokukhanka­sa.

“Lokho sizokwenza ngokuthula, ngaphandle kokuchukul­uza amanye amaqembu epolitiki. Sifuna ukhetho olunokuthu­la,” esho.

“Bayathanda, kabathandi sikhona manje. Le nkundla izobe igcwele phama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa