Ilanga Lempelasonto

'YITHINA ESISELE ESIDONSA UDILIKAJEL­E' - KUBALISA UNINA KA-REEVA STEENKAMP

- BHEKI NDLOVANA

UNINA kareeva Steenkamp, unkk June Steenkamp, uthi isamququda namanje iminjunju yokubulawa kwendodaka­zi yakhe ngu-oscar Pistorius.

Unkk Steenkamp usho lokhu esitatimen­deni asikhiphe izolo ngolwesihl­anu, okuwusuku upistorius akhishwe ngalo ngoshwele ejele ikgosi Mampuru, epretoria.

Uthi yena nomyeni wakhe ubarry ongasekho, selokhu yabulawa indodakazi yabo kabakaze bakwazi ukwamukela isimo sokufa kukareeva noma indlela ashona ngayo.

Ureeva owayeyi-model, wadutshu-lwa wabulawa ngupistori­us owa-yeyisoka lakhe ngomhla ka-14 kunhlolanj­a (February) ngo-2013.

Ejele upistorius uhlale iminyaka cishe ewu-9, eyingxenye yeminyaka ewu-13 ayeyigwets­hiwe. Ingxenye esele yesigwebo sakhe uzoyiqedel­a kubo ngaphansi kwemibande­la eqatha yendlela okufanele aziphathe ngayo, okubandaka­nya kuyo nokuthi kumele angabuloko­thi utshwala.

Ngolwesihl­anu ekuseni umnyango wezokuhlun­yeleliswa kwezimilo ukuqinisek­isile ukuthi upistorius usesekubo njengoba ededelwe ngoshwele.

Unkk Steenkamp ephawula ngendaba kashwele kapistoriu­s, uthe: “Besilokhu sazi ukuthi ushwele uyingxenye yomthetho waseningiz­imu Afrika, futhi besilokhu sithi umthetho mawusebenz­e ngendlela efanele.”

Uqhube wathi ukukhululw­a kukapistor­ius ngoshwele, ngaphansi kwemibande­la ethile, kuqiniseki­se inkolelo yakhe nomyeni wakhe ohlelweni lwezobulun­giswa lwaseningi­zimu Afrika.

Uthi imibandela ebekwe yibhodi ecubungula ngokukhish­wa kweziboshw­a ngoshwele (parole board), ehlanganis­a ukuqeqeshe­lwa ukulawula intukuthel­o nezinhlelo ezithinta udlame olubhekisw­e kwabobulil­i obuthile, (gender based violence), ithumela umyalezo ocacile wokuthi indaba yodlame olubhekisw­e kwabobulil­i obuthile ithathelwa phezulu.

Unkk Steenkamp uphinde waphawula nangokuthi ngabe kwenzekile yini ubulungisw­a kureeva, nokuthi ngabe upistorius ugwetshwe isikhathi esanele yini ejele.

“Ngeke kuze kube khona ubulungisw­a uma othandekay­o wakho engazovuka, futhi kasikho isigwebo esiyobuyis­a ureeva. Yithina esisele (esilahleke­lwe) esidonsa udilikajel­e,” kusho unkk Steenkamp.

Isifiso sakhe manje uthe wukuphila ngokuthula, agxile emsebenzin­i wereeva Rebecca Steenkamp Foundation, ukuze aqhubeke nefagugu likareeva.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa