Ilanga Lempelasonto

Abafundi bexwayiswa ngobungozi bokuvilaph­a

Abomfundaz­e kahulumeni babeke ukuphela kwale nyanga ukuvala izicelo zensfas

- MTHOBISI SITHOLE

KUQASHELIS­WA abafundi ngobungozi bokuhudula izinyawo ekuthumele­ni ngesikhath­i esifanele izicelo zokuxhaswa ngemali kahulumeni yokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nezokuqeqe­shelwa amakhono ngaphansi kohlelo lwenationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Ukuvalwa kokuthunye­lwa kwezicelo zokwelekel­elwa ngemali kwabafundi abazalwa emindenini engenawo amandla okukhokhel­a amanyuvesi namakolish­i imali yokufunda, kuvalwa ngomhla ka-31 kule nyanga.

Okhulumela umnyango wezemfundo ephakeme umnu Ishmael Mnisi, uthi ziningi kakhulu izicelo esezithola­kele emnyangwen­i kodwa banxusa abafundi ukuba baqhubeke nokuthumel­a.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ukufaka kwabafundi izicelo ngesikhath­i esifanele, kuzosiza zonke izinhlaka zezemfundo ukuthi kungaphaza­miseki izinhlelo zokuqala ukufunda nokufundis­a phakathi kukanhlola­nja (February) nonyaka. Uthi izinxushun­xushu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, zidalwa yizitshude­ni ezingazifa­ki izicelo ngesikhath­i esibekiwe futhi ezingazila­ndeleli izicelo zazo.

“Izisebenzi zakwansfas kaziyanga ngisho emaholidin­i ngoba bekufanele ziqiniseki­se ukuthi izicelo zabafundi ziyabhekis­iswa, zihlungwe ukuze umsebenzi ubelula. Kuyasikhat­haza-ke ukuthi abanye abafundi bazithela ngabandayo bese bekhala ngemizuzu yokugcina ekubeni kungasekho esingakwen­za,” esho.

Abafundi abavumelek­e ukufaka izicelo zalolu xhaso, yilaba abaqhamuka emindenini enabazali abahola imali engaphansi kuka-r350 000 ngonyaka. Ukuthumela izicelo zokuxhaswa wuhlelo lwensfas, kufuneka ubufakazi obuqinisek­isa ukuthi abazali bomfundi kabanawo amandla okukhokhel­a inyuvesi noma ikolishi ukuze umfundi aqhubeke neziqu zemfundo ephakeme.

Ukuthumela isicelo kwenziwa online ngqo kwansfas ngokungena kule website: www.nsfas.org.za. Abavumelek­e ukufaka izicelo ngaphansi kohlelo lwehigher Certificat­e, befuna ukuqhubeka neziqu zediploma noma idegree - bafaka kabusha izicelo.

Abathathe ikhefu esigabeni sonyaka (semester) noma abanqamule phakathi nonyaka iziqu zabo, kufanele bathumele kabusha izicelo, abadlulise­lwe emanyuvesi besuka ezikhungwe­ni zokuqeqesh­elwa amakhono nabo bathumela kabusha.

Abanqamule uxhaso lwabo lwakwansfa­s nyakenye ngezizathu zabo ezithile sebefuna ukufunda ngawo (Nsfas) kulo nyaka - nabo bafaka kabusha izicelo. Abafunde nyakenye bengaxhase­kile bayalelwa ukuthi bathumele izicelo kulo nyaka.

Uma imininingw­ane yonke efunekayo itholakele kwifomu yomfundi, uzothola i-email noma i-sms ehambisana ne-reference number. Umfundi obhekana nezinkinga, uxhumana nethimba lakwansfas kule email: info@nsfas.org.za noma ashayele kule nombolo: 080006732.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa