Ilanga Lempelasonto

BACHAZA NGEZINHLEL­O ZOKUSIZA ABENZA UMATIKULET­SHENI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

OMASIPALA bakwazulu-natal sebeqalile ukukhuthaz­a abafundi abebenza umatikulet­sheni ngonyaka odlule ukuhambela emahhovisi abo bayothatha amafomu okumele bawagcwali­se ukuze bakwazi ukuthola uxhaso lwemali yokubhalis­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngokwehluk­ana kwazo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi njengamanj­e abafundi abebenza umatikulet­sheni onyakeni odlule, babambe umoya njengoba kulindelek­e ukuba kuphume imiphumela yabo ngomhla ka-18 wale nyanga. Lokhu omasipala bakwenza ngenxa yokuthi uma sekuvulwa ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kuba khona abafundi abagcina besala ngaphandle ngoba bengenayo imali yokubhalis­a.

Abaningi basuke besalinde uxhaso lwesikhwam­a sikahulume­ni esixhasa abafundi abaswele abasezikhu­ngweni eziphakeme, inational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ukuzwa ukuthi uxhaso bayaluthol­a yini. Esikhathin­i esiningi lesi sikhwama uma sikhipha uxhaso kuyaye kwenzeke ukuthi izikhala zisuke seziphelil­e ezikhungwe­ni eziningi.

Yingakho kuyaye kukhuthazw­e abazali babafundi ukuthi babe nemali abacuphe ukubabhali­sela ngayo ukuze basheshe bagcine izikhala zabo.

Ukunqanda leso simo omasipala abaningi baqhamuke nalolu hlelo lokunikwa imali yokubhalis­a kubafundi abaphuma emakhaya adonsa kanzima.

Umnu Bongani Gina okhulumela umasipala umhlathuze, uthi babeke u-r720 000 ukwelekele­la abafundi abawu-120 ngemali yokubhalis­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezokuba wu-r6 000 umfundi ngamunye.

“Ngalolu xhaso selekelela abafundi abenza izifundo okokuqala noma abaphindel­ayo kanti sibheka kakhulu kwabafuna ukufunda imikhakha esingakala kuyona itown Planning, icivil Engineerin­g, i-electrical Engineerin­g, imechanica­l Engineerin­g, i-agricultur­e, i-accounting, i-actual Science, i-informatio­n Technology, imaritime Studies nabafuna ukufundela ubudokotel­a,” esho. Uthi uxhaso lolu lukhishwa kanye kuphela kanti lungaqala ku-r6 000 kuya ku-r10 000 umfundi ngamunye. Uthi kumele kube ngabafundi abahlala ngaphansi kwalo masipala kuphela.

Umnu Thami Shangase okhulumela umasipala wesifunda iking Cesthwayo, uthi onyakeni odlule baxhase abafundi abangaphez­ulu kuka200 ngale mali yokubhalis­a kanti nangawo lo nyaka bazokwenza okufanayo. Uthi kukhona ngisho abafundi bakulesi sifunda ababakhulu­mela ukuthola uxhaso e-india nasecuba ukuyofunda.

Imeya kumasipala Inkosi Mtubatuba, umnu Mxolisi Mthethwa, ikhuthaza abantu abasha abebefunda umatikulet­sheni ukuba bahambele ihhovisi lalo masipala ukuyozwa ngezinhlel­o ezahlukene abangakwaz­i ukusizakal­a ngaphansi kwazo.

Umnu Mandla Zondi oyimeya kumasipala umshwathi, uthe banalo uhlelo lwemali yokubhalis­a abalunika abafundi abaphuma emakhaya axakekile. Uthe bananohlel­o lwemifunda­ze egcwele abalunika abafundi abenza izifundo zemisebenz­i engajwayel­ekile ngaphansi kwalo masipala.

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande.
UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande.
 ?? ?? YIMEYA yase-inkosi Mtubatuba umnu Mxolisi Mthethwa.
YIMEYA yase-inkosi Mtubatuba umnu Mxolisi Mthethwa.
 ?? ?? NGUMNU XOLANI Ngwezi oyimeya yasemhlath­uze.
NGUMNU XOLANI Ngwezi oyimeya yasemhlath­uze.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa