Ilanga Lempelasonto

Hlukanisa izinkolelo-ze neqiniso ngezifo zocansi

Uyakwazi ukufika nesifo endlini ekubeni ungenazo izimpawu zokugula

-

UNYAKA uqala nje, masizameni ukuwenza kube ngongenazo izifo ikakhuluka­zi lezi zasekamele­ni. Lokhu kungasisiz­a kakhulu ekuvikelen­i imiphumela emibi yezifo zangasese.

Namuhla sizoxoxa ngezinkole­lo-ze ngezifo ezithelela­na ngocansi. Inkolelo-ze ejwayeleki­le ikakhuluka­zi ngeyokuthi:

Lapho wenza ucansi nowesifaza­ne osanda ukuya esikhathin­i kungakwenz­a uthole izifo ezithelela­nayo ngokocansi.

Izifo zocansi zitholakal­a kuphela lapho wenza ucansi olungaphep­hile nomuntu onesifo hhayi nomuntu osesikhath­ini. Ngamanye amazwi kakukho lokhu.

Lapho wenza ucansi nomuntu wesifazane odle idisprin ungangenwa yizifo ezithelela­na ngocansi.

Kakusilona iqiniso neze lokhu, izifo ezithelela­na ngocansi zenziwa kuphela wukuya ocansini nomuntu ovele esenaso lesi sifo.

Kulula ukubona umuntu onesifo esithelela­na ngocansi, ngoba uba ne-discharge.

Siyazi ukuthi i-discharge ingaba ngenye yezimpawu zokuba nezifo ezithelela­na ngocansi kodwa lokhu kakusho ukuthi uzohlale une-discharge lapho unalezi zifo. Kanti futhi uyakwazi ukuba nesifo socansi kodwa ungenayo i-discharge.

I-drop iyaziphele­la lapho uyiyeka, ungayelaph­i.

Lapho uzibona une-drop kubaluleki­le ukuya kudokotela uyothola usizo wena nowakwakho ukuze ungatholi izinkinga zalezi zifo. Kubaluleki­le ukuthola ukwelashwa.

Obe nezimpawu nguyena olethe isifo.

Siyazi ukuthi kunabantu abathelela abanye ekubeni kubona zingabonak­ali izimpawu zaso.

Ungathola izifo zocansi ngokuseben­zisa indlu yangasese.

Okudabukis­ayo wukuthi abantu abaningi bayakholel­wa ngempela kulokhu. Lezi zifo zibizwa ngokuthi ngezocansi ngoba zidlulisel­eka ngenkonzo yocansi. Okokuzitho­la endlini yangasese kakusiyona into ejwayeleki­le.

Ucansi lomlomo luphephile, ngeke uthole izifo zocansi uma wenza le nkonzo.

Zonke izinhlobo zocansi olungaphep­hile zingakufak­a engozini yezifo ezithelela­nayo. Ngakho kubaluleki­le ukucabanga ukuphepha ngaphambi kwenjabulo.

Lubaluleki­le usizo lwezempilo uma nisola ukuthi ninesifo socansi.

Sonke isikhathi uma usola ukuthi wena noma owakwakho unesifo esithelela­na ngocansi, kubaluleki­le ukuba nithole usizo lwezempilo. Futhi lapho senikhetha ukuqala ukwenza ucansi olungaphep­hile, khumbula ukubalulek­a kokuhlola izifo ezithelela­na ngocansi ngaphambi kokuba nilwenze (ucansi).

• Ngesonto elizayo sizoke sichushisa­ne ngokuthi yini ucansi oluphephil­e. * Uyatholaka­la nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngala madilesi:instagram: @the.blue.clinic Instagram: @the_blue_clinic

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa