Wayethengisa izikhwama zelala osene-lodge embazwane
Akamkhohlwa umama owamupha izicathulo eseyofunda e-high ekubeni ayengakaze abenazo
UKHUTHAZA intsha ikakhulukazi amantombazane ukuba asukume abhukule kube khona akwenzayo ngenhloso yokuzakhela imali usomabhizinisi wesifazane ongumsinsi wokuzimilela othungwini, embazwane.
Unkk Philisiwe Mkhabela (44) ongumnikazi wedinango Lodge, uthi waphothula umatikuletsheni empiyakhe High School, kule ndawo, ngo-1998 kungekho lutho lokuqhubeka nemfundo yakhe ukuze akwazi ukuzithuthukisa.
Uthi wathatha isinqumo sokwakha izikhwama zelala ngenhloso yokuzithengisela izivakashi ezifika kule ndawo ziyozijabulisa olwandle, echwebeni isodwana Bay.
Uthi wayengagcini ngokuthengisa izikhwama kodwa wayebuye asebenze emajalidini abelungu ehola u-r10 ngosuku. Uthi wayeyibeka imali enye eyisebenzisela ukubhekana nezidingo zomuzi wakubo.
WAKHUTHAZWA NGUMYENI NGESU LOKUQHUBEKA NEBHIZINISI ESEQASHIWE
“Ngangiqhuba ibhizinisi lami lokuthengisa izikhwama kwaze kwaba wunyaka ka-2000, okwavulwa ngawo isitolo sakwapep endaweni. Ngathatha imali yami yezikhwama ngenza izifundo zekhompyutha kwesinye sezikhungo esilapha endaweni. Ngahamba nami ngayozama inhlanhla ngaqashwa.
“Kwaba ngcono kakhulu ngoba ngangihola u-r20 ngosuku. Nakuba bengisebenza kulesi sitolo kodwa bekungasuki kimina ukuthi ngolunye usuku nginephupho lokuba nento ezobizwa ngami futhi kube nabantu engibaqashile.
“Ngesikhathi ngisebenza kangizange ngiyeke ukuthengisa izikhwama kodwa bengingasenaso isikhathi sokuzakhela mina (izikhwama) kodwa bekudingeka ukuba ngizithenge kubantu. Umyeni wami wafika neqhinga lokuba sizilande eswazini izikhwama sizozithengisela izivakashi,” esho.
AKAZISOLI NGOKUVULELA IZIVAKASHI ‘INGADI’ YOKUPHOLA
Uthi ngolunye usuku wafikelwa wumcabango wokuvula indawo yokuthi abantu bakwazi ukuyophola uma beshiswa yilanga, ikakhulukazi uma bengathandi ukuya olwandle.
“Ngo-2009 ngaqale ngavula indawo engangiyibiza ngokuthi ‘yingadi’. Ngakha indlu eyodwa. Eminyakeni embalwa ngakhuluma nesinye isihlobo sami esangi-thengisela indawo.
“Abantu bebengena kakhulu befuna ukuzoziphumulela engadini. Ngoba nganginombono enhliziyweni yami ngaqala ngo2012 ngakha izindlu zokulala. Kangizisoli ngokukwakha lezi zindlu ngoba lukhulu kakhulu uxhaso engiluthola enkontilakini eletha izisebenzi zayo kanjalo nezisebenzi zeminyango kahulumeni ezifika kule ndawo ukuzokwenza imisebenzi eyehlukene.
“Lezi zindlu ngangizakha ngemali engidlala ngayo izitokofela nemiholiswano namanye amakhosikazi,” esho.
WASIZWA WUQEQESHO LOKUPHATHA IBHIZINISI LABESIMANGALISO WETLAND PARK
Lokhu-ke kwaba wukuzaleka kwedinango Lodge egabe ngezindawo zokulala, indawo yokudlela esezingeni elicokeme kanti kubuye kube nendawo yokuzijabulisa neyokubambela imicimbi okubalwa kuyona imishado, eyezikole neyamabandla ezenkolo ahlukene.
Ubonga isimangaliso Wetland Park, athi ibambe iqhaza elikhulu kuleli bhizinisi ngoba ithumela izisebenzi zayo ukuba zimsize ngoqeqesho lokuphathwa kwebhizinisi nokuphathwa kwemali yebhizinisi lezokuvakasha.
“Bangifundise ukuthi kufanele nami ngizijwayeze ukuthi ngingomunye wabaqashiwe kuleli bhizinisi. Babuye bangisiza nangokulibhalisa ukuze lizoba semthethweni njengamanye akhona endaweni yakwamhlabuyalingana. Ngesizathu sokuthi nami ngingomunye wabaqashiwe kuleli bhizinisi, ngizithola ngingumuntu okufanele ahole ngokuphela kwenyanga,” esho.
AKAFUNI ABESIFAZANE BATHEMBELE EKUKHANGEZWENI NGABESILISA
Ubuye wabonga umndeni wakwamngomezulu ngokubamba iqhaza empilweni yakhe okuhlanganisa nemfundo yakhe yasemabangeni aphezulu. “Kunomama ubongiwe Mngomezulu engingeke ngimkhohlwe empilweni yami. Wangisiza ngezicathulo ngingazi ukuthi ngizothatha ini ngihlanganise nani.
“Phela esikoleni samabanga aphakeme kakungenwa ngezinyawo kanti mina ngaphuma kwastd 5 ngingakaze ngisigqoke isicathulo. Lo mama wathatha izicathulo zendodakazi yakhe wangipha, ethi ungikhuthaza ukuba ngiqhubeke nesikole. Yingakho ngiyaye ngikhuthaze amantombazane ukuba afunde ukuzibambela ezintweni eziningi.
“Umuntu angahlali asonge izandla ngoba ethembe ukuthi uzokwenzelwa izinto ngowesilisa. Mina ngize ngaba mdala ngingenandaba nabafana. Inkinga esinayo ezinsukwini zanamuhla ngeyokuthi kwabona abafana kabakhulisekile kahle, kabazi ukuthi kukhona ukusiza umuntu ngaphandle kokubheka okuthile.
UBONGA UKWESEKWA YIZINGANE NOMYENI WAKHE KUKHO KONKE AKWENZAYO
“Bona bazi ukuthi ngokunika intombazane u-r10 sekufanele kubuye okuthile. Amantombazane ngiyaye ngiwakhuthaze ngokuthi mawangakhohlwa ukuthi unkulunkulu wadala abantu besifazane wabanika umqondo wokucabanga nokuhlela izinto.
“Umfana noma indoda yanikwa amandla okwenza izinto. Nokho okugcina sekukhathaza wukuthi iningi lamadoda lawo mandla liwasebenzisa budlabha ukuhlukumeza abesifazane,” esho.
Utshele leli phephandaba ukuthi ubusiswe ngabafana ababili nentombazane eyodwa. “Abafana bami nodadewabo bayangeseka ebhizinisini. Ngaso sonke isikhathi bahlala ngokuzobheka ukuthi uqhubeka kahle yini umsebenzi wami kanjalo noyise wabo naye onamabhizinisi kuyona le ndawo,” esho.
Umkhabela nomndeni wakhe bangamalungu ebandla labasindisiwe i-africa Evangelical Church ngaphansi kukadkt Sonto Mathenjwa.