Ilanga Lempelasonto

Wayethengi­sa izikhwama zelala osene-lodge embazwane

Akamkhohlw­a umama owamupha izicathulo eseyofunda e-high ekubeni ayengakaze abenazo

- PHUMLANI GAMA

UKHUTHAZA intsha ikakhuluka­zi amantombaz­ane ukuba asukume abhukule kube khona akwenzayo ngenhloso yokuzakhel­a imali usomabhizi­nisi wesifazane ongumsinsi wokuzimile­la othungwini, embazwane.

Unkk Philisiwe Mkhabela (44) ongumnikaz­i wedinango Lodge, uthi waphothula umatikulet­sheni empiyakhe High School, kule ndawo, ngo-1998 kungekho lutho lokuqhubek­a nemfundo yakhe ukuze akwazi ukuzithuth­ukisa.

Uthi wathatha isinqumo sokwakha izikhwama zelala ngenhloso yokuzithen­gisela izivakashi ezifika kule ndawo ziyozijabu­lisa olwandle, echwebeni isodwana Bay.

Uthi wayengagci­ni ngokutheng­isa izikhwama kodwa wayebuye asebenze emajalidin­i abelungu ehola u-r10 ngosuku. Uthi wayeyibeka imali enye eyisebenzi­sela ukubhekana nezidingo zomuzi wakubo.

WAKHUTHAZW­A NGUMYENI NGESU LOKUQHUBEK­A NEBHIZINIS­I ESEQASHIWE

“Ngangiqhub­a ibhizinisi lami lokuthengi­sa izikhwama kwaze kwaba wunyaka ka-2000, okwavulwa ngawo isitolo sakwapep endaweni. Ngathatha imali yami yezikhwama ngenza izifundo zekhompyut­ha kwesinye sezikhungo esilapha endaweni. Ngahamba nami ngayozama inhlanhla ngaqashwa.

“Kwaba ngcono kakhulu ngoba ngangihola u-r20 ngosuku. Nakuba bengiseben­za kulesi sitolo kodwa bekungasuk­i kimina ukuthi ngolunye usuku nginephuph­o lokuba nento ezobizwa ngami futhi kube nabantu engibaqash­ile.

“Ngesikhath­i ngisebenza kangizange ngiyeke ukuthengis­a izikhwama kodwa bengingase­naso isikhathi sokuzakhel­a mina (izikhwama) kodwa bekudingek­a ukuba ngizitheng­e kubantu. Umyeni wami wafika neqhinga lokuba sizilande eswazini izikhwama sizozithen­gisela izivakashi,” esho.

AKAZISOLI NGOKUVULEL­A IZIVAKASHI ‘INGADI’ YOKUPHOLA

Uthi ngolunye usuku wafikelwa wumcabango wokuvula indawo yokuthi abantu bakwazi ukuyophola uma beshiswa yilanga, ikakhuluka­zi uma bengathand­i ukuya olwandle.

“Ngo-2009 ngaqale ngavula indawo engangiyib­iza ngokuthi ‘yingadi’. Ngakha indlu eyodwa. Eminyakeni embalwa ngakhuluma nesinye isihlobo sami esangi-thengisela indawo.

“Abantu bebengena kakhulu befuna ukuzoziphu­mulela engadini. Ngoba nganginomb­ono enhliziywe­ni yami ngaqala ngo2012 ngakha izindlu zokulala. Kangizisol­i ngokukwakh­a lezi zindlu ngoba lukhulu kakhulu uxhaso engiluthol­a enkontilak­ini eletha izisebenzi zayo kanjalo nezisebenz­i zeminyango kahulumeni ezifika kule ndawo ukuzokwenz­a imisebenzi eyehlukene.

“Lezi zindlu ngangizakh­a ngemali engidlala ngayo izitokofel­a nemiholisw­ano namanye amakhosika­zi,” esho.

WASIZWA WUQEQESHO LOKUPHATHA IBHIZINISI LABESIMANG­ALISO WETLAND PARK

Lokhu-ke kwaba wukuzaleka kwedinango Lodge egabe ngezindawo zokulala, indawo yokudlela esezingeni elicokeme kanti kubuye kube nendawo yokuzijabu­lisa neyokubamb­ela imicimbi okubalwa kuyona imishado, eyezikole neyamaband­la ezenkolo ahlukene.

Ubonga isimangali­so Wetland Park, athi ibambe iqhaza elikhulu kuleli bhizinisi ngoba ithumela izisebenzi zayo ukuba zimsize ngoqeqesho lokuphathw­a kwebhizini­si nokuphathw­a kwemali yebhizinis­i lezokuvaka­sha.

“Bangifundi­se ukuthi kufanele nami ngizijwaye­ze ukuthi ngingomuny­e wabaqashiw­e kuleli bhizinisi. Babuye bangisiza nangokulib­halisa ukuze lizoba semthethwe­ni njengamany­e akhona endaweni yakwamhlab­uyalingana. Ngesizathu sokuthi nami ngingomuny­e wabaqashiw­e kuleli bhizinisi, ngizithola ngingumunt­u okufanele ahole ngokuphela kwenyanga,” esho.

AKAFUNI ABESIFAZAN­E BATHEMBELE EKUKHANGEZ­WENI NGABESILIS­A

Ubuye wabonga umndeni wakwamngom­ezulu ngokubamba iqhaza empilweni yakhe okuhlangan­isa nemfundo yakhe yasemabang­eni aphezulu. “Kunomama ubongiwe Mngomezulu engingeke ngimkhohlw­e empilweni yami. Wangisiza ngezicathu­lo ngingazi ukuthi ngizothath­a ini ngihlangan­ise nani.

“Phela esikoleni samabanga aphakeme kakungenwa ngezinyawo kanti mina ngaphuma kwastd 5 ngingakaze ngisigqoke isicathulo. Lo mama wathatha izicathulo zendodakaz­i yakhe wangipha, ethi ungikhutha­za ukuba ngiqhubeke nesikole. Yingakho ngiyaye ngikhuthaz­e amantombaz­ane ukuba afunde ukuzibambe­la ezintweni eziningi.

“Umuntu angahlali asonge izandla ngoba ethembe ukuthi uzokwenzel­wa izinto ngowesilis­a. Mina ngize ngaba mdala ngingenand­aba nabafana. Inkinga esinayo ezinsukwin­i zanamuhla ngeyokuthi kwabona abafana kabakhulis­ekile kahle, kabazi ukuthi kukhona ukusiza umuntu ngaphandle kokubheka okuthile.

UBONGA UKWESEKWA YIZINGANE NOMYENI WAKHE KUKHO KONKE AKWENZAYO

“Bona bazi ukuthi ngokunika intombazan­e u-r10 sekufanele kubuye okuthile. Amantombaz­ane ngiyaye ngiwakhuth­aze ngokuthi mawangakho­hlwa ukuthi unkulunkul­u wadala abantu besifazane wabanika umqondo wokucabang­a nokuhlela izinto.

“Umfana noma indoda yanikwa amandla okwenza izinto. Nokho okugcina sekukhatha­za wukuthi iningi lamadoda lawo mandla liwasebenz­isa budlabha ukuhlukume­za abesifazan­e,” esho.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ubusiswe ngabafana ababili nentombaza­ne eyodwa. “Abafana bami nodadewabo bayangesek­a ebhizinisi­ni. Ngaso sonke isikhathi bahlala ngokuzobhe­ka ukuthi uqhubeka kahle yini umsebenzi wami kanjalo noyise wabo naye onamabhizi­nisi kuyona le ndawo,” esho.

Umkhabela nomndeni wakhe bangamalun­gu ebandla labasindis­iwe i-africa Evangelica­l Church ngaphansi kukadkt Sonto Mathenjwa.

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? NGUNKK Philisiwe Mkhabela esebhizini­sini lakhe embazwane.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA NGUNKK Philisiwe Mkhabela esebhizini­sini lakhe embazwane.
 ?? ?? ZIBUKEKA kanjena izindlu zasedinang­o Lodge.
ZIBUKEKA kanjena izindlu zasedinang­o Lodge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa