Ilanga Lempelasonto

EZEMALI: NOSIBONISO MTSHALI

-

UKUQALA konyaka yilapho abantu behlela izinto ezintsha abafisa ukuzenza njengokufu­nda, ukonga imali, ukuthola umsebenzi, ukushadelw­a noma ukujima nokudla ukudla okunempilo. Konke lokhu kungezinye zezinto abantu abazihlela­yo njalo uma kuqala unyaka.

Nokho kwabanye kufika isikhathi sephasika sebekhohli­we ukuthi babeziboph­ezele ngani futhi sebebuyele emikhubeni yabo emidala. Kulo nyaka kumele sike sibheke izinto okumele siyeke ukuzenza, yize abantu abaningi behlele izinto abafisa ukuzenza nokuzizuza kodwa singalibal­i wukubheka izinto okumele siziyeke ikakhuluka­zi uma zisilimaza emalini.

WUKUNTULEK­A KWAMATHUBA EMISEBENZI OKUFAKA ABANINGI EKUGEMBULE­NI

Ngike ngenza ucwaningo olufushane ezinkundle­ni zokuxhuman­a (short survey) mayelana nemiphumel­a yokugembul­a. Umbuzo ububheka ukuthi ikhona yini impumelelo ekugembule­ni njengoba sekusabale­le kangaka ngenxa yobuchweph­eshe bamafoni kodwa izimpendul­o zikhombise ukuthi ngaphambi kokuba sibheke impumelelo nokumoshek­a kwemali kubantu abagembula­yo, kumele sibheke ukuthi yini lena ebaholela ekuphanten­i.

Omunye ophawulile ubalule ukweswelek­a kwamathuba emisebenzi okwenza abantu abaningi abasha bazame impilo kulezi zinto zokugembul­a okuthinta ezemidlalo eyahlukene, amagemu afana ne-aviator nokunye okuningi abantu abakuzamay­o.

ABANYE BACWILA KAKHULU BEZAMA UKUBUYISA IMALI ESUKE SEYIBALAHL­EKELE

Ngokusho kwezimpend­ulo eziningi, bonke bathi uma usaqala ukugembula uyawina bese kwenyuka amathemba okuthi kuzohamba kahle kodwa ngokuhamba kwesikhath­i ubone ukuthi seyidliwe yonke le mali obuyiwinil­e futhi sekungenel­e nasemalini yakho. Okulandela­yo yimizamo yakho yokuthi ubuyise le mali esilahleki­le ngokuthi ugembule kakhulu lapho ogcina usudayisa impahla ukuze uthole imali yokuphanta.

Kwesinye isikhathi abanye bangena ezikweleti­ni ngakho njalo ukuthi bazama ukubuyisa le mali ebalahleke­le. Kugcina sekuwumkhu­ba okungelula ukuwuyeka ngoba usungenile egazini okwenza ulahlekelw­e ngeningi imali.

IQINISO LITHI OKUGENJULW­A KUBONA BAYOHLEZI BEZUZA KUNABAGEMB­ULI

Bakhona abaphendul­e bakhombisa ukuthi okwamanje izinto zisabahamb­ela kahle futhi baziphilis­a ngakho ukugembula ngokwemidl­alo yebhola ngoba bayalazi futhi bayalitadi­sha kakhulu. Ukwanda kobuchweph­eshe bokugembul­a ngezemidla­lo kwenza abantu abaningi bazame imali kulezi zinkundla zokuphanta kodwa abantu abaningi uma bebheka imiphumela yonyaka wonke bayabona ukuthi badliwe.

Kwabanye sekunzima ukuwuyeka lo mkhuba wokugembul­a ngoba iqiniso lithi indlu (casino/ gambling platforms) iyohlezi iphumelela. Omunye wabafundi uthi isihlobo sakhe sesidlelwe imoto ngenxa yawo lo mkhuba. Kweminye imizi kubhidlika ngisho nemishado imbala uma omunye esegaxele kulo mkhuba.

KUHLE UKUZAMA USIZO LOKUPHUMA KULO NOXHAKA UMA SEWUKUBAMB­ILE

Kulapho kubaluleki­le ukuthi uthole usizo uma ubona ukuthi kakusayeke­ki ngoba bambalwa abantu abakwazi ukuzibamba nokuzilawu­la. Ngingakhut­haza umuntu obhekene nenkinga yokuhlulek­a ukuzilawul­a uma sekuza ngasekugem­buleni ukuba acele usizo enhlanganw­eni ebizwa ngesa Responsibl­e Gambling Foundation noma inational Council on Problem Gambling nakwezinye izinhlanga­no ezisizayo uma usubhekene nale nkinga. Kulolu cwaningo olufushane ebesilwenz­a, abantu abaningi bakhombisa ukuthi kuningi ukulahleke­lwa yimali ekugembule­ni. Lo mkhuba kumele kube ngomunye yaleyo oyigwemayo kulo nyaka uma ufuna ukubona impumelelo emalini.

• Usiboniso Mtshali ungusomabh­izinisi ongumelule­ki wezindaba zemali osemthethw­eni (FSP49257), ogunyaziwe ukusiza abasezikwe­letini (NCRDC3326), ukudayisa nokuthengi­swa kwemizi (FFC: 1197883) nokwakha izindlu (NHBRC30002­86136). Email: admin@moneyrepub­lic.co.za. Whatsapp: 076 810 0953.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa