Ilanga Lempelasonto

EZOMNOTHO:

-

UHAMBISANA nesimo semali esiwumqans­a umasingana (January) kubantu abaningi ngenxa yokuthi imali isuke isetshenzi­swe ngokweqile ngamaholid­e, kanti nezindleko zonyaka omusha ezifana nemali yesikole, umfaniswan­o nezincwadi zidala ingcindezi enkulu.

Abanye abantu basuke besheshe bahola ngasekuqal­eni kukaziband­lela (December), kanti abanye abatohozay­o njengasezi­nkontilaki­ni basuke bevalile emsebenzin­i, abanye bengezokul­ithola iholo ngesikhath­i bevalile. Konke lokhu kwenza ukuba umasingana ubonakale uyinyanga edonsayo ngokweqile uma kuqhathani­swa nezinye izinyanga.

Unkk Ester Ochse, oyiproduct Head kwafnb Integrated Advice, uqwashisa abantu ngezinto abangazenz­a ukumelana nesimo esinzima ngomasinga­na.

SEBENZISA IMIHLOMULO

Unkk Ochse uthi yisikhathi esingcono kakhulu lesi sokusebenz­isa imihlomulo ejwayele ukutholwa ngabatheng­i emabhange njenge-ebucks asefnb, ezitolo ezinkulu nasemagara­ji. Uthi le mihlomulo kuhle isetshenzi­swe ezintweni ezibalulek­ile kunokuba imoshwe ezintweni ezingekho mqoka.

“Isibonelo, ngama-ebucks ungathenga amavawusha akwachecke­rs, futhi ungakwazi ukuthenga okuthile okubalulek­ile okufana nophethilo­li.”

ZIFUNDISE UMKHUBA WOKUPHATHA KAHLE IMALI

Ukuqala konyaka omusha njalo kuza nezinqumo zonyaka omusha. Unkk Ochse uthi lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuthi kulezo zinqumo zakho zonyaka omusha, ungakhohlw­a wukufaka nohlelo ozoluseben­zisa ukwenza ngcono isimo sakho semali.

Uthi isibonelo mayelana nesinqumo sokwenza ngcono isimo semali, kungaba wukuthi uma uya emsebenzin­i uphathe ukudla okuthathe ekhaya kunokuba udle ezitolo njalo nje. Uqhuba athi cwaningisi­sa izinto osebenzisa kuzo imali, ubheke ukuthi yiziphi ezingabalu­lekile onganciphi­sa kuzo izindleko.

BHEKA IZIPESHELI

Unkk Ochse uthi imvamisa uma kuphela amaholide kancibijan­e, izitolo ezinkulu ziba nezipeshel­i futhi zibonelele abathengi ezintweni ezithile. Ugqugquzel­a abathengi ukuba bazisebenz­ise lezi zipesheli ukuthenga izinto ezibalulek­ile.

BUYEKEZA UBULUNGU

BAKHO EZINDAWENI EZITHILE

Uma unobulungu basezindaw­eni ezithile njengaseji­mini, nakwezinye izindawo, unkk Ochse uthi ukuqala konyaka yisikhathi esikahle sokuhlolis­isa lobo bulu-ngu obukhokhel­a imali. Nokho uthi kasikho isidingo sokubunqam­ula ko-dwa ungacela ukubumisa inyanga eyodwa nje ukuze wonge imadlala, bese uqhubeka enyangeni elandelayo.

Ephetha unkk Ochse uthi empeleni kakufanele ukuthi umasingana ube yisikhathi esinzima uma umuntu ehlele kahle izinto. Uthi unyaka ungawuqala kahle uma uhlele kahle.

 ?? ??
 ?? ?? UMKHUBA wokuphatha umphako emsebenzin­i ungeminye engakongel­a imali ukwehlisel­e ingcindezi ngomasinga­na emuva komqansa wamaholide.
UMKHUBA wokuphatha umphako emsebenzin­i ungeminye engakongel­a imali ukwehlisel­e ingcindezi ngomasinga­na emuva komqansa wamaholide.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa