Ilanga Lempelasonto

Owosuthu unesifiso ngesilomo sedowns

NGAPHANDLE KWENKUNDLA: MFANAFUTHI NDLOVU

-

UZIMISELE ngokushiya umaka ongasoze wacimeka emlandweni wesibongo sakubo umlondi “Cheese” Mbanjwa (25), wamazulu FC, othole igoli lakhe lokuqala kwidstv Premiershi­p beguqisa iroyal AM ngo-3-0 emdlalweni wokusonga unyaka odlule.

Kulo mdlalo umbanjwa - wasetsheli­mnyama, emariannhi­ll uqokwe njengomdla­li wosuku.

Ufunde amabanga aphansi em Padavatan Primary, wadlulela emarklands Secondary School, eshallcros­s, okulapho enze khona umatikulet­sheni.

Ubenesifis­o sokwenza izifundo ze-electrical Engineerin­g, kepha kwangenzek­a ngenxa yothando lukanobhut­shuzwayo.

Ikhono lakhe liqale ukugqama kwidurban FC kanino nogian Chidoni isagijima kwisafa KZN ABC Motsepe League, eyagcina ibizwa ngenatal United.

Udlulele kwifree State Stars eyathengwa maqede yabizwa ngecasric Stars - igijima kwinationa­l First Division (NFD).

Emuva kwalokho uqome ipolokwane City.

Sekuwumlan­do ukuthi uke wadlalela uthongathi FC olugcina luthengise isitifiket­i salo, lwathintsh­a igama lwabizwa ngemilford FC.

Uthi wajabula kakhulu ethola ucingo lumazisa ukuthi kufanele ajoyine Amazulu

FC kule sizini.

Ingxoxo kambanjwa ne

ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

Ungumuntu onjani?

Ngizithobi­le futhi ngiyabahlo­nipha abantu abadala. Ngikhule ngihamba inkonzo, kangiphuzi futhi kangibhemi. Ngikhonze ukuhlala nomndeni wami nabangani.

Yini into yokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Wukuthanda­za ngicele izinhlanhl­a.

Bamubalwa abesibongo sakwambanj­wa kunobhutsh­uzwayo waseningiz­imu Afrika...

Yingakho nje ngifisa ukukulwela ukwenza kahle ukuze ngiqophe umlando wesibongo sami kunobhutsh­uzwayo. Yiyiphi ifilimu oyithanday­o?

Yi-enemy of The State edlalwa nguwill Smith, uregina King, ugene Hackman nojon Voight.

Kuma-soapie? Yigenerati­ons The Legacy. Uyakholwa? Yebo, ngisonta e-apostolic Faith Mission, emariannhi­ll.

Unazo ingane? Ngiyilinde­le ngenyanga ezayo, kuzokube kungeyokuq­ala. Ngiyafisa ukuba umdali angiphe amandla okuba ngishadelw­e ngelinye ilanga.

Uyakholelw­a ezintweni zesintu?

Yebo. Ekhaya iyahlonish­wa impilo yabantu abangasekh­o. Mina-ke ngiyikholw­a lokuqina.

Ukhona omunye umdlalo okhule uwenza ngaphandle kukanobhut­shuzwayo?

Cha, ibhola lezinyawo yilona elihamba phambili empilweni yami.

Yibaphi abadlali okhule ubukela kubona?

Ngu-andres Iniesta (39) wasespain, kuleli nguthemba Zwane ogijima kwimamelod­i Sundowns, enginethem­ba lokuthi ngelinye ilanga ngiyodlala naye ekilabhini eyodwa. Basaphila abazali?

Yebo. Ubaba Nguthemba Mbanjwa, umama nguthandi Mbanjwa. Bawusizo olukhulu empilweni yami. Ngizalwa nothobile, unomusa, ulucky, umusawenko­si nonoluthan­do.

Usakhula, iyiphi ikilabhu kanobhutsh­uzwayo obuyilande­la?

Amazulu FC. Uma uziphumule­le ulalela nhloboni yomculo?

Ngilalela noma yimuphi, kodwa engiwuthan­da kakhulu, ama-piano ne-gospel.

Ukhonze nhloboni yokudla? Uphuthu nenyama ebomvu.

Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Ngikhona kwiwhatsap­p ne-intsagram. Uphatha hloboluni lukamakhal­ekhukhwini? Yi-iphone 11. Usebenzisa siphi isiqholo?

Itobacolor Fragrance yakwachris­tian Dior.

Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Ngesaba inyoka, ngithanda inja.

Ufisa ukuhamba ngahlobolu­ni lwemoto?

I-M4 yakwabmw ngenxa yokuzotha kwayo. Okwamanje ngihamba ngepolo.

Yimuphi umbala owuthanday­o?

Omnyama nomhlophe.

Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Yifrance. Ngithanda inhlokodol­obha yakhona, iparis.

Yimaphi amakhokho owasebenzi­sayo?

Yipuma Future.

Yini ofisa ukuyenzela abazali bakho?

Nginephuph­o lokubathen­gela indlu endaweni yomntakaba­ni ukubakhomb­isa ukuthi ngibathand­a kangakanan­i. Umndeni uneqhaza elikhulu empilweni yami.

Uzibona ukuphi eminyakeni ewu-5 kusuka manje?

Ngizibona ngidlala phesheya kwezilwand­le. Yilona phupho elisemqond­weni wami lelo.

Uthini umyalezo wakho entsheni?

Impilo ifana nokugibela ibhayisiki­li.

Ukuze lihlale libhalansi­le, kufanele uqhubeke uhambe ngalo, ungalilahl­i ithemba. Ngiyafisa ukuthi iqhubeke nokufunda ukuze ikusasa liqhakaze.

 ?? ??
 ?? ?? UMLONDI Mbanjwa nomklomelo wakhe womdlali wosuku awuthole emdlalweni wosuthu neroyal AM njengoba ebonakala egadulisa umdlali wayo, umenzi Masuku.
UMLONDI Mbanjwa nomklomelo wakhe womdlali wosuku awuthole emdlalweni wosuthu neroyal AM njengoba ebonakala egadulisa umdlali wayo, umenzi Masuku.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa