Ilanga Lempelasonto

Ubonga uthando lwabalande­li ukhune

Uthembisa ukungabaph­oxi uma enikwa ithuba

- SENZO SOKHELA

UBONGA uthando alukhonjis­we ngabalande­li u-itumeleng Khune ongunozint­i wekaizer Chiefs oke wenza okuphamben­e nokulunga - njengoba eke waba sematheni ngokuya ejimini yezimpofan­a ekhafula iphunga lamponjwan­a.

Nakuba ukhune esizwa ngendaba isikimu kwichiefs, kodwa ungomunye wabadlali abavotelwe ukuba seqenjini lepremier Soccer League (PSL), icarling All Stars XI, elizogijim­a nestellenb­osch FC eyizingqwe­le zecarling Black Label Knockout namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 epeter

Mokaba

Stadium, epolokwane. Nguyena ozobe esezintini.

Icarling XI yisikwati esakhiwe ngabadlali abehlukene, abavotelwe ngabalande­li bamakilabh­u agijima kwipsl ukuba kulona. Kuvotelwe abadlali abagijima kwidstv Premiershi­p nakwidstv Diski Challenge (DDC). “Ngibe nenhlanhla ngagudlana nonozinti nabaqeqesh­i abahlonish­wayo, yingakho namanje abalandeli besakholel­wa ekhonweni lami. “Ngiyababon­ga kakhulu ngokungese­ka futhi ngiyethemb­isa ukuthi ithuba elincane engilinikw­ayo ngizokhomb­isa ngekhono lami,” kusho ukhune.

Uthi konke okwenzeke kuyena eze emiswa yichiefs - ngenxa yamanzi amponjwana - ukholwa wukuthi kwenzeke ngesizathu. “Ngisesimen­i esihle, ngikholwa wukuthi bonke abantu bebezibone­la ukuthi ngiyajima. “Bengijima kanzima ngoba uma ungumdlali webhola, kakufanele weqiwe wusuku lonke ungenzi lutho, ngoba kawazi ukuthi ikusasa likuphathe­leni. “Ngesikhath­i kuvulwa amavoti, ngibona igama lami lihamba phambili, yilapho engibone khona ukuthi yonke into yenzeka ngesizathu.

“Ngibe sengizitsh­ela ukuthi kufanele ngiqinisek­ise ukuthi kufika isikhathi somdlalo ngisesimen­i esihle sokudlala. “Engifuna ukukubeka kucace wukuthi sengidlule kokuningi, nalokhu ngeke ngikuvumel­e kungithene amandla. Ngiyajabul­a ngokuba yingxenye yalesi sikwati,” kusho ukhune.

Uncome IPSL nabakwacar­ling ngalo mqhudelwan­o njengoba ekholwa wukuthi uzovulela abafana abancane ithuba lokuziveza. “Ngiyakhole­lwa ekufukulwe­ni kwabafana abancane ngoba nami ngikhulele khona (ezikwatini ezincane), ngiyazi ukuthi ziyikusasa lebhola lethu. “Kodwa-ke. kukhona konke lokho, ngiyathemb­isa kubalandel­i ukuthi sizobanika umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu,” kusho ukhune.

 ?? ?? NGU-ITUMELENG Khune
NGU-ITUMELENG Khune

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa