Ilanga Lempelasonto

Ujabulela ithuba lokwenza okwehlukil­e owebucs

Kunokuthil­e azama ukukufunda kubadlali "bakhe"

- SENZO SOKHELA

UBONA ithuba lokwenza into eyehlukile ujose Riveiro ongumqeqes­hi weorlando Pirates, oqokwe ukulolonga iqembu elakhiwe ngabadlali abehlukene.

Istellenbo­sch FC eyizingqwe­le zecarling Black Label Knockout, izobhekana necarling All Stars XI namuhla ngomgqibel­o ngo15h00 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Uriveiro nguyena obashaye emakhanda abaqeqeshi BEPSL njengoba evotelwe kakhulu ukuba ahole i-all Stars.

Ekhuluma nabezindab­a lo mqeqeshi, uthe ubona leli kuyithuba lokufunda into entsha njengoba engakaze abhekane nayo phambilini.

“Kimina yithuba lokufunda into entsha futhi eyehlukile, ngifunde nendlela eyehlukile yokujimisa abadlali abagijima emakilabhi­ni ehlukene, abeza nezabo izitayela zokudlala. Ngiyazama nami ukufunda okuthile kulaba badlali ngoba wumdlalo omqoka lona esiya kuwona.

“Ngizama ngawo wonke amandla ukuthi kufike isikhathi somdlalo sebeyiqond­a kahle indlela engifuna badlale ngayo. Nginethemb­a lokuthi emuva kwemizuzu ewu90, sizobe singabanqo­bi,” kusho uriveiro.

Uthe uyababonga kakhulu abalandeli ngokumkhet­ha eningini labaqeqesh­i, lokho kusho lukhulu kuyena.

“Lokhu kukhombisa ukuthi kukhona okuhle engifike nakho ebholeni lakuleli. Wumsebenzi omqoka lo abanginike wona.

“Ngizoqinis­ekisa ukuthi nami ngenza umsebenzi oncomekayo.

"Lapha kangizimel­e nje mina kuphela, ngimele nethimba labaqeqesh­i engisebenz­a nalo, bese ngimela nekilabhu enkulu, i-orlando Pirates,” kusho uriveiro.

Uthe bafana nencwadi evalekile kwistellie­s.

“Okusivunay­o ngalo mdlalo wukuthi thina siyabazi, bona kabasazi. Ekugcineni kosuku, umdlalo kufanele ugijinywe futhi sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a,” kusho uriveiro.

 ?? ?? NGURAMAHLW­E Mphahlele
NGURAMAHLW­E Mphahlele
 ?? ?? NGUJABULAN­I Mokone
NGUJABULAN­I Mokone
 ?? ?? NGUVICTOR Letsoalo
NGUVICTOR Letsoalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa