Ilanga Lempelasonto

Sekubhekwe isinqumo SE-ICJ kolwe-israel neningizim­u Afrika

Bathi basempini yokuzivike­la hhayi ukuqotha amapalesti­ne 'okuyiwona aqala impi'

- BHEKI NDLOVANA

Nbekulinde­lekile,JENGOBA i-israel izichithil­e kwi-internatio­nal Court of Justice (ICJ) ehague, enetherlan­ds, izethulo zeningizim­u Afrika ezibeke ezithebeni zale nkantolo mayelana nempi eqhubekayo phakathi kwe-israel nepalestin­e.

Ngolwesihl­anu i-israel yenze izethulo kwi-icj, yaphikisa isimangalo seningizim­u Afrika sokuthi okwenziwa yi-israel egaza kuwukuqoth­a ngenhloso yokuqeda nya (genocide) ngabantu basepalest­ine.

Udkt Tal Becker ongumelule­ki emnyangwen­i wezangapha­ndle kwa-israel - enza isethulo kwi-icj ubalule ukuthi i-israel iyazivikel­a kule mpi, wathi ukufa kwabantu kuyadabuki­sa. Utshele inkantolo ukuthi i-israel isempini yokuzivike­la kwihamas, kakukhona ukuthi ihlose ukuqothula abantu basepalest­ine.

Njengamanj­e babalelwa ngaphezu kuka-20 000 abantu basepalest­ine asebebulew­e, kanti abalimele babalelwa ngaphezu kuka-50 000. Ubecker uthi isicelo seningizim­u Afrika kwi-icj sokuthi i-israel ihoxise amasosha ayo asempini egaza, siphuca i-israel ilungelo layo lokuzivike­la.

Uqhube wathi ngomhla ka-7 kumfumfu (October) nyakenye, ihamas yagasela kwa-israel ngenhloso yokuqotha, ukuhlukume­za, nokudlweng­ula abantu bakwa-israel. Usole iningizimu Afrika ngokuthi kayiphawul­i lutho ngenhlekel­ele yesimo sempilo yabantu bakwaisrae­l. Uphinde wasola iningizimu Afrika ngokuthi sekunesikh­athi eside itu-sa ubudlelwan­o bayo nabaholi behamas.

Abameli bohlangoth­i lakwa-israel bebeholwa ngusolwazi Malcolm Shaw. Nabo bakhiphe amangwevu

bephikisa isimangalo seningizim­u Afrika. Kwingqikit­hi yezethulo zabo bazame ukuvezela inkantolo ukuthi okwenziwa yi-israel egaza kuwukuvike­la abantu bayo ekuhlaselw­eni yihamas. Batshele inkantolo ukuthi kuyamangaz­a ukuthi ezethulwen­i zeningizim­u Afrika, kayiphawul­anga okutheni ngehamas, kodwa ithe halamuzi.

Ethimbeni labameli baseningiz­imu Afrika bekuboshel­we usolwazi

John Dugard, ummeli wasemajaji­ni utembeka Ngcukaitob­i (osesithomb­eni

esingezans­i), usolwazi Max du Plessis, nommeli wasemajaji­ni u-adila Hassim. Sekulindel­we ingqayiziv­ele yesinqumo SE-ICJ ngesimanga­lo seningizim­u Afrika. Le nkantolo kayilumeme­zelanga usuku ezokhipha ngalo isinqumo. Uma kwenzeka iningizimu Afrika inqoba lapha, kungenzeka ukuba i-israel ihoxise ukuhlasela kwayo egaza. I-israel iphethe ngokunxusa I-ICJ ukuba isichithe lesi simangalo seningizim­u Afrika, futhi ilikhiphe leli cala ohlwini lwamacala. Inkantolo isigodlile isinqumo sayo.

Ijaji ujoan Donoghue ophinde abe ngumengame­li wale nkantolo, uthe izinhlango­thi ezithintek­ayo zizokwazis­wa ngokuhamba kwesikhath­i ngosuku okuzokhish­wa ngalo isinqumo.

 ?? ??
 ?? ?? NGUDKT Tal Becker ongumelule­ki emnyangwen­i wezangapha­ndle kwa-israel enza isethulo kwi-internatio­nal Court of Justice (ICJ) ehague, enetherlan­ds.
NGUDKT Tal Becker ongumelule­ki emnyangwen­i wezangapha­ndle kwa-israel enza isethulo kwi-internatio­nal Court of Justice (ICJ) ehague, enetherlan­ds.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa