Ilanga Lempelasonto

IGXEKA UHULUMENI WASENINGIZ­IMU AFRIKA INHLANGANO YAMAJUDA

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

INHLANGANO yamajuda eningizimu Afrika, isouth African Jewish Board of Deputies (SAJBD), ithi uhulumeni waseningiz­imu Afrika uhlanekeze­la iqiniso ngokusola i-israel ngecala lokuqothul­a abantu basepalest­ine.

Usolwazi Karen Milner ongusihlal­o WESAJBD, uthi isimangalo seningizim­u Afrika singahunyu­shwa njengenzon­do nokubandlu­lulwa kwamajuda.

Uthi nakuba kuyishwa okwenziwe yiningizim­u Afrika kodwa kakumangaz­i uma kubhekwa ubuhlobo baleli nehamas.

Uqhube wathi ukubandaka­nywa kwalowo owayengumh­oli we-uk Labour Party umnu Jeremy Corbyn, ethimbeni laseningiz­imu Afrika ebelijutsh­we ukuyomela izwe kwi-icj, kuqiniseki­sa uvalo abebevele benalo ngenhloso kahulumeni waseningiz­imu Afrika yokumangal­ela i-israel.

Umilner uthi ucorbyn waxoshwa kwilabour Party ngenxa yenzondo nokubandlu­lula abantu bakwa-israel.

“Ubuye ‘ancome’ ubungani bakhe nehamas. Lokhu kusho lukhulu ngenhloso yeningizim­u Afrika,” kusho umilner.

Uqhube wathi amajuda emhlabeni jikelele asho ngazwi linye ukuthi lesi simangalo seningizim­u Afrika sisuselwe enzondweni ebhekiswe kumajuda. Uthi njengoba iningizimu Afrika yasola i-israel ngecala lokuqotha abantu emuva kwesonto ihamas iqale le mpi, kuyinkomba yokuthi yayivele isiyahlule­le i-israel ngokuthi inecala ngaphandle kokubhekis­isa isimo.

Uqhuba uthi kulelo sonto futhi umengameli wezwe (Cyril Ramaphosa) wehlulekil­e ukugxeka ukuhlasela okunonya kwehamas kwa-israel.

Ngokusho kukamilner, ukungayiso­li ihamas ekubandaka­nyekeni kwayo ekufeni kwabantu kwa-israel nasegaza kukhombisa ukungaqond­isisi ngokuphele­le ingxabano eqhubekayo.

I-SAJBD ibuza ukuthi kungani uramaphosa engazange azibone enesibopho sokuba iningizimu Afrika ibambe owayengume­ngameli wasesudan umnu Obar Al Bashir ngesikhath­i evakashele eningizimu Afrika njengoba wayelahlwe yi-internatio­nal Criminal Court (ICC) ngamacala okuqotha abantu. I-SAJBD iphethe ngokuthi iyadabuka ngokufa kwabantu.

“Nathi sifisa kakhulu ukuthi kube nokuthula futhi sizokwesek­a zonke izinhlelo ezizoletha isixazulul­o. Yihamas eqale le mpi. Yihamas engayiqeda. Iningizimu Afrika ingaba neqhaza ekwelekele­leni kulokho (kuqedwa kwempi),” kusho umilner.

 ?? ?? UMENGAMELI wezwe umnu Cyril Ramaphosa okuthiwa wehlulekil­e wukugxeka ukuhlasela okunonya kwehamas kwa-israel.
UMENGAMELI wezwe umnu Cyril Ramaphosa okuthiwa wehlulekil­e wukugxeka ukuhlasela okunonya kwehamas kwa-israel.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa