Ilanga Lempelasonto

Kwamshints­ha umqondo ukulingisa ekasenzang­akhona

Uzoshukumi­sa izinto emdlalweni wetv onedumela, Isitha

- LUCKY CAIN

UDALULA ukuthi kuzophendu­ka amatafula emdlalweni kamabonaku­de okhonjiswa kwi-e.tv obizwa ngokuthi Isitha, umlingisi osezakhele igama kulo mkhakha, usenzo Radebe.

Ugqame edlala indawo kasenzanga­khona emdlalweni obunedumel­a ushaka Ilembe, obukhonjis­wa kumzansi Magic.

Lo mlingisi oseke wabonakala nakweminye imidlalo okubalwa kuyo igomora, Isono nemuvhango, uthi uzizwa ethobekile ngokujoyin­a lo mdlalo azolingisa indawo kasolomuzi kuwona.

Uthi le ndawo icishe ifane ncimishi naye. Uthe selokhu angena kulo mkhakha, akajwayele ukudlala indawo efana naye njengoba ehlale ethola izindawo ezehluke kakhulu kuyena.

“Kwisitha ngizodlala indawo kasolomuzi ecishe ifane nami ngokudlala ngolimi. Ngingumunt­u okwaziyo ukudlala ngolimi nokuba namagama ashibilika­yo, kodwa okunye sihlukile njengoba usolomuzi efika aguqule izinto kulo mdlalo ngendlela enobuchule nenobunyon­inco,” esho.

UTHI UYINDODA EZIFELAYO NGOKUKHOMB­ISA UTHANDO

Uthi enye indawo aseke wayidlala ecishe isondelane naye ngekasenza­ngakhona njengoba nayo ibiqhakamb­isa uthando.

“Uma ubuka umdlalo welembe usaqala lapho usenzangak­hona ezethula kunandi, wayekhombi­sa uthando oluyisiman­ga, kanti nami empilweni nginjalo, ngiyazifel­a ngothando,” esho.

Uthi okunye okuhambisa­na nokulwela amandla kukasenzan­gakhona kakufani naye njengoba engumuntu onamahloni.

Echaza ngohambo lwakhe kulo mkhakha, uthe kakubanga wuhambo olulula njengoba kumthathe isikhathi ukuqala awubheke ngelinye iso (lo mkhakha).

“Bengazi ukuthi nginalo ikhono lokulingis­a kodwa ukuzethemb­a bekungekho, njengoba kungithath­e isikhathi ukuba ngibuyelwe wukuzethem­ba nokuthi lo mkhakha ngiwubone ungifanele,” esho.

Ubalule umdlalo ushaka Ilembe njengomshi­ntshe umqondo, wamenza wazibona ukuthi ukufanele ukuba kulo mkhakha futhi nokuzethem­ba kwakhe kwanyuka.

KUMKHULISE KAKHULU UKULINGISA KWI-USHAKA ILEMBE

“Ukuba kulo mdlalo kungenze ngabona ukuthi kumele ngiwubheke ngelinye iso,” esho.

Ukhale ngokugqoza kokuthola ukwesekwa wuhulumeni okwenza lo mkhakha ungafinyel­eli ezingeni lomhlaba.

Uthi kwamanye amazwe lo mkhakha ubalwa nehamba phambili ngoba ohulumeni bawo bawubeka eqhulwini njengoba uneqhaza elimqoka empilweni yabantu.

“Uma ubheka umkhakha wezokuling­isa ngesikhath­i se-covid, yiwona okwazile ukwenza abantu bangabi nengcindez­i nokhwantal­ala ngezikhath­i ezinzima. “Yithina ebesikhona ezindlini zabantu, sibathokoz­isa ngamakhono ethu. Kodwa uma ubheka ukuthi ngobani abalimale kakhulu ngalesi sikhathi, kube yithina abalingisi nakulabo abasemkhak­heni wezikaqedi­sizungu,” esho.

USEZINHLEL­WENI ZOKUQALA UHLELO LWAKHE LOKUZIVOCA­VOCA

Uthi usezinhlel­weni zokuqala uhlelo lwakhe lokukhutha­za ukuzivocav­oca. “Sengiqalil­e ngihlangan­isa izimfanelo mayelana nalolu hlelo lwami olukhuthaz­a ukuzivocav­oca, sisebenzis­a abantu abaziwayo ngokunakek­ela imizimba yabo nalabo abangakadu­mi, kodwa abakukhuth­alele lokhu,” esho.

Uthe maduzane uzoxhumana neziteshi zikamabona­kude, alwethule lolu hlelo bese ziyazikhet­hela uma zinayo intshiseke­lo yalo. Ngaphandle kwalokhu, uthe nakuba ekwazi ukuklwebha amapuleti, kodwa kakusiyona into eseqhulwin­i kuyena. “Ngiyakwazi ukuba ngudj kodwa kakusiyona into engizimise­le ukugxila kuyona okwamanje, mhlawumbe ngokuhamba kwesikhath­i,” esho.

Usenzo uzalelwe wakhulela e-alexandra, egoli, kanti useke wabonakala nakumafili­mu okubalwa kuwo ijewel, inext Assignment, icode Blue, idark Blue namanye.

KUKHULU akuphekayo usenzo Radebe ongumlingi­si wemidlalo kamabonaku­de, othe lo mkhakha usewubona ngelinye iso.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa