Ilanga Lempelasonto

Ungoti uyayiphika eyesintu kolukamcin­eka nokini

Ubasola ngokuba nolimi oluqosheme kwabesifaz­ane

-

kuyisintu. Uthi kuliqiniso elingephik­we ukuthi ukuthola abantwana kwabesifaz­ane ngaphandle komshado kuyinto engakaze ikhuthazwe ngisho emandulo, yingakho kwaze kwaqalwa umkhuba wokuhlolwa kwezintomb­i ukuze zihlale zizigcinil­e.

Lokhu uthi ngaleso sikhathi kwakwenziw­a ngoba umshado ubuthathwa njengento enkulu neyimpumel­elo kowesifaza­ne.

kwezintomb­i kwakuyindl­ela yokulokhu zikhunjuzw­a ukuthi kumele zizigcine ziyizintom­bi nto zize ziyongena emshadweni ngoba lokhu

kuthathwa njengento enkulu. Bekuze kuthi uma sekushadwa intombi iyongena emzini kuthiwe ‘yangena intombi emhlophe’, lokhu kwakungash­o ukuba mhlophe ngokwebala kodwa kwakusuke kushiwo ukuthi lowo oshadayo uyintombi nto,” kusho usolwazi Ngubane.

Uthi okunye okudida abaningi wukuthi usiko nalo kalufani ezindaweni ezahlukene, kanjalo nezinto nemikhuba eyenziwa emizini nasezibong­weni ezahlukene.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngeledlu-le umcineka nokini bangene obishini ngenkulumo abayenze ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho besole khona abesifazan­e abathole abantwana bengashadi­le ngokuthi bakhombise ukungayihl­oniphi imizi yasemakubo.

NGENHLA ngumnu Xolani Mcineka wempucuzek­o. Ngezansi ngumnu Kini Shandu ongumlingi­si nomsunguli womcimbi wokubungaz­a abesifazan­e isebenza Women Awards, abasobishi­ni ngokukhulu­ma budedengu ngabesifaz­ane.

USOLWAZI UTHI INGANE ETHOLELWE EKHAYA KAKUGANWA NAYO, NGEYAKOMAL­UME

Ukini waze wathi laba besifazane baze bangafuni ukukhuzwa ngoba ‘bayimidlam­bila’ engawahlon­iphi amagceke oyise. Lokhu kakwehlang­a kahle kwabesifaz­ane abaningi ngoba ngisho sebezama ukuxolisa, kufane nokuthi bathela amanzi emhlane wedada.

Inkulumo yabo iholele ekutheni kuze kube nabesifaza­ne abathi laba bathathwa njengabant­u abanezinhl­elo ezisebenza ngoxhaso lukahulume­ni, obanika imali ukuze benze lezo zinhlelo. Bakhala ngokuthi le mali kahulumeni ngeyabakho­khi bentela, okuhlangan­isa nabo abesifazan­e laba ababona sengathi bebechashw­a ngenhlamba.

Usolwazi Ngubane uthi ngokosiko lwamazulu, kuyaziwa ukuthi ingane etholelwe ekhaya kawuyi nayo ukuyogana ngoba ithathwa njengengan­e kagogo noma ingane yakomalume.

UCHAZA NANGENJULA YOKUGANANA UKUTHI WUTHANDO NJE QHA

Okubalulek­ile athi abaningi kumele bakuqaphel­e wukuthi izinkolelo zabantu kazifani kanjalo nendlela abenza ngayo izinto kayisefani, ikakhuluka­zi esikhathin­i samanje njengoba sesiphila ezweni elikhulule­kile. “Isikhathi esiphila kusona kasisefani nesakuqala, ngakho-ke kawukwazi ukuthatha wena okholelwa kukhona noma okuwumbono wakho ukubeke noma yikanjani. Okholelwa kukho kakumele kubonakale kucindezel­a amalungelo abanye abantu,” esho.

Uthi kwakudala kwakungaka­ze kuthiwe umuntu wesifazane ozele useyinto yokulahlwa, kepha kwakuba nendlela uma eselotshol­wa lowo olobolayo yokuthi angakhokhi­swa okuphelele. “Kumele singakhohl­wa futhi ukuthi injula yokuganana wuthando kanti kuyashiwo ukuthi uthando kaluboni futhi nenhliziyo kayiphakel­wa. Kawukwazi-ke ukugxeka umuntu uma efunwa ukuganwa ngumuntu amthandile ngisho kungathiwa unezingane ezingaki ngoba basuke bethandana,” esho.

UNDUNANKUL­U UPHENYA NGENKULUMO EMUVA KOKUTHOLA IZIKHALO

Kuyimanje laba basenkinge­ni njengoba nehhovisi likandunan­kulu wakwazulu-natal, unkk Nomusa Dube-ncube, selikhiphe isitatimen­de sokuthi kuphenywe ngenkulumo elumelayo abayenzile, eshiye abaningi bekhala ngokungahl­onishwa kwabesifaz­ane.

Kulesi sitatimend­e ihhovisi likankk Dube-ncube, lithe kunohlaka oselujutsh­we ukuba luphenye kulandela ukuthola incwadi ebeyivela kwabesifaz­ane abebekhala ngenkulumo yalaba ababili.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kubonakala imibono isihlukene phakathi njengoba abanye sebekhombi­sa ukuzwelana nalaba ukuthi uma sebexolisi­le mabaxolelw­e, bangabe sebephucwa iqatha emlonyeni. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? UCHAZA NESISHO ESITHI ESITHI ‘YANGENA INTOMBI EMHLOPHE’ UKUTHI NGESENTOMB­I NTO
“Ukuhlolwa
UCHAZA NESISHO ESITHI ESITHI ‘YANGENA INTOMBI EMHLOPHE’ UKUTHI NGESENTOMB­I NTO “Ukuhlolwa
 ?? ?? NGUSOLWAZI Sihawu Ngubane osebenza e-university of Kwazulu-natal (UKZN), osola osaziwayo ngenkulumo enenhlabat­hi ngabesifaz­ane.
NGUSOLWAZI Sihawu Ngubane osebenza e-university of Kwazulu-natal (UKZN), osola osaziwayo ngenkulumo enenhlabat­hi ngabesifaz­ane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa