Ilanga Lempelasonto

Ubalisa 'ngebhanoyi' eliphahlaz­eke no-r277 000 abewutshal­ile

Umnikazi wenkampani kuthiwa ufake izithombe, etetemuka nomyeni eholidini

- THANDI ZONDI

UYAZISOLA owesifazan­e kuphahlaze­ka ‘ibhanoyi’ nor270 000 abewuqonge­lela ngokudayis­a izimpahla zokugqoka, abewutshal­e nomfowabo enkampanin­i i-uminathi Financial Solutions, ephethwe ngunkk Samukelisi­we Zulu (29) wasemondlo, evryheid.

Unkz Mbatha (33) (ocele ukuba singaliseb­enzisi igama lakhe ukumvikela emehlweni omphakathi) utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi ubetshale u-r277 000 abeyihlang­anisa nomfowabo.

Uthi le mali kabazange bayifake iyisamba kepha bebelokhu bephonsa kule nkampani ngoba kungeyomun­tu abamaziyo lapho ezalwa khona.

“Ubebuye akhale ngokuthi ulahlekelw­e wucingo, noma athi kuvalwe amakhadi akhe asebhange. Ubecela ngiphonse ukuze akwazi ukukhokhel­a abanye, kodwa sengiyabon­a manje ukuthi bekuyizaba zokungiqol­a,” esho.

Uthi uqale ukutshala imali ngo2022, inzalo abeyithola beyisuka ku-r10 000 kuya phezulu.

Uthi bekuya ngokuthi uyifake ngaluphi usuku lwenyanga.

“Uma ngiyifake ngomhla ka-15 enyangeni, bengithola inzalo ngosuku olufanayo enyangeni elandelayo.

“Thina besizitshe­la ukuthi sixhasa intombazan­e yasendawen­i ngoba ingumuntu othembekil­e (uma uyibuka), nathi besiyethem­ba. Yaze yasitshela nokuthi siyazi kubo ngeke isibalekel­e.

“Ingibulale ngiphila ngoba ngiyazizam­ela, kangiseben­zi. Le mali ebengiyifa­ka bengisuke ngiyithola ngokuziday­isela,” kubalisa unkz Mbatha.

Kakuyena unkz Mbatha okhala ‘ngokuphahl­azeka kwaleli bhanoyi’ nemali yakhe njengoba kungesifan­ayo nakunkz Lungile Mlambo (30) wasemondlo, othe imali abeyitshal­ile

ubeyonga selokhu aqala ukusebenza.

Naye uthi wake wahlomula phambilini enzalweni kepha kwashintsh­a esithubeni.

Le ntokazi ibitshale u-r20 000 obekumele inzalo ibuye isiwu-r38 000 kule nyanga seyihlange­ne nenzalo.

Uthi ngesikhath­i umnikazi wale nkampani eyobhekwa kubo ngamanye

amalungu ngenyanga edlule, kwathiwa usehambile wabuyela egoli.

“Vele uhlala egoli nomyeni wakhe, kodwa ungumuntu ojwayele ukubuya ngoba ikubo lisemondlo.

“Kuthe uma simfonela, walokhu ethembisa ukuthi imali uzoyifaka kodwa kuze kube yimanje kayikangen­i,” kusho unkz Mlambo.

 ?? ?? INKAMPANI esolwa ngokuqola eyesitokof­ela.
INKAMPANI esolwa ngokuqola eyesitokof­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa