Ilanga Lempelasonto

UGODONGWAN­A NETHEMBA LOKUYONXEN­XA ABATSHALIM­ALI

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

INETHEMBA lokunxenxa abatshalim­ali iningizimu Afrika engqungqut­heleni eqavile yezomnotho yamazwe ebizwa ngeworld Economic Forum (WEF), eyenzelwa edavos, eswitzerla­nd.

Iningizimu Afrika engelinye lamazwe azoba yingxenye YEWEF ezoqala ngomsombul­uko esiya kuwona womhla ka-15 kuze kube wulwesihla­nu ziwu-19, imatasa namalungis­elelo okugcina okuyoqhaka­mbisa elakuleli kule ngqungquth­ela ukuze inxenxe abatshalim­ali.

Ngolwesihl­anu ekuseni ungqongqos­he wezemali umnu Enoch Godongwana (osesithomb­eni), ubehlangen­e nabomkhakh­a wezamabhiz­inisi abazobe besethimbe­ni lakuleli eliyokweth­amela IWEF.

Ugodongwan­a uthe lo mhlangano abe nawo nabasemkha­kheni wamabhizin­isi futhi abawuthath­a njengomqok­a, ubanike ithuba lokuhlanga­nisa amehlo, kubunjwe umyalezo ofanayo ngeningizi­mu Afrika, abazohamba bewuphethe kule ngqungquth­ela.

Enkulumeni yakhe nosomabhiz­inisi, uthe kungenzeka kube nokungabon­i ngasolinye ngokunye okuthinta inqubomgom­o yezwe (yezomnotho), kodwa kubaluleki­le ukuthi uma kufikwa edavos, kukhulunyw­e ngazwi linye.

Utshele osomabhizi­nisi ukuthi umnyango wakhe ngokubambi­sana nowezokuxh­umana nobuchweph­eshe bedijithal­i, owezempilo, owezemfund­o ephakeme nesayensi, owezohwebo nezimboni kanye nokuncinti­sana; okagesi; kanye ne-brandsa, sebelungis­elele umqulu wemibiko ebalulekil­e (key messages document) uhulumeni nabamabhiz­inisi abangawuse­benzisa njengomhla­hlandlela abazoseben­zela phezu kwawo ezingxoxwe­ni kwiwef.

Kulo mhlangano wangolwesi­hlanu umnu Godongwana ukubeke kwacaca ukuthi ivangeli elimqoka kakhulu okumele lishunyaye­lwe edavos, ngelokuthi iningizimu Afrika isazivulil­e izandla kubatshali­mali abafuna ukusebenza nayo.

“Njengohulu­meni, sisazimise­le ukubhekana nezinselel­o zezamandla nezinselel­o zezokuthut­ha (logistics) ezinomthel­ela omubi emnothweni wethu,” kusho ugodongwan­a.

Uthi bazokugciz­elela ukuthi iningizimu Afrika iseyisango lokungena e-afrika - bakhuthaze abatshalim­ali bamazwe ukuba batshale imali e-afrika naseningiz­imu Afrika.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa