Ilanga Lempelasonto

Kuminciwe ngemicimbi yokuhlonip­ha owemambazo

Isimo sezulu esibi sishiye ingqalasiz­inda ilimele emnambithi

- LUCKY CAIN

BABAMBE umoya abahleli bomcimbi wokubungaz­a umsunguli weqembu lodumo lesicatham­iya iladysmith Black Mambazo, ozothatha izinsuku ezinhlanu obizwa ngedr Bhekizizwe Joseph Shabalala Marathon, kulandela isimo sezulu ebesingesi­hle, esihlasele edolobheni lasemnambi­thi ngeledlule.

Ngokusho kukathulan­i Shabalala oyindodana kashabalal­a, nakuba isimo sibukeka sibuyela kwesejwaye­lekile kodwa kusekhona ukwesaba.

“Nakuba sinakho ukwesaba kodwa sihlalele ethembeni lokuthi kuzoshaya umhla ka-29 kwephezulu konke ukumoshaka­la okwenzekil­e sekulungis­ekile,” kusho uthulani.

Uthi lo mbungazo uzoqala ngomhla ka-29 kwephezulu uze uphothulwe ngesonto lomhla ka-3 kunhlolanj­a (February) njengoba uzovalwa ngomjaho oqanjwe ngokuthi; ‘Life Is A Marathon, Life Is A Journey’.

“Umjaho yiwona ozobe umkhulu kodwa sizoba nayo imicimbi ezokwandul­ela wona, okubalwa kuyona i-agricultur­e Summit, imibukiso yezidlo ezahlukene zesintu, umcimbi wamagosa, imincintis­wano yezikole yesicatham­iya, umzungezo ozophothul­wa enxiweni likababa (Joseph Shabalala) njengoba seliphendu­lwe indawo yokuheha izivakashi emnambithi,” kuchaza uthulani.

Uthi ngomgqibel­o mhla ka-3 kunhlolanj­a kuzoba nendumezul­u yomculo ezogaba ngabaculi abahlukene esettlers Park, khona

emnambithi.

Uthe nakuba bengakalup­hothuli

uhlu lwabaculi kodwa umthandeni “igcokama Elisha” Manqele

neblack Mambazo ngabanye abazoshiye­lana inkundla kulo mcimbi.

“Sizoba nabo nabaculi bendawo okuzomele sibaqhakam­bise ngalo mcimbi ukuze nabo bazibonaka­lise,” esho.

Uthi ngesonto elizayo uhlu olugcwele lwabaculi luzobe seluphothu­liwe. Sekuwumlan­do ukuthi idolobha umnambithi lihlaselwe yisimo sezulu esibi kakhulu kwaze kwagcwala nomfula oseduze nalo, iklip River.

Lesi simo sezulu siphinde sadlula nenqwaba yemiphefum­ulo njengoba sishiye kukhalwa kweminye imindeni.

Uthulani uthe bayazwelan­a nemindeni elinyalelw­e yimpahla naleyo elahlekelw­e ngamalungu ayo ngenxa yalesi simo esigcine siphoqa abanye ukuba bahlaliswe ehholo ngenxa yokulimala kwemizi yabo.

* Khonamanja­lo, izinhlanga­no ezingayenz­i inzuzo seziqalile ukuphonsa esivivanen­i kwabathint­ekile, njengoba ithemba Njilo Foundation kukhona izimpahla enikele ngazo ngolwesine ukutakula labo abadinga usizo.

 ?? ?? ILADYSMITH Black Mambazo izonandisa kubungazwa umsunguli wayo ngemicimbi enhlobonhl­obo.
ILADYSMITH Black Mambazo izonandisa kubungazwa umsunguli wayo ngemicimbi enhlobonhl­obo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa