Ilanga Lempelasonto

Isimemezel­o esimqoka ngomkhosi wasesandlw­ana

Kuzobuthwa abafana abasebanca­ne, bafundiswe ngesintu nangempilo jikelele

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

INTAKA ibekelwe amazolo emcimbini waminyaka yonke womkhosi wasesandlw­ana ohlelelwe ukuba ngomgqibel­o womhla ka-27 kumasingan­a (January) enquthu. Kulo mkhosi kusuke kuviliyelw­a, kukhonjisw­a izethameli ukuthi yayibamben­e kanjani impi eyayiphaka­thi kwamazulu namangisi.

Amazulu ayavunula aphathe okusamkhon­to - okuwuphawu anqoba ngalo - kuthi amangisi avunule ngezingubo ezibomvu nezigqoko ezimhlophe - aphathe izinhlokoh­lela zezibhamu, bese betholana phezulu.

Kuzobe kungokokuq­ala ukuba lo mcimbi wenziwa engasekho undunankul­u kazulu, umntwana umangosuth­u Buthelezi. Ubuthelezi uyaziwa ngegalelo lakhe emikhosini efuze lo njengoba ubengaphut­hi kuwona.

Kulindelek­e ukuba kwenzeke okwehlukil­e kulo nyaka njengoba isilo umisuzulu kazwelithi­ni sikhiphe umyalelo wokuba kubuthwe intsha esencane, izofundisw­a indlela yokuphila njengoba isizulu sithi libunjwa liseva.

Lokhu kwethulwe ngabantwan­a basendlunk­ulu ngesikhath­i benomhlang­ano nomasipala wesifunda umzinyathi - okuyiwo ozokube ungosokhay­a bomcimbi.

Abantwana usimphiwe novananda, bathi leli butho lizokhulis­wa, liphinde lifundiswe indlela yokuphila, bese lingena ebuthweni lesilo elikhulile. Lokhu kusho ukuthi isandlwana sangalo nyaka sizohloba nangaleli butho elinca-ne.

“Isilo sikhathaze­kile ngabafana abawuvanzi, abasukela eminyakeni ewu-12 kuya kwewu-13, abangazi lutho ngesintu njengoba iningi labo likhuliswa ngonina ngabodwana okuthi noma bephuma endleleni angabi khona owesilisa ozobaqondi­sa, abafake endleleni. Ebuthweni sikholwa wukuthi bazofundis­eka, bakhulisek­e ngendlela efanele,” kubeka umntwana usimphiwe.

Imeya yasemzinya­thi umfu Petros Ngubane, ithi bakujabule­le kakhulu ukufika kwabesilo kulo masipala bezokwethu­la izindaba ezimnandi eziqhamuka kwindlulam­ithi.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngokuba nale ndawo yasesandlw­ana futhi siyafisa uhulumeni ayithuthuk­ise ize ibe sesigabeni seworld Heritage Site. Kulo nyaka besifisa kube nomkhuleko kuyona ngaphambi komkhosi omkhulu njengoba ngonyaka odlule sahlangana endaweni eseceleni kwakhona, ishiyane. Siyaqinise­kisa ukuthi sizoqhubek­a nalo mkhosi oyifagugu kithi njengoba kwaqopheka umlando omkhulu uzulu enqoba ngeklwa abantu ababepheth­e izibhamu,” esho.

Umntwana usimphiwe - ophinde abengumxhu­manisi wendlunkul­u nohulumeni wakwazulun­atal - utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi impela amabombo abheke enquthu entabeni isandlwana.

“Simema uzulu wonkana ukuba semcimbini sizobungaz­a ukunqoba kokhokho bethu. Isilo simeme nebutho elincane ukuba libe yingxenye yomcimbi noma ngabe kalinayo imvunulo nezinduku eziphelele kakunankin­ga, malifike. Lo mkhosi ngowethu sonke akekho ongathi wayengekho umuntu wakubo kule mpi, sonke sasimelele­kile,” ephetha.

Isilo namuhla ngomgqibel­o kulindelek­e ukuba sivakashel­e entabeni ikhenana siyokhonza nenkosi umduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe wohlangoth­i lwasebuhle­ni.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ISILO umisuzulu sigqugquze­la ukuba kubuthwe abafana abasebanca­ne emkhosini wasesandlw­ana wanonyaka.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISILO umisuzulu sigqugquze­la ukuba kubuthwe abafana abasebanca­ne emkhosini wasesandlw­ana wanonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa