Isexwayiso ngombombayi bamakolishi
Nabafuna ukulungisa imiphumela ka-matric kumele baqaphele oqhibukhowe bezikole
KWEXWAYISWA abafundi abebenza umatikuletsheni nabazali babo ngezikole zokulungi sa umatikuletsheni namakolishi okungoqhibukhowe njengoba sekusondele izinsuku zokukhishwa kwemiphumela, okulindeleke ukuba iphume ngolwesine oluzayo lomhla ka-18 wale nyanga.
Lesi sexwayiso siza ngemuva kwezigameko ezenzeka cishe minyaka yonke lapho abazali babafundi belahlekelwa yimali eningi, bekhokhela izikole namakolishi okungabhalisiwe ngaphansi komnyango wezemfundo eyisisekelo nomnyango wemfundo ephakeme.
Ngonyaka odlule i-university of Kwazulu-natal (UKZN), yakhipha isexwayiso, yathi kunesikole sokulungisa umatikuletsheni esiwuqhibukhowe, esiheha abafundi ngokuthi sisebenzisana nayo.
Lesi sikhungo sabika ukuthi kasikho isikole sokulungisa umatikuletsheni esisebenzisana naso, futhi abazali kabangavumeli izingane zabo ukuba zibhalise kuso.
Yasonga ngokuthathela isikole izinyathelo zomthetho ‘ngokudukisa nokuqola’ abantu ngegama laso.
Okhulumela umnyango wemfundo eyisisekelo umnu Ellijah Mhlanga, uthi baningi abazali abagcina bemoshe imali eningi kulesi sikhathi sonyaka ngenxa yalezi zikole.
Unxuse abafundi nabazali ukuqinisekisa ukuthi izikole zokulungisa umatikuletsheni zibhalisiwe ngaphansi komnyango.
“Kuba yiso lesi sikhathi lapho izinswelaboya zithola khona ithuba lokudlala ngabafundi abaswele futhi abangenalo ulwazi.
“Sinxusa abazali ukuba baxhumane nomnyango ukuze uqinisekise ukuthi leso sikole sibhaliswe njengesikulungele yini ukuqhuba izihlelo zokulungisa umatikuletsheni.
“Zonke izikole ezibhaliswe ngaphansi komnyango ziba nenombolo yokubhalisa izivivinyo (examination centre number) ekhishwa yiwo umnyango,” kusho umhlanga.
Utshele leli phephandaba ukuthi okunye okungaba ngcono wukuthi abafundi abafisa ukulungisa umatikuletsheni wabo babhalise kwi-website yomnyango ngaphansi kohlelo lwematric Second Chance Programme (MSCP).
“Ukubhalisa ngaphansi KWEMSCP yikhona okungcono ngoba zonke izinto zomfundi, okuhlanganisa nenombolo yakhe yokuhlolwa
(exam number) kuphathwa wumnyango ngqo.
“Kawugcini ngokumphathela imininingwane yakhe, kodwa uphinde umnike nesikole azokwazi ukubuyekeza kuso lokho azokubhala.
“Lokhu-ke kwehlukile kunalezi zikole ezingoqhibukhowe ngoba abafundi ababhalise kuzo kababi nazo izindawo zokubuyekeza,” echaza.
Umnyango wemfundo ephakeme unxuse abafundi ukuba
baqaphele amakolishi angoqhibukhowe.
Uthi lolu hlobo lwamakolishi kalubhalisiwe ngaphansi kwamagatsha omnyango wemfundo ephakeme okuyisector Education and Training Authorities (Setas), idepartment of Higher Education and Training (DHET), namanye.
“La makolishi akhohlisa abafundi ngokubathembisa nezifundo ezingabhalisiwe ngaphansi kwesouth African Qualifications Authority (SAQA).
“Lokhu kuchaza ukuthi umfundi ngeke aqasheke nalezo zifundo futhi ngeke akwazi ukuqhubekela phambili nemfundo yakhe,” kusho umnyango.
Wethembise ukuqhubeka usebenzisane nengalo yomthetho ukuvala amakolishi angekho emthethweni njengoba wenzile eminyakeni edlule.
Weluleke abafundi nabazali ukuhlola ukuthi amakolishi ababhalisa kuwo abhalisiwe yini ngaphansi komnyango, enombolweni yamahhala ethi, 0800 872 222, noma bavakashele i-website yomnyango ethi: www.dhet.gov.za/ resources/registers ukuze bathole umqulu onohlu lwamakolishi azimele abhalisiwe.
Lolu hlu bangaluthola ngaphansi kwamagama uregister of Private colleges kanti lusuke luhambisana nosuku lokugcina uhlu olubuyekezwe ngalo.
Isibonelo: Register of Private colleges 14 December 2023.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule ungqonqoshe wemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande, wathi onyakeni ka-2022 umnyango wakhe wakwazi ukwehlisa isibalo samakolishi angekho emthethweni.
Wathi lolu hlobo lwamakolishi lululaza isithunzi samakolishi azimele, njengoba eqola izingane ezihluphekele imfundo.