Ilanga Lempelasonto

I-IFP IKHATHAZEK­ILE NGENTENGO EMBA EQOLO YOMFANISWA­NO

- BHEKI NDLOVANA

USOTSWEBHU omkhulu WEIFP esishayamt­hetho Kwazulunat­al, unkk Thembeni Madlopha-mthethwa, ophinde abe ngumkhulum­eli weqembu esifundazw­eni kwezemfund­o, uthi bakhathaze­kile beyiqembu ngokumba eqolo kwentengo yomfaniswa­no wesikole.

Ukukhathaz­eka kwayo I-IFP ithi kulandela isikhalo sabazali abaningi sokuthi baphoqelek­e ukuba bakhokhe intengo emba eqolo yomfaniswa­no ngenxa yokuthi izikole zenza izivumelwa­no nabathile abahlinzek­a ngomfanisw­ano, okanye imifaniswa­no idayiswe kuphela ezikoleni.

Uthi indaba yokuthi kube ngabatheng­isi abathile abakhethek­ile abanegunya lokuthengi­sa ngomfanisw­ano wesikole idala ukukhathaz­eka kwi-ifp.

Uqhube wathi kabahambis­ani nalezi zinkontile­ka zabakhethe­kileyo ezihlala zivuselelw­a.

Banxusa ukuba uhlelo lokukhishw­a komsebenzi wokuhlinze­ka ngomfanisw­ano nokuqokwa kwenkampan­i ezowuhlinz­eka kube yinto eyenziwa ngokuvulel­ekile.

“Inqubomgom­o esetshenzi­swa yizikole eziningi njengamanj­e kayihambis­ani nomthetho wokuncinti­sana futhi iyisithiyo kubahlinze­ki abafuna ukungena emakethe,” esho.

Uthi okwenzekay­o kuphambene nenqubo yomfaniswa­no wesikole

okumele kuhanjiswe ngayo, eyakhishwa wumnyango wezemfundo eyisisekel­o ngo-2015.

Uthi umhlahland­lela kazwelonke womfaniswa­no wesikole kwakuhlosw­e ngawo ukunqanda ukuthi kungabi nendlela eyodwa okutholaka­la ngayo umfaniswan­o.

“Abantu abaningi bathembele ezibonelel­weni zikahulume­ni kodwa uma ubheka intengo yomfaniswa­no wesikole, ingaphezul­u kwezibonel­elo zikahulume­ni ezitholwa ngabantu.

“Lokhu kubangela ukuba izingane eziningi ziye esikoleni zingazifak­ile izicathulo ngoba abazali bakwazi ukuthenga izinto ezimbalwa kuphela.

“Kuphinde kuholele ekutheni

izingane eziningi zingayi esikoleni ngoba zingenayo imifaniswa­no yesikole.

“Lokhu kunomthele­la omubi kubantu abahlala ezindaweni zasemakhay­a ngoba bayaphoqel­eka ukuthi bahambe amabanga amade beyothenga imifaniswa­no yesikole emadolobhe­ni lapho utholakala khona.

“Imifaniswa­no yesikole kumele itholakale ezitolo eziseduze nalapho kuhlala khona abantu,” kusho unkk Madlophamt­hethwa.

Uphethe ngokuthi I-IFP iyasemukel­a isimemezel­o sekhomishi­ni yezokuncin­tisana sokuthi izoshushis­a izikole ezingayila­ndeli imigomo yomfaniswa­no wesikole.

 ?? ?? UNKK Thembeni Madlopha-mthethwa ongusotswe­bhu omkhulu WE-IFP esishayamt­hetho Kwazulu-natal, ophinde abe ngumkhulum­eli weqembu esifundazw­eni kwezemfund­o
Abantu abaningi bathembele ezibonelel­weni zikahulume­ni kodwa intengo yomfaniswa­no wesikole ingaphezul­u kwezibonel­elo.
UNKK Thembeni Madlopha-mthethwa ongusotswe­bhu omkhulu WE-IFP esishayamt­hetho Kwazulu-natal, ophinde abe ngumkhulum­eli weqembu esifundazw­eni kwezemfund­o Abantu abaningi bathembele ezibonelel­weni zikahulume­ni kodwa intengo yomfaniswa­no wesikole ingaphezul­u kwezibonel­elo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa