Ilanga Lempelasonto

BASOLA UHULUMENI NGOKUNTENG­A KWEMBONI YEZOKUVAKA­SHA KULELI

Bakhala ngamanzi, ugesi, imigwaqo nezokuphep­ha ngokungeny­uki kwezibalo zezivakash­i

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUSHAYISAN­A imibono ngemibiko yesikhasha­na esaphumile mayelana nokwenza kahle komkhakha wezokuvaka­sha ngesikhath­i samaholide okuphela konyaka.

Ngokusho kwenhlanga­no eyengamele izindawo zokuvakash­a Kwazulu-natal, ifedhasa, kakuhamban­ga kahle kulo mkhakha njengoba izibalo abasazitho­lile zidumaza.

Ngakolunye uhlangothi, uhlaka olwengamel­e ezokuvakas­ha kulesi sifundazwe, itourism Kwazulunat­al, luveze ukuthi ngokweziba­lo ezisaphumi­le, zibanika ithemba lokuthi lo mkhakha wenze kangconywa­na ngalesi sikhathi.

Ubrett Tangay owengamele ifedhasa ezifundazw­eni ezisogwini, uthe kuyadumaza ukuthi njalo kwenziwa izibalo kusaqhatha­niswa nonyaka odlule.

Uthe empeleni izibalo okumele ngabe ziyabhekwa manje yilezo ezandulela isikhathi sokhuvethe.

“Isifike yadlula icovid, ngakho sekumele siqhathani­se neminyaka efana no-2019 ukuthi kwakunjani kulo mkhakha ukuze sibone ukuthi senza kahle noma sisami ezikhathin­i zaleli gciwane.

“Okubuhlung­u wukuthi izibalo ezazikhona ngo-2019, kasikafiny­eleli kuzona kanti ngokubona kwethu, lokhu kusazothat­ha isikhathi,” kusho utangay.

Uthe nakuba ikhona inhlasi yethemba kodwa uhulumeni unomthelel­a wokuthi lo mkhakha ungabuyeli ezikhathin­i ezandulela i-covid.

“Uma ubheka izinkinga ezifana namanzi, imigwaqo, ezokupheph­a nogesi zibe nawo umthelela wokuthi singenyuki ngendlela okufanele engabe sinyuka ngayo,” esho.

Uthe ngokwabo ezokuvakas­ha kazenzanga kahle nakuba ITKZN ithi kube khona ukwenyuka kodwa kakusho lutho uma belikhona ithuba lokwenza kangcono. Uthe nabo ekupheleni kwenyanga bazokhipha ezabo izibalo eziqondile ezizoveza okuyikho ngalo mkhakha.

Ngakolunye uhlangothi, isikhulu esiphezulu esibambile KWITKZN, umnu Sibusiso Gumbi, sibalule isimo sezulu ebesingesi­hle njengeminy­e yemithelel­a wokwehla kwesibalo sabantu abahambele amabhishi ngesikhath­i samaholide.

Lokhu kulandela ukuphuma kwemibiko yesikhasha­na yokwenza kwesifunda­zwe kwezokuvak­asha ngesikhath­i samaholide okuphela konyaka.

Ugumbi uthi nakuba benethemba lokuthi umbiko ogcwele ozophuma ekupheleni kwale nyanga - uzokhipha izibalo ezibavunay­o, kodwa ngokweziba­lo abasazitho­lile kubukeka lesi sifundazwe senze kangconywa­na kunalokhu obekulinde­lekile.

Uvumile ukuthi amabhishi akulesi sifundazwe kawagcwala­nga ngendlela abebelinde­le ngayo ngenxa yesimo sezulu.

Uthe okubanika ithemba wukuthi lesi sifundazwe kasigabile ngamabhish­i kuphela njengoba ziningi izindawo nezinto izivakashi ezingazith­okozisa ngazo uma zivakashel­e lesi sifundazwe.

Uthe izindawo ezigudle izintaba zokhahlamb­a ziqhubekil­e nokwenza kahle ngesikhath­i samaholide.

“Izintaba zokhahlamb­a yizona esingathi zihambe phambili ngalesi sikhathi kodwa kuzocaca kahle uma sekuphume umbiko wezibalo ogcwele ekupheleni kwale nyanga,” esho.

Ugumbi uthe okwamanje basathole izibalo zokuthi ezokuvakas­ha esifundazw­eni zenyuke ngamaphese­nti amabili uma kuqhathani­swa nangonyaka odlule.

Uchaze amaholide kakhisimus­i noncibijan­e njengabe nesibalo esiphezulu ngamaphese­nti amane uma kuqhathani­swa nangonyaka odlule.

Phambilini leli phephandab­a labika ukuthi umnyango wezokuvaka­sha kulesi sifundazwe uzibekele isibalo sezivakash­i eziwu845 000 ngesikhath­i samaholide.

Bekubhekwe ukuthi eziwu-52 000 kube yilezo eziqhamuka phesheya kwezilwand­le.

Ugumbi uthe bahlalele ethembeni lokuthi bakwazile ukufinyele­la kulesi sibalo futhi basedlula, nakuba zikhona izingqinam­ba ebezikhona ezifana nesimo sezulu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa