Ilanga Lempelasonto

SIBOLELWA WUKUDLA EMAFRIJINI NGALO GESI OHAMBA AMASOLOKOH­LO

- Sdumo Hadebe KWACC, emlazi

MHLELI: Kunabantu abazalwa bembethe kulo mhlaba esiphila kuwona, abalandelw­a yinhlanhla bezihlalel­e emizini yabo kumbe emakubo.

Phakathi kwabantu abanale nhlanhla esiyifisay­o sonke kuleli, kubalwa nomnu Kgosientsh­o David “Sputla” Ramokgopa (osesithomb­eni) owagixabez­wa ngesikhund­la sokuba ngungqongq­oshe kagesi kuleli.

Lesi sikhundla wasinikwa ngumengame­li Cyril Ramaphosa ukuba azoxazulul­a inkinga yokunqamuk­a kukagesi ebhekene nelakuleli.

Selokhu engenile kulesi sikhundla uramokgopa, kangiyibon­i nje into aseyenzile, eyehlukile kobekwenze­ka engakafiki ngoba namanje le nkinga isalikhung­ethe elakuleli, futhi kakubukeki nje ukuthi izoxazulul­eka maduzane.

Le ndoda ngithi inenhlanhl­a nje, yingoba uma unikwa umsebenzi ngokujwaye­lekile - uyaye unqunyelwe isikhathi sokuthi izinyawo zakho zizogcwala udaka uma wehluleka ukuyilungi­sa leyo nkinga emuva kwesikhath­i esingakana­ni.

Uma-ke lokhu kungenzeka­nga siyaye sithi usuke ugidelwe yidlozi.

Phela ukuthi ugesi sicinyelwa wona isikhathi esingakana­ni kakumthint­i nakancane lo mlisa njengoba thina emlazi kwenzeka ukuthi (ugesi) uhambe usuku lonke.

Le nkinga kayikhunge­the leli lokishi kuphela ngoba nginabanga­ni abahlala eklaarwate­r nakwandeng­ezi abakhala esifanayo.

Lokhu kakusishiy­i nje sisebumnya­meni kuphela ebusuku, kubolisa ukudla kwethu okusemafri­jini, kubulale nezinto zethu eziningi ezisebenza ngogesi.

Uma usuke wazi ukuthi ugesi uzohamba amahora amabili njengoba kujwayelek­ile ikakhuluka­zi ezindaweni ezihlala abamhlophe, ungalikhip­ha ne-fridge uma usola ukuthi ukubuya ngamandla kukagesi kuyalilima­za, ulokhele mhlawumbe emuva kwemizuzu emibili ugesi ubuyile, uphinde ulikhumule uma sekusondel­e ukuba uhambe.

Inkinga kula malokishi engikhulum­a ngawo wukuthi nathi kasisazi ukuthi empeleni ugesi uhamba ngasiphi isikhathi, uphinde ubuye ngasiphi futhi.

Okwethu kuhambisan­a ngqo naleli hlaya elizungeza ezinkundle­ni zokuxhuman­a, elithi ngisho ugesi ungahamba isikhathi eside kangakanan­i, nxa ubuya kawubuzi nokuthi kungani unyamalale isikhathi eside, ujabulela khona nje ukuthi sewubuyile, uzame ukupheka ngokushesh­a noku-ayina izinto ezimqoka.

Siyafisa sengathi le nkinga kungathola­kala abantu abanolwazi lwangempel­a lukagesi, baqashwe ukuzosiza, kuthi nosopoliti­ki, okuvela ukuthi yibona abadala yonke le nyakanyaka esikuyona ngokugxamb­ukela befuna ukuba imibengo egangile yamathenda okuhanjisw­a kwamalahle inikwe abangani babo, bayixege kancane inkampani yase-eskom ukuze ikwazi ukuphefumu­la, isiphakele kahle ugesi.

Kungenjalo, ngibona kuza impi yendlala kuleli lapho uquqaba luzokube lufelwe yizinto ezisebenza ngogesi, lungenayo imali yokuthenga ezintsha njengoba imisebenzi igqoza, kunendlala ngoba ingekho imali yokuthenga ukudla kwansuku zonke, okungahole­la kulolu thuthuva lwangontul­ikazi (July) wango-2021 kutatshwa izimpahla ezitolo okuyinto engingayif­isi ukuphinda ngiyibone.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa