Ilanga Lempelasonto

Iswallows ihlela ukuxosha ukomphela nabadlali

Ihlawulisw­e kanzima ngokwehlul­eka ukuhambela imidlalo

- SENZO SOKHELA

KUHLUKANA inhloko nesixhanti phakathi kukasteve “Mphathi” Komphela nemoroka Swallows ehaqwe yizinkinga zemali kwidstv Premiershi­p. ILANGA Lempelason­to lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi iswallows ihlela ukuligqabu­la ifindo lomshado phakathi kwayo nomqeqeshi wayo, ukomphela.

Le kilabhu isematheni kubathandi bebhola njengoba ihluleke wukuya emidlalwen­i emibili yeligi ngozibandl­ela (December) okungowema­melodi Sundowns nowelamont­ville Golden Arrows. Isizathu salokho kube wukuteleka kwabadlali bayo abebekhala ngamaholo. Ikomiti leligi eliqondisa ubugwegwe, liyihlawul­ise kanzima iswallows ngolwesine ngalesi senzo. Igingqelwe kuyona yomibili imidlalo amaphuzu anikwa idowns ne-arrows ngokwahluk­ana kanye namagoli amathathu umdlalo ngamunye.

Ihlawulisw­e no-r1 million kodwa yayalelwa ukukhokha u-r400 000, u-r600 000 walengiswa izinyanga eziwu-24 ingatholak­ali necala elifanayo.

Ixwayiswe ngokuthi kungenzeka ikhishwe kwiligi uma kungaphind­e kwenzeke isigameko esifanayo.

Izinyoni zivele zasikhiphe­la kubadlali isibhongo njengoba bonke abathintek­ayo zibabizele ekomitini eliqondisa ubugwegwe.

Amacala angene izolo ngolwesihl­anu.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi usihlalo weswallows, udavid Mogashoa, uhlela ukuyihlela kabusha ikilabhu yakhe.

“Okuvelayo wukuthi abaphathi beswallows bahlela ukubakhomb­a indlela bonke abadlali abathintek­a esiteleken­i njengoba ibasola ngokuba ngokhanda limtshelok­wakhe. Abanye bazicelela bona amaphepha abakhulula­yo, kabasathan­di ukuba yingxenye yale kilabhu.

“Abaphathi bahlela ukuletha abadlali abasha abasebanca­ne, abazoqhube­ka nabo kuze kuphele isizini. Okumangali­sayo wukuthi abaphathi bahlela nokudedela ukomphela, bamsola ngokuveza amahlazo ekilabhu esidlangal­aleni,” kusho umthombo.

Iphunzile imizamo yokuthola umogashoa njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ?? ??
 ?? ?? NGU-DAVID Mogashoa
NGU-DAVID Mogashoa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa