SIYALELWE UKUSHENXA ISIKHULU ESIPHEZULU SE-BSA
USEYALELWE ukuba ashenxe esikhundleni umandla Ntlanganiso (osesithombeni) obeseqale ukufingqa imikhono ngenhloso yokulungisa izinto ezimapeketwane kwiboxing South Africa (BSA).
Untlanganiso - osanda kubekwa njengebamba lesikhulu esiphezulu kwibsa - umiswa yinational Professional Boxing Promoters Association (NPBPA).
Ngokwencwadi ebhalwe ngabameli BENPBPA, imafani and Company Incorporated ngomhla ka-11 kumasingana (January), le nhlangano kazwelonke yophromotha ifuna untlanganiso asuke kulesi sikhundla ngoba ithi ukuqokwa kwakhe kakukho emthethweni.
I-NPBPA, okumanje ibhekene ngeziqu zamehlo njengoba ilwa NEBSA enkantolo, beyifuna untlanganiso ashaye isishwapha sakhe ngolwesihlanu lwayizolo.
Enye ingxenye yencwadi yemafani and Company Incorporated, ithi: “Siyalelwe yikilayenti lethu ukuthi indlela osuziphatha ngayo, kungathi uyibamba lesikhulu esiphezulu leboxing South Africa.
“Sekufikile kithina kuthi wena ngoncwaba (August) wango-2023, ngesikhathi uqashwe njenge-director of operations, wamiswa okwesikhashana YIBSA.”
Kuzokhumbuleka ukuthi ibhodi elidala elisanda kuphelelwa yisikhathi ehhovisi, yilo elamisa untlanganiso emsebenzini, kodwa langamtshela amacala.
Manje INPBPA ithi kakumfanele untlanganiso ukubuyiselwa emsebenzini ngoba kaliqulwanga
icala lakhe. ILANGA
Lempelasonto liwabonile amakhophi ezincwadi zabameli okukhona nebhalelwe ngisho nongqongqoshe wezemidlalo, uzizi Kodwa nongqongqoshe wezemali, u-enock Gondongwana, betshelwa yile nhlangano ukuthi kayeneme ngokubuyiswa emsebenzini kukantlanganiso.
Ukuqashwa kweceo YEBSA kuphasiswa ephalamende ngoba izindleko zomholo zithalwa khona.
Untlanganiso ujijimezwa ngemihlokolozo nje, ngolwesithathu ubebize isigcawu sabezindaba enhlokohhovisi YEBSA ehatfield, epretoria. Kuleso sigcawu uveze izinhlelo ezinqala anazo ngekusasa lesibhakela eningizimu Afrika.
Phakathi kwezinto azilulile, uthembise ukuqeda ukwenzelelwa kwabanye ophromotha abayekelwayo baqhathe yize imali bengakayifaki kwi-akhawunti YEBSA njengoba umthetho ubeka kanjalo.
I-NPBPA ishaya phansi ngonyawo ithi ibhodi eliqokwe ngungqongqoshe ukodwa kayikho emthethweni ngoba akawulandelanga umthetho ngokuxhumana nezinhlaka ezifana nayo.