Ilanga Lempelasonto

Ibanjiwe imiphumela 'yabakopeli­le' ka-matric

Undunankul­u uthe uhlelo lokumaka yilona oluzocacis­a izinto

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUTHATHWE isinqumo sokubanjwa kwemiphume­la yabasolwa ngokukopel­a ngesikhath­i kubhalwa izivivinyo zikamatiku­letsheni ngonyaka odlule. Ungqongqos­he wezemfundo eyisisekel­o, unkk Angie Motshekga, uveze lokhu ekhuluma ngemiphume­la kamatikule­tsheni yakulo nyaka. Uthi imiphumela yophenyo yiyona ezocacisa.

Balinganis­elwa ku-900 abaphenywa­yo, abawu-700 bakwazulun­atal, kuthi esifundazw­eni impumalang­a babe wu-164.

Unkk Motshekga uthe lezi zinsolo kaziyiphaz­amisanga imiphumela kazwelonke ngoba uhlaka oluqinisek­isa izingabunj­alo bemiphumel­a umalusi, ligunyazil­e ukuthi idedelwe.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, esinye sezikole esithintek­ayo kulokhu, singaphans­i kwesifunda uthukela, okhahlamba. Kulesi sikole kubhale abawu-120, kwadedelwa imiphumela yabafundi abathathu.

“Muhle kakhulu umsebenzi owenziwe ngabantwan­a, ukuzimisel­a kwabo kubonakele. Ngiyafisa ukuthi kuqhubeke njalo ukuzimisel­a,” kusho unkk Motshekga.

Ekhuluma emcimbini wesifundaz­we wokukonyel­iswa kwabafundi abaphase kahle, uncome imfundo kazwelonke ngeqhaza layo kwezemfund­o.

Uthi eminyakeni yama-1960s, izwe belinabant­u abangakwaz­i ngisho ukusayina. Uthi ngalowo nyaka wu-10% ku-phela wabantu abebefundi­le.

“Njengamanj­e sesisebenz­e kahle kakhulu. Ngonyaka ka-2021 sikwazile ukukhiqiza u-60% wesizukulw­ane sabazali esikwaziyo manje ukuzisayin­ela amafomu, akusafani naseminyak­eni edlule lapho khona umzali ebesayinel­wa,” esho.

Uthi lesi sifundazwe siphonse umnikelo omkhulu kuzwelonke. Uveze ukuthi yisona negauteng esikhiqize abafundi abaningi abaphase ngamabache­lor.

Ungqongqos­he wezemfundo esifundazw­eni, unkk Mbali Frazer, uthe konke okuhle okwenzeke kulo nyaka kungenxa yothisha abasebenze ngokuzimis­ela.

“Ngesikhath­i kumakwa amaphepha, bengibatsh­ela othisha ukuthi mabaqinise­kise ukuthi kawenzeki amaphutha,” esho.

Undunankul­u wesifundaz­we, unkk Nomusa Dube-ncube, uthe uhlelo lokumakwa kwamapheph­a luzocacisa ngabasolwa kulokhu. Uthi izihloko ezigqamile ngalolu daba zibeka okungesikh­ona.

Abafundi abawu-11 abamele isifundazw­e ngokuphasa kahle, baklonyeli­swe ngezitifik­eti ezihambisa­na nemali ewu-r10 000.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UNGQONGQOS­HE wezemfundo eyisisekel­o, unkk Angie Motshekga.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UNGQONGQOS­HE wezemfundo eyisisekel­o, unkk Angie Motshekga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa