Ilanga Lempelasonto

UQHAKAMBIS­A IZINYUNYAN­A NGEKA-MATRIC

-

MTHOBISI SITHOLE

UQHAKAMBIS­E izinyunyan­a zothisha zakwazulu-natal, emangazwa wukwenyuka ngamandla kwesifunda­zwe ngemiphume­la yaso kamatikule­tsheni, ungqongqos­he wezemfundo eyisisekel­o, unkk Angie Motshekga.

Ekhuluma ethekwini, e-inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), izolo ngolwesihl­anu, uthi ukukhuthal­ela kwazo imfundo kuthele izithelo ezinhle esifundazw­eni. Nangolwesi­ne ebusuku ekhuluma ngemiphume­la kazwelonke epitoli, uthe umangalile ngokwenza kahle kangaka kwalesi sifundazwe.

Ikwazulu-natal, ilale isibili kuzwelonke ngokuphasa kahle kwabafundi bayo. Ungqongqos­he uthe umangele ngoba ubengakuli­ndele lokhu.

Lesi sifundazwe sithole u-86.4%, senyuka ngo-3.4% silandela ifree State eqhwakele ngo-89.0% okuyiyona (ifree State) eshaye zonke izifundazw­e. Isithathu kube yisifundaz­we igauteng ngo-85.4%.

Imiphumela kamatikule­tsheni kuzwelonke yakulo nyaka, kube wu-82.9% isuka ku-80.1% wangonyaka odlule.

Lokhu kusho ukuthi ikhuphuke ngo-2.8% kuzwelonke. Ungqongqos­he wezemfundo esifundazw­eni, unkk Mbali Frazer uthi kubafundi ababhalile abalingani­selwa ku-167 000, baphasile abawu-136 000.

Utshele abezindaba ukuthi lesi sifundazwe yisona esenze umehluko omkhulu nasekuphak­amiseni ukwenza kahle kukazwelon­ke. Uthi izikole ezithole u-100%, zinyuke zafika ku-246, zisuka ku-214 wanyakenye, kanti nezithole ngaphansi kuka-40% zisuke ku-29, zafinyelel­a ku-18.

“Konke lokho siyaziqhen­ya ngakho ngoba kusho umsebenzi omuhle esiwenzile,” kusho unkk Frazer.

Kwizifunda eziwu-10 ezihambe phambili kuzwelonke, EKZN kungene ilembe, Ugu, izululand, kanti umkhanyaku­de ulale isine kuzwelonke, uqhwakele ngokwesifu­ndazwe kuzwelonke.

Unkk Frazer uthi zonke izifunda kasikho esiphase ngaphansi kuka-80%. Umkhanyaku­de uqhwakele ngo-90%, kwalandela Ugu, oluthole u-89.5%, ilembe u-88.5%, Zululand u-87.16%, Amajuba u-87.0%, umzinyathi u-86.5%, umlazi u-86.1%, ipinetown yona kube wu85.06%, iking Cetshwayo u-83.4% kube wuthukela u-82.3%.

Unkk Frazer uthi abafundi abaphase ngezinga lebachelor basuke ku-61 000 ngonyaka ka-2001, nyakenye kwaba abawu69 000 kanti kulo nyaka bawu-72 000

Bheka nasekhasin­i 14. mthobisis@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa