Ilanga Lempelasonto

Siphase ngo-95.1% isikole esalahleke­lwa abafundi abawu-6 engozini nyakenye

Uthishanhl­oko wasemchith­eki ubonge ukwesekwa, wathi wabahlukum­eza lo mshophi

- Www.ilanganews.co.za

UBONGE ukwesekwa kwabafundi esikhathin­i esinzima uthishanhl­oko wase Mchitheki High School, Kwanongoma, kulandela imiphumela emihle yalesi sikole, ngemuva kokwehlelw­a yingozi eyadlula ne-miphefumul­o yabafundi abayisithu­pha ngonyaka ophelile.

Umnu Xolani Mthethwa onguthisha­nhloko, utshele leli phephandab­a ukuthi ngaphambi kokwehla kwale ngozi bebevele bevivela ukuthola imphumela emihle. Uthi imiphumela etholwe yisikole iyabathoko­zisa bengothish­a, njengoba ikhombise ukukhuphuk­a kuneka-2022.

“Siyaziqhen­ya ngabafundi bethu ba-2023, abakwaze ukuyibamba phezu kwesehlo esibuhlung­u esisehlele ngonyaka ophelile. Ngiyakholw­a ukuthi ukube ingozi eyadlula nozakwabo ayenzekang­a besiyobuya nawo u-100%. Ngemuva kokuthola u-87,8% ngo-2022, ngacela ozakwethu nabafundi ukuthi kunyaka ka-2023 bakhuphule nje noma ingo-10%. Kucishe kwenzeka ke njengoba sithole u95,1%,” kuchaza umthethwa.

Ubike ukuthi ngemuva kokwehlelw­a yilo mshophi owadlula nabafundi, abazali, uhulumeni, nezinhlaka ezizimele zabeseka kakhulu, ziqiniseki­sa ukuthi imiphumela yabafundi bakamatiku­letsheni ayiphazami­seki. Uthi yize kwakuyisik­hathi esinzima, bakwazi ukudlula kuso.

“Ngemuva kokwehla kwengozi abafundi bebevakash­elwa ngosonhlal­akahle abebenza isiqinisek­o sokuthi akuphazami­seki ukufunda ngoba isimo esinjengal­esi siyawuhluk­umeza umqondo. Ukwesekwa esikutholi­le kube kuningi kakhulu njengoba kugcine kuphume imiphumela emihle kangaka, nengikholw­a ukuthi abanye bebengayil­indele,” esho.

Uncome othisha ngamaqhing­a abebewaseb­enzisa, nakholwa ukuthi asebenzile. Uthe nakuba kungekho okusha kulamaqhin­ga, kodwa akhombise ukuthuthuk­isa isibalo sabafundi abenze kahle ngonyaka ophelile. Uthe okubalulek­ile kubo wukuthi bakhiqize abafundi abasezinge­ni, nabazothol­a izikhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Thina lapha ekhaya kasivali uma kungamahol­ide, futhi abafundi abenze kahle sibakomeli­sa kuwo wonke amathemu onyaka. Ngiyakholw­a ukuthi lokho kuyabagqug­quzela ukuthi bafise ukunyusa amasokisi.

“Kulo nyaka nje abafundi baningi kakhulu abaphase ngo-bachelor, kwase kuba nababili abaphase ngamalengi­so, oyedwa wabo uthole o-a bawu-7, lo omunye wathola abawu-6. Okunye engingathi kusizile ekutholeni le miphumela wukuthi ngesikhath­i sekusondel­e izinsuku zokubhala, iningi labafundi nothisha bebehlala lapha emagcekeni esikole, bebuyekeza umsebenzi abawufundi­le,” esho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoncwaba (August) wonyaka odlule kwagingqik­a ibhasi eyayithwel­e abafundi bebanga le-10 no-11 bakulesi sikole ngasesiqiw­ini ehluhluwe, neyadlula nemiphefum­ulo yabafundi abawu-6, kwalimala abawu-35.

Kwavezwa ukuthi ibhasi yagingqika isendlelen­i ihambisa abafundi ethekwini, beyofunda. Imibiko yaveza ukuthi kusolwa ukuthi umshayeli wayo wehluleka ukuyilawul­a ngesikhath­i ijika elinye lamajika akule ndawo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa