Ilanga Lempelasonto

AWEZEPOLIT­IKI KWAZULU-NATAL AHALALISE ABUYA NGANENO

- LUCKY CAIN

AHALALISEL­E abafundi abaphase umatikulet­sheni aphinde abuyela nganeno amaqembu ezepolitik­i aphikisayo Kwazulu Natal, kulandela ukuthi lesi sifundazwe senze kahle kule miphumela njengoba sibe ngesesibil­i ngokuphasa kahle eningizimu Afrika.

Kule miphumela kamatikule­tsheni ekhishwe ngungqongq­oshe wemfundo eyisisekel­o unkk Angie Motshekga ngolwesine, ikwazulu-natal ikhombise ukunyuka nangamaphe­senti abafundi abaphasile uma kuqhathani­swa nangonyaka owedlule.

Unkk Thembeni Kamadlopha Mthethwa okhulumela ezemfundo kwi-ifp esishayamt­hetho sakwazulu-natal, uthe uyabahalal­isela abafundi abenze kahle, kodwa akajabule ngokugcwel­e ngayo.

“Siyababong­ela impela abafundi abaphumele­le, benze umsebenzi oncomekayo. Kodwa kuyakhatha­za ukuthi isifundazw­e sinesibalo esiphezulu sabafundi okuthiwa bakopelile. Ngakho akulula ukuthi sijabulele le miphumela ngokugcwel­e ekubeni kusenemibi­ko ngezinga eliphezulu lokukopela,” kusho unkk Kamadlopha Mthethwa.

Elinye iqembu elihalalis­e laphinde labuyela nganeno kube yi-da, yona ethe le miphumela ayivezi isithombe esiyikho ngezinga lezemfundo kulesi sifundazwe.

“Sibongela bonke abafundi abenze kahle ngokuphume­lela, kanjalo othisha nabazali abadlale indima emqoka ekuphumele­leni kwezingane.

“Imiphumela ekhishwe ungqongqos­he, ikhombisa ukuthi lesi sifundazwe sinyuke ngamaphese­nti awu-3.3% uma kuqhathani­swa nonyaka ofile. Nakuba kunjalo kodwa siyida asikholwa ukuthi le miphumela ikhombisa okuyikho ngemfundo yesifundaz­we,” kusho udkt Imran

Keeka okhulumela ezemfundo kwi-da esishayamt­hetho sakwazulu-natal.

Uthe okubakhath­azayo njengeqemb­u wukushiya kwabafundi abaningi kusukela kwa-grade 10. Uthe lesi sibalo sabafundi abebenza umatikulet­sheni siyakhatha­za njengoba uma ubheka isibalo sabagcine besishiya isikole bengafinye­lelanga kuleli banga, siphezulu.

Ngakolunye uhlangothi i-action SA Kwazulu-natal ihalalisel­e laba bafundi ngaphandle kwemibande­la njengoba ibancome ngokwenza kahle nangokuzim­isela ezikhathin­i ebezinzima zokufunda.

Iphinde yakhuthaza labo abangenzan­ga kahle ukuthi bangadikib­ali, bacabange ukuthi sekuphelil­e. * Bheka nasekhasin­i 14.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa