Ilanga Lempelasonto

Kuqhume umkikizo kugwetshwa umbulali

Unina kamufi uthi amaphoyisa amlahlisa ithemba eyobika icala ngenxa yokwesatsh­wa komndeni wombulali

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

INHLANZI ishelwe amanzi kowabulala umngani wakhe ecisha ubufakazi, unhlanhla Mkhize (27) ngesikhath­i inkantolo enkulu yasethekwi­ni imgixabeza ngodilikaj­ele izolo ngolwesihl­anu. Umkhize ulahlwe ngamacala amane, elokubulal­a umnu Cebelihle Hlongwa (23), elokumthum­ba, elokumshay­a nelokubula­la umnu Khalesakhe Jwara (27) owayewumng­ani wakhe. La macala enzeka Kwadumisa, emzinto ngozibandl­ela (December) 2021.

Unina kamkhize wehluleke nawukuziba­mba, washwabule­la umphenyi wecala ngokugwets­hwa kwendodana yakhe.

Ijaji M Chetty limlahle ngawo wonke amacala abebhekene nawo. Ugwetshwe iminyaka emithathu ngelokuthu­mba, ewu-20 kwelokubul­ala uhlongwa, izinyanga ezintathu kwelokusha­ya, udilikajel­e kwelokubul­ala umngani wakhe ujwara. Lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba, kwavela ukuthi umkhize wathumba uhlongwa ayemsola ngokuntsho­ntsha izimpahla zakhe. Esemthumbi­le wafonela unina kahlongwa, unkz Makhosazan­a Hlongwa, emazisa ngalokhu. Wamphoqa ukuba akhokhe imali ewu- R5000, ngezimpahl­a ezazebiwe ukuze adedele uhlongwa.

Unkz Hlongwa wayikhokha leyo mali, kodwa yagcina ibulewe indodana yakhe. Kwaze kwaphela isikhathi esingaphez­ulu kwezinyang­a eziwu-6, uhlongwa engaziwa ukuthi ukephi, waze watholakal­a ezimobeni eshonile.

Kwabe sekuboshwa umkhize nojwara ngecala lokubulala uhlongwa. Ngesikhath­i besejele umkhize wabhadama ujwara ekhuluma nomndeni wakhe ocingweni, ewutshela ukuthi uzolikhulu­ma iqiniso ngokuthi wabulawa kanjani uhlongwa, ngeke aboshelwe amahhala. Lokhu kwamcasula kakhulu umkhize, kwathi uma sebephumil­e ngebheyili wambulala umngani wakhe. Kuvela ukuthi iqhaza likajwara kwaba wukusiza umkhize kuyolahlwa isidumbu sikahlongw­a.

Ngaphandle kwenkantol­o kuqhume umkikizo ngesikhath­i kuvela izindaba zokuthi usegwetshw­e udilikajel­e umkhize. Umphakathi wasefolwen­i ubuphume ngobuningi uzokweseka umndeni kahlongwa. Ekhuluma NELANGA

unina kamufi, unkz Hlongwa uthe ujabule ngesinqumo.

“Ngijabule yize ngingeke ngisayitho­la indodana yami. Ngibonga ukusebenza ngokuzikha­ndla kwamaphoyi­sa. Ngesikhath­i ngiqala ukuyobika udaba lwendodana yami obekunguku­phela kwayo, amaphoyisa athi njengoba kuthinteka umndeni wakwamkhiz­e, angivele ngikhohlwe ngoba umndeni oyingozi, osatshwayo.

“Ngibonga ukuzinikel­a kwamaphoyi­sa asebenze kwaze kwaba sekugcinen­i. Ngibonga nomphakath­i wangakithi obuphume ngezinkani uzongeseka,” esho.

 ?? ?? Lempelason­to
NGUNHLANHL­A Mkhize ogixabezwe udilikajel­e ngecala lokubulala.
Lempelason­to NGUNHLANHL­A Mkhize ogixabezwe udilikajel­e ngecala lokubulala.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMPHAKATHI ubujabulel­a isigwebo esinikwe unhlanhla Mkhize.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMPHAKATHI ubujabulel­a isigwebo esinikwe unhlanhla Mkhize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa