Kuqhume umkikizo kugwetshwa umbulali
Unina kamufi uthi amaphoyisa amlahlisa ithemba eyobika icala ngenxa yokwesatshwa komndeni wombulali
INHLANZI ishelwe amanzi kowabulala umngani wakhe ecisha ubufakazi, unhlanhla Mkhize (27) ngesikhathi inkantolo enkulu yasethekwini imgixabeza ngodilikajele izolo ngolwesihlanu. Umkhize ulahlwe ngamacala amane, elokubulala umnu Cebelihle Hlongwa (23), elokumthumba, elokumshaya nelokubulala umnu Khalesakhe Jwara (27) owayewumngani wakhe. La macala enzeka Kwadumisa, emzinto ngozibandlela (December) 2021.
Unina kamkhize wehluleke nawukuzibamba, washwabulela umphenyi wecala ngokugwetshwa kwendodana yakhe.
Ijaji M Chetty limlahle ngawo wonke amacala abebhekene nawo. Ugwetshwe iminyaka emithathu ngelokuthumba, ewu-20 kwelokubulala uhlongwa, izinyanga ezintathu kwelokushaya, udilikajele kwelokubulala umngani wakhe ujwara. Lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba, kwavela ukuthi umkhize wathumba uhlongwa ayemsola ngokuntshontsha izimpahla zakhe. Esemthumbile wafonela unina kahlongwa, unkz Makhosazana Hlongwa, emazisa ngalokhu. Wamphoqa ukuba akhokhe imali ewu- R5000, ngezimpahla ezazebiwe ukuze adedele uhlongwa.
Unkz Hlongwa wayikhokha leyo mali, kodwa yagcina ibulewe indodana yakhe. Kwaze kwaphela isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziwu-6, uhlongwa engaziwa ukuthi ukephi, waze watholakala ezimobeni eshonile.
Kwabe sekuboshwa umkhize nojwara ngecala lokubulala uhlongwa. Ngesikhathi besejele umkhize wabhadama ujwara ekhuluma nomndeni wakhe ocingweni, ewutshela ukuthi uzolikhuluma iqiniso ngokuthi wabulawa kanjani uhlongwa, ngeke aboshelwe amahhala. Lokhu kwamcasula kakhulu umkhize, kwathi uma sebephumile ngebheyili wambulala umngani wakhe. Kuvela ukuthi iqhaza likajwara kwaba wukusiza umkhize kuyolahlwa isidumbu sikahlongwa.
Ngaphandle kwenkantolo kuqhume umkikizo ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi usegwetshwe udilikajele umkhize. Umphakathi wasefolweni ubuphume ngobuningi uzokweseka umndeni kahlongwa. Ekhuluma NELANGA
unina kamufi, unkz Hlongwa uthe ujabule ngesinqumo.
“Ngijabule yize ngingeke ngisayithola indodana yami. Ngibonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa. Ngesikhathi ngiqala ukuyobika udaba lwendodana yami obekungukuphela kwayo, amaphoyisa athi njengoba kuthinteka umndeni wakwamkhize, angivele ngikhohlwe ngoba umndeni oyingozi, osatshwayo.
“Ngibonga ukuzinikela kwamaphoyisa asebenze kwaze kwaba sekugcineni. Ngibonga nomphakathi wangakithi obuphume ngezinkani uzongeseka,” esho.