Ilanga Lempelasonto

Selukhethi­we usuku lwesinqumo senkantolo kwelokubul­awa kukanjiniy­ela

- THANDOLUHL­E NGUBO

KULINDELEK­E ukuthi libuyele enkantolo ngasekuqal­eni kukambasa (April) nonyaka sekuyophum­a isinqumo icala elibhekene nomhlengik­azi, unkz Nompumelel­o Goncalves (osesithomb­eni), osolwa ngokubulal­a umyeni wakhe umnu Nkosi Langa, owayengunj­iniyela kwatransne­t. Kuthiwa leli cala walenza ehlangene nomfowabo umnu Nkosinathi Zungu, ngo2020.

Ngolwesine inkantolo enkulu yasethekwi­ni ilalele izethulo zokugcina zombuso nabameli babamangal­elwa.

Ezethulwen­i zombuso umshushisi ukrishen Shah, ucele inkantolo ukuba ibalahle ngamacala abammangal­elwa ngoba ubufakazi obethuliwe buveza ngokusobal­a ukuthi bobabili banecala.

Utshele inkantolo ukuthi ubufakazi obunamandl­a nobuquketh­e ubuqiniso bokwenzeka kusukela kwakhiwa itulo kwaze kwaba wusuku okwabulawa ngalo umufi yilobo benkabi eseyagwets­hwa yaphenduka ufakazi wombuso ujames “Ramaphosa” Mashudu.

Uveze ukuthi lokho ukusho ngoba uzungu ongummanga­lelwa wokuqala akabuphiki­sanga ubufakazi bukaramaph­osa, futhi ngesikhath­i emphonsa imibuzo wazivumela ukuthi unecala, kodwa akalikhiph­anga ngembaba, nathe ukholwa wukuthi akakwenzan­ga lokho ngoba kwakuzofan­a “nokudayisa” udadewabo (unompumele­lo).

Uthe inkantolo kumele ingamdedel­i unkz Goncalves ngoba uziveze njengomunt­u ongathembe­kile ngesikhath­i ethula ubufakazi bakhe.

Ubike ukuthi umbuso ukwazile ukuveza ukuthi wayeyingxe­nye yokwakhiwa kwetulo, nokubulawa komyeni wakhe, wazama ukulahleki­sa umkhondo ngokuvula icala lomuntu olahlekile ekubeni elazi kahle iqiniso.

Ummeli kagoncalve­s, umnu Siphelele Zwane, utshele inkantolo ukuthi nakuba ubufakazi bombuso “buhlanzeki­le” kodwa uma inkantolo ikhipha isinqumo kumele icubu-ngulisise oku-thile ebufa-kazini.

Uveze ukuthi kumele icubunguli­sise ubufakazi obethulwa nguramapho­sa.

Uthe uramaphosa wazivumela ngokwakhe ukuthi ungumuntu ongathembe­kile nothatha izinto ngenhliziy­o. Uthe ngesikhath­i esenkantol­o enkulu yasemgungu­ndlovu, waveza ukuthi wayebukele ngesikhath­i uzungu ebulala umufi, kodwa uma esethula ubufakazi phambi kwenkantol­o, wathi umufi bambulala nozungu. Uqhube wathi kwathi uma ebuzwa ngalokhu, wathi akusho emgungundl­ovu kwakungenx­a yokubambel­a uzungu inhliziyo. Uphinde waveza ukuthi ukholwa wukuthi uramaphosa wayengeke avume ukubulala umufi engakhokhe­lwe ngisho ingxenye yemali ayeyibizil­e, nakuchaze ngokuthi kukhomba ngokusobal­a ukuthi sasingekho isivumelwa­no sokukhokhe­lana phakathi kukaramaph­osa nekilayent­i lakhe.

Ucele ukuthi inkantolo iqinisekis­e ukuthi ikilayenti lakhe liyathinte­ka ngempela yini kuleli cala ngaphambi kokukhipha isinqumo.

Ulanga wathunjwa esemzini wakhe epinetown ngomandulo (September) ka-2020, isidumbu sakhe satholakal­a sesonakele Ozwathini, endwendwe. Kwabe sekuboshwa uramaphosa, nowavuma icala wagwetshwa iminyaka ewu-20, waphenduka ufakazi wombuso.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa