Kusale abawu-6 enkundleni bedudulana namaphoyisa
Ungqongqoshe ufuna kuphenywe ngezibhamu zezinkampani zonogada
UBALULE inkampani eyengamele onogada kuleli iprivate Security Industry Regulation Authority (PSIRA) njengefanele ukubambisana nezinhlaka zikahulumeni ukuze kuthathelwe izinyathelo izinkampani ezingayigcini imithetho elawula ukuphathwa kwezibhamu kuleli, ungqongqoshe wamaphoyisa kuleli umnu Bheki Cele.
Ucele ubekhuluma naleli phephandaba esiteshini samaphoyisa emtshebheni, enanda ngesikhathi ehambele endaweni okusale kuyona enkundleni abesilisa abayisithupha ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwabo namaphoyisa abelandela umkhondo.
Ucele uphinde waphawula nangokudutshulwa kwabantu erenki yamatekisi eport St Johns e-eastern Cape. Uthe kulesi sigameko kubandakanyeka izinkampani zonogada ezintathu. Uthe ezimbili ziphuma Kwazulu-natal, eyodwa ngeyasegauteng. Uthe zonke lezi zinkampani zihamba nonogada abahlala bephethe izinhlokohlela zezibhamu esidlangaleni.
Uveze ukuthi lokhu kuletha ukukhathazeka nokwanda kwabantu abagadwa ngezibhamu kodwa esingekho isiqiniseko sokuthi ngabe zisemthethweni yini lezo zibhamu abagadwa ngazo.
“Uyaye ubone abantu behamba nojenga lwezimoto begadwe ukwedlula ngisho umengameli wezwe. Kuyakhathaza lokhu ngoba iningi lalezi zibhamu zisetshenziswa ukubulala abantu. Maqondana nodlame lwamatekisi, kugcina sekulimala nabantu abangahlangene nezimpi ezisuke zilwiwa. Ngikhuluma nje kulesi sigameko sase-earstern Cape, kudubuleke nomfanyana oneminyaka ewu-11 obengahlangene nokubangwayo.
“Kukhona konke sinxusa IPSIRA ukuba ibambisane nathi ukuze kuhlolwe zonke lezi zinkampani. Uma kukhona inkampani eyephula imithetho, kufanele iphucwe ilungelo lokusebenza. IPSIRA kufanele kubekhona ekwenzayo ukuze kugwemeke ukwanda kwezigameko zalolu hlobo,” esho.
Ubuye waveza ukuthi kuyakhathaza ukwanda kwesibalo samaphoyisa ashiya uhulumeni ayosebenzela izinkampani ezizimele.
“Ukuqeqesha iphoyisa elilodwa kusukela phansi kuze kube liphothula uqeqesho lalo kudla uhulumeni imali ewu-r1,1 million. Akusiphathi kahle ukuphuma kwamaphoyisa ayosebenzela izinkampani ezizimele ngoba kufana nokuthi abantu sibaqeqeshela ezinye izikhungo.
“Sesiluqalile uhlelo lokukulungisa lokho ngokubambisana nezinhlaka ezingaphakathi embuthweni,” kusho ucele.
Leli phephandaba lizamile ukuthola ukuphawula KWEPSIRA kodwa kwangalunga. Ucingo lukankz Glory Mkhavele belungabanjwa. Nemibuzo athunyelelwe yona nge-email akayiphendulanga.
Leli phephandaba lifike endaweni yesigameko lakhuluma nengxenye yomakhelwane babafi, abakhulume okungefani ngabafi.
“Umuntu ebesimazi ukuthi uyena ohlala kulo muzi ngusipho Bhengu, ongumzukulu wakulo muzi. Baningi abantu abahlala befika kulo muzi ngezizathu ezahlukene. Bekubonakala ukuthi kuqhutshwa izenzo zobugebengu ngenxa yempilo ebiphilwa kule ndlu.
“Baningi abantu esihamba phezu kwabo ngenxa yomunye wababulawe ngamaphoyisa, obekuyaye kuthi uma uphambene naye ngokombono unyamalale okanye udutshulwe,” kusho umakhelwane.
Ucele uthe abasolwa abathathu ababoshiwe kulo muzi bazokwethweswa amacala ngemuva kophenyo.
“Amaphoyisa abesebenzisana nabezobunhloli kufunwa abafi, okuthe uma efika endlini yabo bavulela ngezibhamu, bedubula amaphoyisa. Omunye wabo udubule nge-ak47 kwaze kwaba kuphela umagazini.
“Kuboshwe nowesifazane kwabathathu abasinde ngesikhathi kudutshulwana. Kuyakhathaza ukwanda kwabesifazane abathinteka ezigamekweni zobugebengu,” kuphetha ucele.
Khona manjalo kwesinye isigameko esifuze lesi, izolo ngolwesihlanu amaphoyisa atholane phezulu ngezulu lezandla nabasolwa ababili, abebefunelwa amacala okubulala nawobugebengu. Kudubuleke kwalimala abasolwa ababili oneminyaka ewu-34 no 39.