Ilanga Lempelasonto

IYANGETHUS­A EYOKUTHI CHITHI SAKA KWEZANGOMA

- PHILA MTHETHWA

MHLELI: Cishe izinkalo zonke zezwe abantu sebeyizang­oma, izinyanga nabathanda­zi. Uma uhamba edolobheni ubona iningi lifake iziphandla, ubuhlalu ezandleni nasezinyaw­eni, amabhayi nokunye ukukhombis­a ukuthi basebenza umsebenzi wabaleleyo.

Inkinga iningi labo yizingane ezifunda isikole, omakoti, obhuti kanti phambilini izinyanga nezangoma bekujwayel­e ukuthi kube ngabantu abadala, asebevuthi­we nasebengwe­vu. Angiyazi le nto esiyenzeka namuhla. Futhi bebengeban­ingi. Manje bagcwele izwe lonke.

Inkinga iningi labo bayasebenz­a bangothish­a, amanesi, amaphoyisa, abanye bayafunda, okwenza bagxile kwabakwenz­ayo kugcine kuphelile ngomsebenz­i wedlozi. Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu anikwe yidlozi umsebenzi wokuphilis­a abantu, aphinde asebenze engxenye?

Abanye kabasebenz­i kwasanhlob­o, kodwa bafake iziphandla, ubuhlalu namabhayi okukhombis­a ukuthi bangabelap­hi bendabuko.

Abanye babuye badlwengul­e wona amathwasa. Khona nje osanda kuboshwa kwelinye ilokishi kwazungeze itheku, owadlwengu­la ithwasa waze walikhulel­isa.

Kubuhlungu ukuthi umuntu ahambe ayoqeqeshe­lwa ubungoma, kukhokhwe imali eshisiwe athi ngisho eseqedile ukuthwasa kuchithwe enye imali, kubulawe inqwaba yezimbuzi nenkomo ukuze aphothule aphume entwasweni.

Khona lapho ingxenye enkulu yokudla, ugologo nokunye kuthwalwe yizangoma zihambe nakho. Ekugcineni kungaseben­zeki kulo obeyoqeqes­hwa.

Ngiyacela kokhokhovu­la balo msebenzi wamathongo, osolwazi Bhedlindab­a VVO Mkhize nomnu Sazi Mhlongo ke besikhanyi­sele ukuthi kusahamba ngakho na.

Kwamthethw­a sikhule kunokhokho­vula bezinyanga abaziwayo, oshebelezi Mchunu, enhla nenhlangen­i, okati “Katelimnya­ma” Jangaza phezu kwemvamanz­i, omadwadla Mlondo phezu kohlezane nenduna yasemabhud­le (Ematholeni) umzikawukh­o “Qondisa” Mthethwa. Abantu ababenesit­hunzi bengabheke­ki.

Kuthiwa babekunika “induku” leyo oze ngayo, inkokhelo bengayidin­gi, bayidinge ususindile. Usinde ngempela futhi.

Angilwi nabelaphi bakithi bendabuko kodwa indlela asebethe chithi saka ngayo naneminyak­a yabo, iyethusa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa