Ngibonga iqhaza lemeya kwingoma kashameni
MHLELI: Ngithi mangincome amagalelo emeya kamasipala wasenkosi Langalibalele, umhlonishwa umduduzi “Sobholenyoni” Myeza, mayelana nengoma kashameni eyayikwanobamba, enhlabathini yasebathenjini, kwelikangoza.
Le ngoma yangikhumbuza izibongo zesilo sakwadukuza nxa inyosi ithi, “udlondlwane lukandaba luya luhlezi ludlondlobele, lujiyeza abasini bengoma” kwazise kuleli likabhejane ephuma esiqiwini, ingoma iwumdlalo ohlanganisa bonke abantu.
Le ngoma kamasipala oholwa ngusobholenyoni ibingamahlandla amabili. Elokuqala lalikwanobamba kuyingoma kashameni lapho kwahlabana khona iqembu ishanela, yahlabana ngenkomo.
Elesibili ihlandla bekuyingoma yomzansi belisemangweni (Loskop) enhlabathini yobukhosi bakwamazibuko kwelikaphuthini kamashoba.
Ukusungula ingoma kukasobholenyoni kube wubufakazi bokuthi ingane ibhodla ekudlile futhi izimfundiso zomntwana wakwaphindangene ongasekho emhlabeni (umoya wakhe ulale ngokuthula) ziyophila kubaholi benkatha Freedom Party.
Ngancibilika uma ngibona inkosi yamahlubi ulangalibalele wesibili izomisa inkosi yasebathenjini ebusayo. Ukuhambelana kwamakhosi kwakha ubumbano kubantu.
Sibonga nentuthuko yezomgwaqo engayibona kwanobamba (Weenen), ukufakwa kwetiyela kwaletha inhlansi yethemba kubantu bakwanobamba abaziwa ngokuthi bangamabhinca.
Ngiyethemba namaqhawe angasekho akuleya ndawo okubalwa kuwo umnu Stanley Dladla, umoya wakhe ulale ngokuthula, bayagiya lapho bekhona uma unobamba udlondlobala ngentuthuko.
Ngikhuluma nje khona kumasipala oholwa ngusobholenyoni njengoba kuwumasingana (January) okuyinyanga lapho abafundi beya ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukhiphe imali yokubhalisa abafundi ubalekelela.
Imeya umyeza yathi ifisa imfundo inhlonzwe njengosiko ngoba ngisho umntwana wakwaphindangene wayekholelwa emfundweni, yingakho akha izikole namakolishi okubalwa imajuba College nemangosuthu University of Technology
esemlazi. Lokhu kuyizimpawu zokuthi abaholi benkatha badle amaningi esakeni kumntwana wakwaphindangene. Amagalelo kamyeza ayezwakala engesawoti. Ngonyaka ofile kwathi kufike inkosi yamanazaretha umduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, imeya yakhipha inkomo, yathi icelela ngayo umphakathi wasenkosi Langalibalele ukuba ungahlupheki ezweni lawo. Ngibonga nomoya wenhlonipho okwimeya. Ngibonga nemenenja kamasipala umnu S.B Mthembu, ngithi khula Ngoza ube ngangezintaba zakwazulu, ubuholi bakho siyabubona kwazise alukho udwendwe olusina lungenazibukeli, niyobongwa emazulwini zinsizwa zakithi.