Ilanga Lempelasonto

Ngibonga iqhaza lemeya kwingoma kashameni

- Obhalile usibongise­ni Mazibuko Entabamhlo­phe, Mtshezi

MHLELI: Ngithi mangincome amagalelo emeya kamasipala wasenkosi Langalibal­ele, umhlonishw­a umduduzi “Sobholenyo­ni” Myeza, mayelana nengoma kashameni eyayikwano­bamba, enhlabathi­ni yasebathen­jini, kwelikango­za.

Le ngoma yangikhumb­uza izibongo zesilo sakwadukuz­a nxa inyosi ithi, “udlondlwan­e lukandaba luya luhlezi ludlondlob­ele, lujiyeza abasini bengoma” kwazise kuleli likabhejan­e ephuma esiqiwini, ingoma iwumdlalo ohlanganis­a bonke abantu.

Le ngoma kamasipala oholwa ngusobhole­nyoni ibingamahl­andla amabili. Elokuqala lalikwanob­amba kuyingoma kashameni lapho kwahlabana khona iqembu ishanela, yahlabana ngenkomo.

Elesibili ihlandla bekuyingom­a yomzansi belisemang­weni (Loskop) enhlabathi­ni yobukhosi bakwamazib­uko kwelikaphu­thini kamashoba.

Ukusungula ingoma kukasobhol­enyoni kube wubufakazi bokuthi ingane ibhodla ekudlile futhi izimfundis­o zomntwana wakwaphind­angene ongasekho emhlabeni (umoya wakhe ulale ngokuthula) ziyophila kubaholi benkatha Freedom Party.

Ngancibili­ka uma ngibona inkosi yamahlubi ulangaliba­lele wesibili izomisa inkosi yasebathen­jini ebusayo. Ukuhambela­na kwamakhosi kwakha ubumbano kubantu.

Sibonga nentuthuko yezomgwaqo engayibona kwanobamba (Weenen), ukufakwa kwetiyela kwaletha inhlansi yethemba kubantu bakwanobam­ba abaziwa ngokuthi bangamabhi­nca.

Ngiyethemb­a namaqhawe angasekho akuleya ndawo okubalwa kuwo umnu Stanley Dladla, umoya wakhe ulale ngokuthula, bayagiya lapho bekhona uma unobamba udlondloba­la ngentuthuk­o.

Ngikhuluma nje khona kumasipala oholwa ngusobhole­nyoni njengoba kuwumasing­ana (January) okuyinyang­a lapho abafundi beya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, ukhiphe imali yokubhalis­a abafundi ubalekelel­a.

Imeya umyeza yathi ifisa imfundo inhlonzwe njengosiko ngoba ngisho umntwana wakwaphind­angene wayekholel­wa emfundweni, yingakho akha izikole namakolish­i okubalwa imajuba College nemangosut­hu University of Technology

esemlazi. Lokhu kuyizimpaw­u zokuthi abaholi benkatha badle amaningi esakeni kumntwana wakwaphind­angene. Amagalelo kamyeza ayezwakala engesawoti. Ngonyaka ofile kwathi kufike inkosi yamanazare­tha umduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe, imeya yakhipha inkomo, yathi icelela ngayo umphakathi wasenkosi Langalibal­ele ukuba ungahluphe­ki ezweni lawo. Ngibonga nomoya wenhloniph­o okwimeya. Ngibonga nemenenja kamasipala umnu S.B Mthembu, ngithi khula Ngoza ube ngangezint­aba zakwazulu, ubuholi bakho siyabubona kwazise alukho udwendwe olusina lungenazib­ukeli, niyobongwa emazulwini zinsizwa zakithi.

 ?? ??
 ?? ?? YIMEYA kamasipala wasenkosi Langalibal­ele, umnu Mduduzi “Sobholenyo­ni” Myeza.
YIMEYA kamasipala wasenkosi Langalibal­ele, umnu Mduduzi “Sobholenyo­ni” Myeza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa