Ilanga Lempelasonto

USHALULILE UZIMISELE UKUBUYISA ISITHUNZI SAKHE NGOKUBUKIS­A NGEBAFANA

- SENZO SOKHELA

UFUNA ukubuyisa isithunzi sakhe ngeqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana umgadli wenamibia nemamelodi Sundowns emdlalweni we-africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-ivory Coast.

Inamibia izobhekana nebafana kowe-afcon kusasa ngesonto ngo-20h00.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola njengoba ungase ucacise ngekusasa lala makilabhu kulo mqhudelwan­o.

Ibafana kufanele iwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu ngoba uma ingehlulwa kuyobe kusho ukuthi kufanele ibambe ibhanoyi elibuyayo.

Kanti inamibia yona uma inganqoba iyozibeka ethubeni elihle lokudlulel­a esigabeni somkhumula­jezi.

Inamibia iyivule kahle le midlalo iguqisa ngo-1-0 wegoli likadeon Hotto itunisia, kanti ibafana yona ishaye udaka ihlulwa ngo-2-0 yimali.

Upeter Shalulile ongumgadli wenamibia uthi ufuna ukugeza igama lakhe ngebafana kulo mqhudelwan­o.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emdlalweni wetunisia, ushalulile ushwebe inqwaba yamathuba alula avamise ukuwashaya kalula uma ekwisundow­ns.

“Umdlalo wethu nebafana uzoba nzima kodwa futhi uzoba mnandi. Okuhle ngawo wukuthi siyazana kwazise abadlali bethu abaningi badlala eningizimu Afrika sijwayelen­e nabo. Silindele umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu kubona kwazise kufanele bawunqobe kumnyama kubomvu kanti nathi ngokunjalo kuyaphoqa ukuthi siwunqobe.

“Sifuna ukuqopha umlando njengoba singakaze sidlulele emzuliswan­eni olandelayo. Nami ngokunjalo ngifuna ukugeza igama lami ngishwebe amathuba alula emdlalweni wetunisia. Kuzofanele ngikore kulo mdlalo webafana ukuze ngibuyelwe wukuzethem­ba,” kusho ushalulile.

Uthi kukhulu abakufunde emdlalweni wetunisia.

“Umdlalo wetunisia usiqinise ukhakhayi wenze abantu bavula amehlo kwazise bebengasin­iki lutho. Ubunzima lo mdlalo bawatholil­e amathuba sasizwa ngunozinti wethu. Kodwa-ke njengoba siya kulo mdlalo webafana ngimtsheli­le umqeqeshi ukuthi ngizokuqin­isekisa kulokhu ukuthi ngiba bukhali phambi kwamapali. Noma kanjani ngizokwenz­a kangcono,” kusho ushalulile.*

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAPGEP­IX ?? NGUPETER Shalulile ongumgadli wenamibia kwi-afcon.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAPGEP­IX NGUPETER Shalulile ongumgadli wenamibia kwi-afcon.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa