Ilanga Lempelasonto

Kugujwa ukunqoba kweningizi­mu Afrika kwi-icj

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

UKUNQOBA kweningizi­mu Afrika enkantolo yamazwe yezobulung­iswa, ebizwa ngokuthi yiinternat­ional Court of Justice (ICJ) ehague, enetherlan­ds, kulethe injabulo kuleli nakwamanye amazwe eseka ipalestine.

Kwisinqumo esethulwe yijaji ujoan Donoghue ngolwesihl­anu, I-ICJ ivune iningizimu Afrika kwisicelo sayo sokuba inqume ngezinyath­elo zesikhasha­na okumele zithathwe yi-israel ukuze kuvikelwe abantu basepalest­ine, empini ephakathi kwe-israel negaza.

I-ICJ ithe i-israel kumele ithathe izinyathel­o zokugwema izenzo zokuqothwa kwabantu egaza.

Le nkantolo iyalele i-israel ukuba iqinisekis­e ngokushesh­a ukuthi amasosha ayo kawabulali abantu basepalest­ine, futhi kawabalima­zi ngokomzimb­a nangokweng­qondo.

Nakuba inkantolo ingasemuke­langa isicelo seningizim­u Afrika sokuba ikhiphe umyalelo wokuba i-israel ibeke phansi izikhali ngokushesh­a, kodwa le nkantolo ikubeke kwacaca ukuthi i-israel kumele iyeke ukubulala, ukulimaza, nokucekela phansi impilo yabantu basepalest­ine.

Futhi inkantolo iyalele nokuthi i-israel kumele yenze isiqinisek­o sokuthi akuphazami­seki ukuthunyel­wa egaza kosizo oluqhamuka kwamanye amazwe.

Emasontwen­i ambalwa edlule I-ICJ ilalele izethulo zeningizim­u Afrika ekholwa wukuthi okwenziwa yi-israel egaza kuwukuqoth­a ngenhloso yokuqeda nya ngabantu basepalest­ine abahlala egaza.

Kulezo zethulo zayo iningizimu Afrika inxuse le nkantolo ukuba ikhiphe umyalele ophuthumay­o izinsolo zeningizim­u Afrika zokuthi ekwenzayo kuwukuqoth­a abantu basepalest­ine ngenhloso yokubaqeda nya, yathi yona ekwenzayo wukuzivike­la ngoba yihamas yasegaza eyaqala ukuhlasela kwa-israel mhla zingu7 kumfumfu (October) ngonyaka odlule.

I-israel yaphinde yanxusa I-ICJ ukuba isichithe isimangalo seningizim­u Afrika, futhi isikhiphe nasohlwini lwamacala asenkantol­o lesi simangalo.

Nokho I-ICJ isichithil­e leso sicelo se-israel sokuba leli cala lichithwe futhi likhishwe ohlwini lwamacala azohlalelw­a yile nkantolo.

 ?? ?? wokuba i-israel ibeke phansi ngokushesh­a izikhali ukuze kuvikelwe abantu basepalest­ine. Kwizethulo zayo i-israel yazichitha
wokuba i-israel ibeke phansi ngokushesh­a izikhali ukuze kuvikelwe abantu basepalest­ine. Kwizethulo zayo i-israel yazichitha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa