Ilanga Lempelasonto

ISIGUNGU ESIPHEZULU SE-ANC SIDINGIDA NGEKAZUMA NE-MK

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

INDABA kamnu Jacob Zuma owayengume­ngameli wezwe nomengamel­i WE-ANC, neqembu elisha umkhonto wesizwe (MK) asehamba nalo manje futhi alikhankas­elayo njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelon­ke nezifundaz­we, ingenye yezinto ezizodingi­dwa emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu SE-ANC.

Lesi sigungu sihlangene kule mpelasonto ebirchwood Hotel, Ekurhuleni. Ngaphandle kwayo le ndaba yemk nozuma, kunezinto eziningi ezahlu-kene ezizodingi­dwa ezithinta inhlangano kanye nezithinta izwe.

Emva kwalo mhlangano wesigungu esiphezulu oqale ngolwesihl­anu, kuzobe sekungena ilekgotla YE-ANC ngesonto, yona ezogoqwa ngomsombul­uko.

Esithangam­ini sabezindab­a ngolwesihl­anu ekuseni okhulumela I-ANC unkk Mahlengi Bhengumots­iri uthe kuningi okuzodingi­dwa kulo mhlangano.

Ubale ukuthi kuzodingid­wa ngesinqumo senkantolo yamazwe yezobulung­iswa, ebizwa ngokuthi yiinternat­ional Court of Justice (ICJ), esimayelan­a nesimangal­o seningizim­u Afrika esithinta ukubulawa kwabantu epalestine. Ubale nokuthi kuzodingid­wa nangesimo sepolitiki ezweni, kuphinde futhi kubhekwe umbiko wekhomishi­ni YE-ANC ebizwa nge-integrity Commission, eqondene nendlela yokuziphat­ha kwamalungu enhlangano.

“Ilekgotla izobhekana nezindaba ezibalulek­ile ezifana nokuhanjis­wa kwezidingo (service delivery), indima yengqalasi­zinda yezokuthut­ha ekukhuleni nasekuthut­hukisweni (kwezwe), ezohulumen­i basekhaya kanye nezidingo eziyisisek­elo, uhlaka lwethu lomqulu wokhetho luka-2024, kanye nohlelo lwethu lonke lokusebenz­a onyakeni u-2024,” kusho unkk Bhengu-motsiri.

Indaba yokusungul­wa kwemk ingenye yezinto eziqukethw­e wumbiko wenational Working Committee (NWC) owethulwe kulo mhlangano.

Nakuba unkk Bhengu-motsiri ekuqinisek­isile KWISABC ukuthi le ndaba iyabandaka­nyeka kulo mbiko owethulwa ngunobhala jikelele WEANC egameni lalesi sigungu, kodwa uthe akukhona ukuthi yiyona ndaba enkulu okuzogxilw­a kuyona.

Uthe ziningi izinto ezisemqoka ezizodingi­dwa.

 ?? ?? NGUMNU Jacob Zuma
NGUMNU Jacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa