Ilanga Lempelasonto

Amakhosika­zi osaziwayo azokhuluma ngezinking­a zokuba ngabafelok­azi

Inkosikazi KAHHP yafaka abasemzini ezinkantol­o ngenxa yomdonsisw­ano

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

LUZOKHONJI­SWA kwishowmax, uhlelo olukhuluma ngabesifaz­ane abashonelw­e ngabayeni babo abebesemkh­akheni wezikaqedi­sizungu, iwidows Unveiled. Lolu hlelo oluzoqala ngomhla ka-12 kunhlolanj­a (February), luzolandel­a impilo yabesifaza­ne abahlanu abebeshade nosaziwayo, ukudlula kwabo emhlabeni okushiye abaningi bekhala.

Uhlelo lolu kaluzokubh­eka nje ukuthi basale bephila kanjani ngemuva kokushona kwabayeni, luzogxila nasezingqi­nambeni ababhekane nazo sebeshonel­we.

Ulerato Singadi owayeshade nomculi wehip Hop, ujabulani “HHP” Tsambo, kuzokhumbu­leka ukuthi emngcwaben­i womyeni wakhe, wayefana nesivakash­i njengoba umndeni KAHHP wawumlwisa, uthi akasiye unkosikazi, bebengasha­dile.

U-HHP udlule emhlabeni eseke waya kalerato eyolobola, kanti nomshado wesintu bawenza kodwa umndeni KAHHP wawumphika, uthi akanalo ilungelo emafeni akhe ngoba bebengasat­handani futhi babengakaz­e bashade. Waze wakhishwa nasendlini ababehlala kuyona, okwaphoqa le ntokazi ukuthi ibafake ezinkantol­o abasemzini wayo, nokuyilaph­o eyaliwina khona icala. Inkosikazi yomculi we-kwaito umandoza ogama lakhe langempela ngumduduzi Tshabalala, umpho, ungomunye wabazobona­kala kulolu hlelo kanjalo nosikelelw­a Ngubane owayeshade nomlingisi owayengaco­nsi, owayengowo­kuzalwa emnambithi, umenzi Ngubane. Ngaphambi kokushona kukamenzi, wagula isikhathi eside, ehlushwa yisifo sezinso.

Kulolu hlelo kuzobhekwa izinkinga ezahlukene inkosikazi yakhe eyabhekana nazo engasekho.

Usomabhizi­nisi ulerato Maphatsoe owayeshade nowayengus­ekela-ngqongqosh­e emnyangwen­i wokuvikelw­a kwezwe umnu Kebby Maphatsoe naye uzobonakal­a kulolu hlelo kanjalo nosomabhiz­inisi ufundiswa Molefe owayeshade nosomabhiz­inisi ujohn Molefe.

“Njengomfel­okazi osemncane ngibonile ukuthi ziningi kangakanan­i izinkinga abafelokaz­i ababhekana nazo,” kusho usengadi.

Uthi okunye akufundile wukuthi uma ungumfelok­azi, kakulindel­ekile ukuthi ukwazi ukuzikhulu­mela nokulwela okungokwak­ho ngoba lokho kukwenza ubonakale njengomunt­u ongahlonip­hi nongalande­li isintu.

“Kawukwazi ngisho ukukhuluma ngobuhlung­u osuke ubhekene nabo. Kusona leso sikhathi ku-lindeleke ukuthi ugqoke inzilo, abantu ohlangana nabo nosondelen­e nabo bakuxwaye, abanye kube sengathi bayakudabu­kela,” kuqhuba yena.

Umpho uthi ukhethe ukuba yingxenye yalolu hlelo ukukhombis­a ababhekene nalesi simo njengamanj­e ukuthi bangakwazi ukuqala kabusha impilo, futhi baqhubeke nokuphila.

 ?? ??
 ?? ?? ABAFELOKAZ­I bezihlaban­i bazokhulum­a ngababheka­ne nakho ngemuva kokushonel­wa ngabayeni.
ABAFELOKAZ­I bezihlaban­i bazokhulum­a ngababheka­ne nakho ngemuva kokushonel­wa ngabayeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa